Mncube

AbakwaMncube Ncube


…………………………………………………………………………

Abantu basemaNcubeni ungababiza Mncube,
Ncube noma Ke Sincuba iqiniso kusengabantu ababodwa laba. Labantu badabuka eLusuthu esizweni lesi sabeSuthu okungakuthi nabo bangabeSuthu.
Sibathola bona
sebezinze laphaya entabeni Intabazwe (Harriesmith) nasOndini
(Underburg), Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulababantu nguye uMncube uqobo. Yena
wazala uMzilankatha owazala uMlotshwa yena wazala uSiyobi owazala uMadlozi.
Bafike kuleli lakwaZulu lisengalakwaMthethwa lonke leliyazwe elingaphesheya kwemfolozi
ngaselwandle. Futhi abakwaMthethwa ibona ababa yisizwe esikhulu nesiphethe
zonke izizwe zabeNguni ngalesosikhathi nesakwaZulu singakagqami sisesincane uma
siqhathaniswa nale sakwaMthethwa. Izwe lakwaMthethwa labe lilikhulu kakhulu
lisuka eMahlathuze eningizimu lenyuka libheke lena oBonjeni enyakatho.


Ukuze behle ezintabeni zoNdi beze kuleli eligudle olwandle kwenzeka
ezweni likaMthethwa laphaya enyakatho nalo laphaya eMalaleni okuyindawo
namhlanje esiyaziwa ngokuthi ikwamNqobokazi kwatheleka insizwa yakwaMsane egama
layo kwabe kunguMalombo. UMalombo lona wavele wangakhuleka eNkosini ukuba
athole indawo yokwakha wazakhela ngaphandle kwemvume. Abantu bendawo babethi
uma bembuza ukuthi ungubani? Uvelaphi avele ahoshe intshasi (Isipunyana
esibazwe ngokhuni okwakubhenywa ngaso ugwayi wamakhala) esinquthu sakhe bese
esifaka esangangwini lakhe qede antongle bese etsaka phansi amathe, lawomathe
wakhe athi haba Mthethwa.


Abantu bahamba bayobikela izinduna zenkosi
uKhayi wakwaMthethwa nazo zahamba zayobona lomhlola womuntu. Sezizibonele nazo
zahamba zayobike eNkosini uKhayi
kwaMthethwa. Inkosi yathi uma izwa lokho yase ikhipha izinduna zayo ukuba
ziyobona lomhlola womuntu. Kwaba ukufika uMalombo wakwenza edume ngakho. Inkosi
yathumela uNdunankulu wayo owaphelezelwa ibandla umfo kaMsane ezihlalele phezu
kwesigqiki esabe sikhandwe ngelala. Wayehleli nabantu bakhe. AbakwaMthethwa
bafike babingelela base bebuza ukuthi baliqhamukisaphi nezwe, abantu ababehleli
naye bakhomba yena uMalombo. Induna enkulu nebandla eyayihamba nalo baya kuyo
lensizwa yakwaMsane. Bafike bathi ithi
iNkosi yakwaMthethwa asizokuzwa ukuthi ungubani futhi uvelaphi usuwakhe ezweni
layo ingakaze ukukhonzele ukwakha kulo. Kulelibandla lwakaMthethwa kwakukhona
noMviyapha wakwaNcanana isibongo sakhe. Lensizwa enguMalombo yahosha ishungu
layo yalicobelela njengokwejwayelekile athi’ Baba Mthethwa’.


Induna yahamba yayobikela uKhayi. Waze
wambikela ukuthi amathe akhe athele uMviyapha. Inkosi yathi awu Ncanana
uyavilapha usuze uthelwe amathe akhulumayo ukusukanje usunguMathe. Inkosi yathi
akuphunywe
kuyofunwa umuntu ongabazisa ukuthi bahlule lomuntu. Izinduna sacinga
zaze zayofika ezintabeni zOndi. Bafikela enduneni yasemaNcubeni okwabe
kunguDumbu kaNtunjana wakwaMsweli sebemchazele ukuthi bahamba ngani wahamba
wayobikela Inkosi uSiyobi kaMthombeni. Bayichazela induna ngesenzo sebaletha
lapha ezintabeni. Leso phela kwakungamathe kaMalombo wakwaMsane owayenamathe
akhulumayo. Inkosi yabapha inkabi enkulu abakwaMathethwa eyathi abayihlabe
bayidle. Ukunokuba bayihlabe bona bacela ukuyobonana neNkosi kuqala baxoxe nabo
loludaba. Yabavumela Inkosi base beya phambi kwayo. Yabiza isizwe sayo ukuba
sizoyizwisa isehlo lababantu basOlwandle
abahamba ngaso.


Bachaza ke yase ithi inkosi yakwaNcube hho
Izizimbane lelo laseMozambique ngeke nilenze lutho. Yithi beSuthu
esingalinqoba. Ngakho yekelani kimi ngizonisiza ukunixoshela lomuntu. Yabe
isithi abayihlabe inkomo ukuze benze umphako. Yabe isibanika inkosana yayo
okwabe kunguMdlozi ukuba ahambe nabo. Yabachazela ukuthi uMadlozi lona nguye
oyoba inkosi emva kwayo. Izinduna zabuyela kwaMthethwa zafike zabika enkosini
ukuthi zibatholile. Futhi zachaza ukuthi izinsizwa
zakhona zingamabhubesi
uqobo. Kwaphela izinsukwana atheleka amaviyo akwaNcube eholwa nguMadlozi
noDumbu kaNtunjana wakwaMsweli owayeyinduna enkulu. Inkosi yakwaNcube
yagcizelela ukuthi amabhubesi ayo engelekelwa awolwa wodwa. Ekufikeni kwabo
inkosi yakwaMthethwa yathi abakhiswe laphaya phezu kweFilidi. Kodwa bona bacela
ukuyokwakhelana naye umfo wezizwe ababeze ngaye kwaMthethwa. Bathi benzela
ukuthi bahogele iphunga lakhe.


Bakhiswa phezu kwesiwa intweni. Bakha lapho
umuzi uMadlozi owawuqamba wathi iseMzingazi. Bahlala izinsukwana base bethumela
uMsweli kuye uMsane. Wafike wenza adume ngazo zamathe. Umsweli
wahamba
wayobikela uMadlozi. Wadinwa uMadlozi wathi abahambe beyomtshela utkuthi
sekufike amaZilankatha athi azokwakha kulendawo akhe kuyo, ngakho athi akasuke
ahambe kulendawo. Kuthiwa wabahleka usulu wabuza ukuthi kusuke bani, wakhile
yena lapha ngakho abakhohlwe ilensambatheka abayisho kuye. Badinwa abakwaNcube
bacancatha izikhali zabo. Qede bathumela kuye ukuthi bamnika izinsuku
ezinthathu ukuba zithini ziphela ebe engasekho. Umsane wabaphendula wathi
ababuyele kobathumileyo bamtshele
ukuthi welulile uma ekhuluma ngezinsuku
ezintathu yena uthi ezimbili ukubala lolu ababefike ngalo kuye. Ngakho wathi
ngakusasa uma befuna impi ayibambane.


Babuyela emuva oMsweli bayobikela uMadlozi yena wathumela
enduneni yakwaMthethwa ukuyazisa ukuthi impi mfo wamathe uyifuna kusasa lokhu
okusayo. Induna yakwaMthethwa yaqoqa amabutho ukuba alungele ukuyolwa
ngakusasa. Kodwa Inkosi yakwaMthethwa yabakhumbuza ukuthi inkosi yaseMancubeni
yathi bengabaxubi abakwaMthethwa nabakwaNcube uma sekuyoliwa. Ngempela
abakwaMthethwa sekuliwa bahlalela kudana bangaya ukuyolwa. Yabambana laphaya
ngaseNtabeni Ubombo ngalapho okukhona khona
umbhoshongo womsakazo. AbakwaNcube
babehamba nezintokazi zakhona ezaziholwa inkosana kaSiyobi ogama layo kwabe
kunguNtindili. Yiyo lena eyayichela impi yakwaNcube yayibaphohloza ngezagila
ingayiphethe imikhonto. Bebona kunzima abakwaMsane babaleka benyuka balibhekisa
ngaseMozambique yabhubha eyakwaNcube.


Sebefike laphaya ezikukweni eliwelela
laphaya eMozambique bathola ukuthi lalingekho izibuko ngalesikhathi. Bavinjwa
zihlahla yase ithi induna yakwaMthethwa abame manje oNcube kushaye abayo.
Yabangenela ngemikhonto kwaba bomvu isisiziba. Khona ezibukweni kwatholakala
umfana owaziphonsa izithonto esihlangwini sensizwa yakwaSangweni.
Babayathe
bayamgwaza uSangweni wavika wagoqana,
Induna yathi akabanjwe lomfana. Base bembuza ukuthi ungowaphi wathi
ungokaMalombo wakwaMsane. Wathathwa kwabuyela naye kwaMthethwa wangabulawa.
Igama lakhe lowomfana kwabe kunguNxaba owagcina esezale iqhawe okwabe
kunguMbekane. Nalu uzalo lwakhe olunye laphaya phesheya koMfolozi endaweni
eyaziwa gomuti ikwaMsane namhlanje,
eMtuba.


Inkosi yakwaMthethwa ybe isithi uMadlozi
akasezubuyela emuva ezintabeni zOndi. Yamsikela isifunda ukuba alibuse
njengenkosi hhayi induna. Umncele wakwaNcube okaMadanga wawumisa kanjena.
Ukusuka laphaya phezu kwechibi eliphezu koMtuba elibizwa gomuti iMajamisa, bese
leyehla njalo ngeMfolozilise lifika ebhilinjini lesitimela eHic Lifike lapho
lihambe lize liyofika laphaya esihlahleni
esikhulu okuthiwa kuseSikhuhlaneni.
Umncele ke lowo wakwaMncube nowakwaMdlala. Bese lehla libheke phansi
eMathokothoolwandle. Lehle liqonde ezansi lapho uMsunduze ungena khona
Olwandle. Zikhona izikhonkane lapho ezafakwa khona uMshiqeka esedweba imincele
kabusha emva kokuphela kwempi yeSilo uCetshwayo.


Kuphindile futhi emva kwemi kaDinuzulu
kaCetshwayo naZibhebhu kaMaphitha izwe lakwaNcube lase lidliwa ngokugcwele.
Abamhlope balidabulela amasotsha. AbakwaNcube ngaleyonkatha ababeholwa
ngoSomhlola kaNonkatha kaSogejana. Bathi akasuke akhuphukele laphaya kuKweyana
okuyindawo uma uya ngaseMkhuze. Wathumela ukuba ayobizelwa umfowabo
okwabe
kunguMampofu kaMkhatshwa kaMaguya ukuba azobonisana naye ngalesisihluku
asenqwamana naso kwabamhlope. Umampofu watshela ukuthi baqale kuye abamhlope
babuza ukuthi ngubani umNumzane ophethe leyandawo. Wayesebatshela ukuthi
nguSomhlola. Umaphofu weluleka uSomhlola ukuba avele asuke anyukele khona
kuNkweyana bangaze bambulale abamhlope njengoba base benzile eNtembeni babulala
uMntwana uStheku kaMpande owayeqophisana nabo bemsusa lapho owayakhe khona.


KwaNcube kwakuzalwa amashinga neziqhwaga
zoqobo. Umapholoba owayengesinye sesiqhwaga zakhona wathi kade beye enqineni
kukhona nezinsizwa zakwaMthethwa nazo zabe zimesabisa
okwenyoka. Sebebuyela
emakhaya bahlala phansi endleni baphumula. Umapholoba wabona intombi enhle
komunye umuzi wayesethi ezinsizweni ayehamba nazo uyabuya usayokhuluma nayo.
Wathi uma esebuya waqhamuka izinsizwa lezi zenqina zigwaza isihlangu sakhe
ayesishiyile. Zazisigwaza zibe zikhuza isiqubulo. Kwaba ukuqhamuka nje zavele
izinsizwa zasukuma zahamba. Waphatheka kabi uMapholoba ngalesisenzo. Okwamdina
kakhulu ukuthi nabakubo babekhona nabo begwaza lapha esihlangwini sakhe.


Wakithi uma efika ekhaya wathatha izintombi
zakhe ezimbili wajokola nazo wahamba waze wayowela umfula uThukela. Laphaya
phesheya koThukela wafika wagoba
amadlangala. Akuphelanga sikhathi esingakanani
washona. Ushona nje enye yezintombi uyishiya isizithwele. Lena enye yavele
yabuyela emuva yashiaya lena okwasekuhambeka kanzima kuyo ngenxa yesisu. Yafike
ekhaya emaNcubeni yabika ukuthi akasekho uMapholoba. Kwasuka abafowabo bahamba
bayomlanda ngehlahla lapho ayeshonele khona.


Bafica lena enye intombi eyabe isele
isiqhinekile ukuzithwala base beyicelela komunye umuzi owabe ukhona endaweni.
Kulowomuzi bamfaka exhibeni lakhona uMlobokazi lona nowafike wabe esebeletha
umntwana. Igama lalowomfana wethiwa kwathiwa nguMaxhibana Umaxhibana nomama
wakhe babuyela emuva kwaNcube eMtuba.
Sonke lesisizwe esilaphaya ngakwaSomkhele
siphuma okhalweni lwakhe uMaxhabana. Ungukhokho kMnuz Tim Ncube oyiNtatheli
emkatshubomvu neyaziwa izwe lonke lakwaMthaniya esizinze eDukuduku.


Umaxhibana wazala uMeveni noGunda. Ugunda ngeshwa washona esengumfana
engakabi nabo abantwana. Wabulawa umfana wakwaMthethwa ogama lakhe kwabe
kunguMnukeni. Babeqhathwe ngunina kaMnukeni kulandela ukuthi uGunda wayekade
eshaye abafana bakhona kwaMthethwa ngoba bededele izinkomo zangena ensimini
yakwaMnguni, Unina walabafana waphikela amadodana akhe ngokuthi athi awamadoda
alutho umuntu angasaha izingane ekhona qede engenzi lutho. Undukwana
owayengomdalda wayemesaba uGunda ngoba wayeke wambhaxabula ngenduku waze
wayomphonsa eziseleni bebanga intombi yakwaMcambi laphaya ngasePhathane
ababeshela. Wagcina eyithathile uGunda leyontombi. Nango ke uMnukeni esevele
ethatha emmese emva kokuzwa agama kanina waqonda kwaMthethwa lapho kwakuhlala
khona uGunda. Wangena ekuseni kusemnyana owayezalwa lapha kwaMthethwa. Wabafica
begubuzele wehluleka ukubehlukanisa. Wabe esebingelela umzala wakhe. UGunda
waphakamisa ikhanda wase embona wamgwaza wamjuqa khona lapho.


UMbomvana wakhona kwaNcube yena wathutha
wayokwakha nabantu bakwaButhelezi. Waphatheka kahle kwaButhelezi baze bakha
ubuhlobo bokuganiselana nabo, kwakuliqhawe leli. Ngobuqhawe bakhe wazakhela
ugazi eSilweni eCetshwayo nesagcina samsondeza eduzane kwaso. Kwauyane kuthi
uma libalele enzele iNkosi umthunzi ngamahlahla. Ngelinye ilanga esekhathele,
elambile ebambile ihlahla lawela phezu kwekhanda lenkosi. Izikhulu zadinwa
zasho ukumqeda zithi ubulala Inkosi. Waphulundlela wabaleka. Bahubha waze
wayongena emzini weNkosi Ondini. Wathi ethi uyafika khona wafica kunezinsizwa
ezabe ziganga ngezingane zeNkosi. Wafike wavulela isibhaxu wabashaya babaleka.
Izinsizwa lezi ezabe zimjaha zamfica ematasatasa evikela izingane zeNkosi.
Wazichazela ukuthi laba abashayayo ubafice beganga ngeziNgane zeSilo. Bahamba
bayobikela Isilo ngomsebenzi owasewenziwe nguMbovana.


Isilo uCetshwayo sambonga ngokuthi sithi
simnike indawo yaseSlutshana, eNquthu. UMbovana owazala uMaweni owazala
uMgombane owazala uMsimbu-yena wazala uFelani. Ngeshwa iNkosi uFelani yabusa
isikhathi esincane ngoba yasheshe yaakhothama. Namanje uzalo lwakhe uMbovana
lusatholakala kuleyondawo. Lunobukhosi nosekuyibona kuphela bukhosi bakwaNcube
obusaphilayo lapha kwaMthaniya kulandela ukuthi obukaMdlozi okuyindlu enkulu
yakwaNcube bagcina buhlakazwe ondlebezikhanya ilanga. Abantu abakwaNcube
bathakazelwa kuthiwe Mzilankatha , Mlotshwa, Khambule, Ngonyama, Dludlu. Nokho
kuzo lezizithakazelo abanye babo sebezisebenzisa njengesibongo sabo. Izibongo
eziphuma kwaMncube nguMlotshwa,
Khambule, Khubisa, Dludlu noSibisi. OSibisi
kodwa bonabagcine sebephuma kuMlotshwa. Kanjalo uDludlu noKhubisa baphuma
sebephuma kuKhambule.


Ake sibelamanise abakwaNcubeMncube



UNcube wazala uMzilankatha yena wazala
UMlotshwa owazala UMthombeni yena wazala uSiyobi owazala
uMadluya,
Mbovana,Khambule.


UMadlozi wazala uNdaba yena wazala
uNgonyama owazala uSogejana noMaguya (Mankomboya), Usogejana wazala Nonkatha
owazala uSomhlola noMapholoba.

UNonkatha wazala Mkosi owazala u-Jeremiah.


UMapholoba wazala uMaxhibana owazala
UMeveni noGunda. UMeveni wazala uHunu ozala inkosazana yakhe okunguSindisiwe,
ngu-Zachariah, ngu Busisiwe, nguTim, nguJabulan, uMsawenkosi kanye noSibusiso.


UMaguya (Mankomboya) kaNgonyama wazala
uZinsongo noMkhatshwa. UMkhatshwa wazala uNdumeya no Maphofu. UMaphofu wazala Nyanda yena
wazala uNkiyankiya.

Indlu yaseSlutshana


UMbovana owazala uMaweni owazala uMgombane
owazala uMsimbu-yena wazala uFelani (owabusa isikhathi esincane washeshe
wakhothama) yena wazala uHlangabeza- ozala iNkosi uNkanyiso osabanjelwe ngunina
uNdlunkulu uHlelaphi (2009).

Abantu bakwaKhambule nabakwaKhubisa


Abantu bakwaKhambule baphuma kwaNcube.
Eqinisweni uKhambule bekuyithakazelo be kuthi uNcube kube isibongo. Kodwa uzalo
lukaKhambule owabe engumnawabo kaMadlozi bezalwa naye nguSiyobi
kaMthombeni kaMlotshwa kaMzilankatha
kaNcube lona lwanquma ukusenzisa igama lakhe njengesibongo. Kwase kuba ukuvela
kwesibongo sakwaKhambule. UKhambule lona ngenkathi inkosana yakwabo okwabe
kunguMadlozi isithuthele kwaZulu lapho yase izitholele khona izwe esizweni
sakwaMthethwa yena wavele wacela uyise ukuba amabele ifa okungelakhe.


Kwaba ukulithola wathutha ezintabeni zOndi
walibhekisa ezansi kwelamXhosa, wafikela endaweni eligwdule eyabe inesomiso,
Izinkomo zafa zaphela indlala. Wanquma ukubuyela kuyise eyocela ezinye futhi
izinkomo, nebala wafike wamnika futhi. Nazo zafike zafa zonke kuleyandawo
ayakhe kuyo. Wathi uma esebuyela isithathu manje uyocela futhi kiyise wakhuza
wababaza manje athi awu kanti wena usunguKhubisa ke wase ephuma eseyokwakha
umuzi wakwaKhubisa. Kodwa wabadonsa ngendlebe ukuthi baze bengaganana nabantu
bakwaNcube ngoba basengabantu abababodwa. Wabatshela ukuthi uma beke baganana
bayozala izilima.


Uzalo lwakhe lwehlukana phakathi kwaba
khona oluzibiza ngoKhubisa kanti olunye lona lwazibiza nogKhambule. Lapha
kuKhambule kubuye kuphune abantu bakwaDludlu abangahlobene noDludlu Ndanisa.
Laba babizwa ngoDldlu okwabe
kuyindodana kaKhambule. LoDludlu wazala amadodana
akhe alishumi nayedume ngoba iziqhwaga.


Uzalo lukaDludlu njengamanje lutholakala
aphaya oGwini ko ezindaweni ezakhele ie Portshepstone. Abanye abantu
bakwaKhambule sibathola bona sebakhe laphaya eSwazini. Bayisizwe impela
esiningi kuleliya likaMswati. Bafike kuleliyazwe beholwa nguMlambo kaKhambule.


Ngenkathi labantu bakwaKhambule beya
eSwazini babehambisana nomhlobo wabo okwabe kunguShalibebe owabe ezalwa
nguNgonyama kaNdaba kaMadlozi waseMancubeni owayesuke lena eDukuduku. Ngenkathi
befika eSwazini bafike kubusa Ingwenyama uNdungunya ongakaze abemukele ezweni
lakhe. Babaleka bakhumbula ukubuyela kuleli likaMthiya. Isenzo sikaNdungunya
sabaphatha kabi lababantu. Bamfanisa nemfolozi emnyana eyayibemukisa
nezingodo.
Bathi uma befika kuleli bahamba phakathi ngoba abanye basuka bayokwakha laphaya
eMpolweni okungumfudlana osenyakathi nomfula uMngeni. Belapho babehlala
becabanga ngesenzo senkosi uNdungunya owabaxosha kabi ezweni lakhe. Belapho
sithola inkosi yabo kunguMpambani (Mbusi) kaMbozane kaLubombo.





Ake sibelamanise oKhambule


UKhambule wazala uMlambo yena wazala
uLubombo owazala Mbozane yena wazala Mpambani( Mbusi)

ABAKWAMLOTSHWA


Abanye abantu bakwaNcube banquma ukuzibiza
ngoMlotshwa okungenye yamakhosi akhona amadalal. UMlotshwa wabe eyindodana
kaMzilankatha kaNcube. Nakuba UMlotshwa lona kwaNcube esebenza njenesithakazelo
kodwa abanye bendlu yakhe uMlotshwa bagcina sebemsebenzisa njengesibongo.
Abantu bakwaMlotshwa sibathola ekusukeni nabantu basemaMbatheni ababakhe
kwaHlazakazi kanye nabakwaMthembu. Kubo lababantu kube sekuphuma
abantu
baseZibisini zakwaButhela, ezimlom’ ubomvu nabantwana bazo, Izibisi zakwaSikiti
sengimpongo yembuzi, kunabanye abantu bakwaMlotshwa abazibiza ngokuthi
bangabakwaNkabini

…………………………………………….


Izithakazelo zakwa-Mncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande, 
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

…………………………………………
*Chris Mzilankatha

*Bonga Ndabezitha Khumalo

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo