Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mngadi

Ngokudabuka abantu bakwaMngadi bangabozalo lukaMalandela kaLuzumane uyise kaZulu noQwabe . Lokhu kuchaza ukuthi bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni . Ngokomlando sithola ukuthi uMalandela eminyakeni yawo-1670 wahamba nabuntu bakhe walibhekisa ngasogwini lolwandle i-Indian Ocean. Wawela imifula uMphembeni noMkhumbane ,wanqamula amagquma aseMthonjaneni wayomisa esigidini somfula uMfule. Basuka lapho bagudla lo mfula ngasesandleni sokunxele .Izulu labe lina , liyidliva ngempela. UMalandela nelinye iqembu labantu bakhe baphumelela ukuwela umfula ungakagcwali kakhulu. Kodwa-ke elinye iqembu... qhubeka ufunde »

Masondo

Abantu bakwaMasondo baphuma kubantu bakwaMthethwa ,okusho ukuthi bangabaNguni abangamaLala njengabo abantu bakwaMthethwa. Abantu bakwaMthethwa baqhamuka enhla nezwe njengabo bonke abeNguni. Isibongo sakwaMthethwa savela ngoMthethwa indodana kaMantiwane waseMbo . UMthethwa yena wazala amadodana amabi... qhubeka ufunde »

Zondi

Abantu bakwaZondi bangamaNguni angamaLala ngokwezigaba zabeNguni . Abantu bakwaZondi batholokala kulo lonke leli lakwaZulu Natali nakwezinye izindawo kuleli laseNingizimu Afrika , kanye naseSwazini imbala . Lesi sibongo sinabantu abaningi futhi kunamakhosi abusayo ezabelweni zawo . Esifundeni saseMg... qhubeka ufunde »

Sokhela

Abantu bakwaNzuza bafika kwelakwaZulu bephuma ezweni laseLesuthu . Babehamba bezifunela indawo yokwakha . Kuthiwa inkosi uSenzangakhona , yayifuna ukuqinisa impi yayo ngoba amanye amakhosi afana noPhungashe wakwaButhelezi , oMacingwane waseMachunwini ayehlezi eyinqoba kalula uma elwa nayo . Ngenhlan... qhubeka ufunde »

Mdlalose

AbakwaMdlalose: Inzalabantu yalesi sizwe sakwaMdlalose kwabe kunguDikane owazala uNhlaka,uGada, uZililose[intombazane] kanye noNjomela,Abantu bakwaMdlalose bagqama kakhulu ngesikhathi sebephethwe uNhlaka indodana kaDikane..Izwe lika Nhlaka lisuka eMziyathi kuze e Utrecht kuqonde eMbilane ngaseHlaban... qhubeka ufunde »

Sikhakhane

Abantu bakwaSikhakhane bavele ngoSikhakha wakwaXulu. Bathi uSikhakha lona welelesa watholakala encinda odengezini olwaluncinda amakhosi akwaXulu kuphela. USikhakha yena wayengesiye owendlu yasebukhosini , ngakho wayengafanele ukuncinda kulolu dengezi . Lokhu kwakusho umbango . Ngakho-ke indlela yoku... qhubeka ufunde »

Zulu

Izibongo zeSilo uShaka kaSenzangakhona INyosi : uMxhamama kaSoshaya wakwaSibisi UDlungwane kaNdaba*!UDlungane woMbelebele!Odlung’emanxululumeniKwaze kwasa amanxuluma esebikelana UMjokwane aNdabaUsalakutshelwa usalakunyenyezelwaUsishaka kasishayekiUnodumehlezi kaMenziIlembe eleq’amanyeAma... qhubeka ufunde »

Khwela

Abantu bakwaKhwela bangabanye bendlu kaQwabe. Noma nengabalulekile emlandweni kangangokuthi abanye baze bathi akusiwona amaZulu kahle ngoba bengazelwa lutho. Kodwa kuthiwa uTotose indodana kaLufutha waxabana nabo wase ebashiya wakhwela izintaba wayokwakha komakhelwane bakhe ezintabeni baseMangangeni... qhubeka ufunde »

Sibiya

AbakwaSibiya.. Badabuka eMhlathuze. BangamaNtungwa Nguni ngokwezigaba zobuNguni Bazalwa uMalandela obeyinkosi yaMaNguni endlini encane, phela endlini enkulu uMalandela wazala uQwabe owazala abakwaQwabe, kanye nomnawakhe uZulu owazala abakwaZulu. UKUDABUKA KWABANTU BAKWASIBIYA  KUSUKELA EZINSIZW... qhubeka ufunde »

Mseleku

Endlini encane yakwaMaphumulo ilapho kuphuma khona abantu bakwaMseleku. Ukuze babe ngabantu bakwaMseleku yingoba kwathi kuhlasele impi bonke abantu bebaleka bona banele bafika osebeni lolwandle base bayakhohlwa ukuthi kuyabalekwa balibala ukuzidlela lokhu okwakubizwa ngokuthi ngamaseleku[okungamasen... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!