Ngidi

AbakwaNgidi ::::






Abantu bakwaNgidi bangaManguni angamaLala ngokwezigaba zobunguni. Phela abantu bakwaNgidi baphuma ozalweni lukaVumizitha wazala abakwaNgcobo. Abantwana bakaVumizitha abaziwayo uNgcobo, uMkheshane kanye noNgidi. Akucaci ukuthi balamana kanjani kodwa siyazi ukuthi kungenzeka ukuthi bazalwa omama abahlukene. Umlando uyakuveza ukuthi uVumizitha wayeliqhamukisa kwelakwaMthethwa kodwa wazinza kwelaseNkandla. UNgidi njengezinye zezingane zikaVumizitha wakhulela khona ezintabeni zaseNkandla.Kunemibono eyahlukahlukene ngempilo kaNgidi; abanye bathi kwathilapho sekufanele kubekwe umuntu ozophatha abantu, uNgidi wahambawayogeza emfuleni isikhathi eside. Kuthe esahambile kwabekwa uNgcobo ukuba aphathe abantu. Kuthiwa yikho uNgcobo ethoshwa ngokuthi‘Ngcobo omkhulu’ ngoba wathatha isihlalo sobukhosi kanti kuNgidi kuthiwa ‘Ngid’omhlophe’ ngoba wachitha isikhathi eside egeza emfuleni.UNgidi wabe esejokola esehamba, engaselutho. Kuthiwa ngokubona leso sigameko base bemxoshisa ngohlangothi lwenkomo okwenza ukuba babe oHlomuka ngoba bahlomula uHlangothi lwenkomo.Okunye okuvelayo ngoNgidi okufakazelwa yibo bonke abantu bakwaNgidi ukuthi wayenolwazi olunzulu lwamakhambi. Wayelapha abantu abaningi,ikakhulukazi laba ababengamakhosi. Kuthiwa uNgidi wahletshelwa ngabantu ukuthi uzobulawa ngoba esize imbangi yenkosi. Kuthiwa lowomuntu wathi, ‘Bophela mfo kaNgidi, bayeza bazokusoconga ebusuku’.Kuthiwa ilapho-ke kwavela khona isibongo sakwaBophela. Endaweni yaseMakhabeleni eKranskop kuthiwa kade sikhona lesi sibongo sisetshenziswa kakhulu amadodakazi akwaNgidi. Bathi uBophela wasetshenziselwa ukudusa umkhondo ngoba bawela uThukela bebalekela izimpi ezazibheduke eNkandla. Kanti eGingindlovu bathi uBophela isithakazelo esavela ngesikhathi ukhokho wabo uNovela ebophele izinkomo zabantu wahamba wayolima ngazo engazicelanga.

Izithakazelo zakwaNgidi Jikelele

Ngidi , Hlomuka
Bophela
Dlokwe lwendlovu
Mlalazi kaNoxhaka
Mnguni
Khuzwayo


Izithakazelo ngokwezindawo

ENdonyama :

Ngidi Hlomuka
Mlalazi kaNoxhaka
Makhubula ngembiza yotshwala
Dlokwe lwendlovu
Ulaka olwathengwa ngembuzi emhlophe
Nina enigeza ngenhla
Abanye bephuza ngezansi

EHarding::

Ngidi , Hlomuka, Bophela
Mlalazi kaNoxhaka
Ludloko lwendlovu
Smnyathuza
Mnguni
Mnguni kahambi ngendlela
UMkhwenyana kahlathi
Wena lulaka lwathengwa ngembuzi
Naleyo mbuzi kwakuyimpongo

ENcwadi :

Ngidi , Hlomuka

Bophela

Mpongoz’emhlophe
Mashwini
Shongololo
Mthomb’owaqhum’ezintabeni sawukhasela
Impondo zasala eGolokodo
Nosham’odl’umsingizane
Ludloko lwendlovu
Xam’oququd’umsingizane

EMvoti ::

Ngidi , Hlomuka
Bophela
Mlalazi kaNoxhaka
Ludloko lwendlovu
Nomasikisiki inyoni esindwa isisila sayo

KuMbumbulu :

Ngidi , Hlomuka
Mnguni , Khuzwayo
Ngcumbela
Mlalazi kaNoxhaka
Ludloko lwendlovu

EMkhambathi ::

Ngidi , Hlomuka
Mnguni , Khuzwayo
Godukela bheceni
Mafuyanduna
Mthiya
Nakanaka ngiyasala
Mgungudi wamadoda
Ngubende

EMzinyathi :

Ngidi , Hlomuka
Mlalazi kaNoxhaka
Fuyana ofuy’izinkomo abanye befuya izinja
Hlamba ngenhla abafokazane behlamba ngezansi

EMakhabeleni :

Mazinga, Mnguni, Hlomuka
Nina bakaNyama yenyamazane aniyidli
Udl’intenesha
Nina bakaMnguni kakhokhobi
Njengosobhaciya
Bhadama
Mahlinzela abahlinzela ngayizolo



EGingindlovu




Ngidi , Hlomuka elihle elimhlophe
Ngqibela ngenungu abafokazana bengqibela ngezithwana zabo
Sishungu sezulu
Bophela owabophela izinkomo zamadoda
Nkomazana wena wenkomankoma ekhanga abalondolozi
Novela , wena kaNqandlani ngalena kwentaba
Wena weLala elalala nomunwe endunu
Lavuka lancinda lakhwifa ilanga, kwasa koma umunga
Ndondo kaMandiza kaNdolongwane





Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo