Sokhulu

AbakwaSokhulu



Abantu bakwaSokhulu babakhelane nabakwaKhumalo ngaseMfolozi emyama. Bathi indoda yakwaSokhulu yayishiya indawo yakubo yalibhekisa ngasolwandle lapho kwakwakhe khona isizwe sakwaMthethwa siphethwe inkosi yaso uKhayi kaXaba. Le ndoda igama layo kwakunguDlabela kaSikhangane kaNoxoko 

Uma efika kuKhayi ekhonza kuye ekhonzela indawo yokwakha….
INKosi uKhayi yathi ekumemukeleni kwayo uDlabela kaSikhangane 
akahambe ayohlasela amaThonga akwaNhlenga
adle umhlaba wawo.    
La maNhlenga ayakhe ngezansi
neMfolozi emnyama.. Nangempela wakwenza lokho uDlabela kodwa ngokungabikho kwenhlanhla
wenqotshwa kuleyo mpi. Wabuyela kuKhayi
engaphethe lutho. Kodwa ngenxa yokuthi
wayeyifuna indawo futhi etsheliwe ukuthi uma
ebanqobile laba bantu indawo sekuyoba eyakhe leyo.
Ngakho- ke wafuna usizo kwabanye abantu . Kuleso sikhathi kwakhona abantu nabo ababefuna indawo yokwakha beqhamuka ngaseSwazini ,kungabakwaNyawo..Sebehlangene
nabakwaNyawo bakwazi ukuwanqoba amaNhlenga bawudla umhlaba wawo…..Ekukhothameni kuDlabela kwathatha indodana yakhe uLanga. ULanga wayebusa isizwe sakwaSokhulu ngesikhathi sikaJobe kaKhayi [uyise kaDingiswayo] wakwaMthethwa….
 UJobe wayemthanda kakhulu uLanga ngoba waze wathatha indodakazi
yakhe wayiganisela uLanga, lendodakazi
yakwaMthethwa yathola ingane yomfana ambiza
ngokuthi nguNqoboka owayebuye aziwe ngokuthi nguMazwi, owakhulela kwaMthethwa ekhuliswa nguDingiswayo kaJobe bekanye noShaka…..Baqala lapho ukuba ngabangani noShaka…

Kwathi ekukhothameni kukaLanga uyise kaNqoboka  kwaba
khona umbango wokuthi ngubani ozothatha
ubukhosi phakathi kukaNqoboka nomfowabo
uNondlovu.

UNondlovu wayethande ukuba
namandla kunomfowabo uNqoboka kodwa ngenxa yosizo
lukaDingiswayo owanika uNqoboka ibutho elinamandla , wamchitha  uNondlovu nabalandeli bakhe….Ukuze azinze kahle uNqoboka ngosizo lukaDingiswayo , wahlasela izizwe ayakhelane nazo. Wahlasela uSibhaca waseMagengeni kanye noKhonjwayo waseMazimeleni .. Ngale mpumelelo yakhe uNqoboka , kwafanele ahambe ayobonga kuDingiswayo . Kulapho ekuvakasheni kwakhe kwaMthethwa lapho uShaka amabona khona kwathi noma uNqoboka emdala kunaye kodwa wamthanda. Ngokuthi uShaka wayekabi yilutho ngaleso sikhathi kodwa wazama okuzisondelanisa naleli qhawe … .

Kwathi uDingiswayo esekhotheme ebulewe nguZwide
abakwaSokhulu  bangenwa yitwetwe babaleka eMatigulu
baze babuya ngoba uShaka esehlule uZwide .
uZwide kanti naye luqobo uNqoboka wabamba elikhulu iqhaza ekunqotshweni kukaZwde enqotshwa nguShaka egqumeni lakwaGqokli Ondini, wayengeye yezinduna zebutho lakwaZulu.

UNqoboka waba umngane omkhulu
weLembe… kanti waphila eside iskhathi kwaze kwabusa uCetshwayo. Kwathi esemdala kwaba
nombango emadodaneni akhe, uNontsobo kanye
noGcabashe.. Wehlulwa uGcabashe wabulawa.
kodwa uNqoboka akumphathanga kahle lokho,
wabuye waphakamisa uMaphumane ukuba
abangise uNontsobo, kodwa wehlulwa naye uMaphumane wabalekela ngaphesheya koThukela…Bathi uNqoboka wafa esegodukiswa yinceku yakhe ngokubonisana nendodana.




Amakhosi akwaSokhulu


UNoxoko

USikhangane


UDlabela


ULanga


UNqoboka


UNotshobo


UDlemudlemu                  UMaqondo




UMhawu.. 




Inkosi  ephethe manje nguNhloleni kaMhhawu
kaDlemudlemu.. 


Izithakazelo zakwaSokhulu..

Zondo 
Mthiyane,
NQOBOKA,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda,
Luvono,Mzwili,
Luvuno Sokotshane!

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo