Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mgwaba

Izithakazelo zakwaMgwaba. >>>. Mbhense! Mgwaba! Bhensela, Sindane, Sibind’ esimnyama nenyongo yaso. Wena kaMpiko, Ntombi kazendi, zenda ngonyezi Ngoba ngomnyama zesaba ukuqhuzuka Nyath’ emnyama kaSobhalabhala Nin’ abahle njengomkhono wendlovu Nina bakwaZulu Mhoboyi kaMpiko. >>>>>>>>> Umlando wakwaMgwaba: Indodana kaMbhense ogama layo kwakuwuMgwaba kwakuyiqhawe nensizwa enogazi emndenini wakubo. Kwahamba kwaze kwathiwa abantu ababengaphansi kwakhe babizwa ngaye kwaba abakwaMgwaba. Lokhu okuveza insila nohlanga labo ukuthi badabuka kwaMbhense. Baziwa ngo... qhubeka ufunde »

Jali

I

Nene

Izithakazelo zakwaNene >>>>>> Nene! Sithenjwa! Vezi! Mngadi kaNgema Madlokovu Owadlokovula imifula, bethi imifula yenile! Igcwele izingwenya nezingonyama, Madlokovu eseMphungandlu eMthonjaneni! Madlokovu sabela uyabizwa eNkonjeni. Sithuli saseNgweni esingasho lutho kumuntu Nqoyi, M... qhubeka ufunde »

Chili

Izithakazelo zakwaChili  >>>>>>>> Mthuyi, Mnguni! Qwabe kaNozidiya, Khuzwayo! Mlamlankunzi Ungaziyeka zibulalane Mthatathu kaGumede, Nin’ eniguvuzela umuntu ngehemu lakhe. Isigogo esisind’ abatshathi. Donga olulal’ amankentshane Nina bas’ Ongoye. Mbuse, Malinda L... qhubeka ufunde »

Sokhulu

AbakwaSokhulu Abantu bakwaSokhulu babakhelane nabakwaKhumalo ngaseMfolozi emyama. Bathi indoda yakwaSokhulu yayishiya indawo yakubo yalibhekisa ngasolwandle lapho kwakwakhe khona isizwe sakwaMthethwa siphethwe inkosi yaso uKhayi kaXaba. Le ndoda igama layo kwakunguDlabela kaSikhangane kaNoxoko ... qhubeka ufunde »

Ntshangase

AbakwaNtshangase .……………………..Abantu bakwaNtshangase kanye nabakwaBiyela bavela emzini wenkosi uNdaba indodana kaMageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaGumede. BangaMantungwa Nguni, njengabo abantu bakwaZulu(isibongo). UNdaba wayenemizi yakhe em... qhubeka ufunde »

Nyawo

AbakwaNyawo!! Abantu bakwaNyawo bangamaNtungwa Nguni, akubona abeSwazi . Okwenza ukuthi abantu bakwaNyawo kube sengathi bangabeSwazi ukuba basuke bayokwakha emngceleni wabeSwazi lena ngakwaHlathikhulu lapho kugcwele amathuna amakhosi akhona. Indawo lapho kutholakala khona abantu bakwaNyawo kusuka ph... qhubeka ufunde »

Msomi

AbakwaMsomi!!!(Noma ngithi abantu baseMasomini) nabakwaMeyiwa …………………………………………………………………… Abantu baseMasomini kuthiwa babengabantu noma ngithi ba... qhubeka ufunde »

Mbonambi

AbakwaMbonambi ! …………………………………… Abantu bakwaMbonambi batholakala phakathi kwesizwe sakwaMthethwa kanye noLwandle. Bagcwele kuyo yonke le ndawo ebizwa ngokuthi manje kukwaMbonambi. Ukudabuka kwabantu bakwaMbonambi kuy... qhubeka ufunde »

Mbatha

Abantu bakwa Mbatha Abantu bakwaMbatha bazalwa uMageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane laMnguni kaGumede. UMageba yena wazala uMpangazitha[endlini encane] owazala uNdaba. Abantu baseMambatheni babethophana ngokuthi Ndaba kaMpangazitha, Ndaba kaZitha. Kwase kuvela isithakazelo sabo esithi ‘N... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!