AbakwaNyawo!!
Abantu bakwaNyawo bangamaNtungwa Nguni, akubona abeSwazi . Okwenza ukuthi abantu bakwaNyawo kube sengathi bangabeSwazi ukuba basuke bayokwakha emngceleni wabeSwazi lena ngakwaHlathikhulu lapho kugcwele amathuna amakhosi akhona. Indawo lapho kutholakala khona abantu bakwaNyawo kusuka phakathi kwezintaba zoBombo ngasoPhongolo kuze kuyoma ngomngcele welakwaMngomezulu.
Kuthiwa yisizwe esikukhonze kakhulu ukuthula noxolo. Kodwa babezimisela ekuzivikeleni uma behlaselwa izitha zabo. Kwakuyisizwe esasikukhonzile ukugcina amasiko aso. Ngenxa yokuthi lesi sizwe sasikukhonzile ukuthula, lokhu kufakezelwa ukuthi inkosi uDingane kaSenzangakhona ngesikhathi ehlaselwa nguMpande esizana namaNgisi wabalekela kubantu bakwaNyawo, eyocela ukukhoseliswa. Nakho phela waze wafela khona. Idlinza lakhe likhona lapho eKwaliweni(Gwaliweni).
Ukwelamana kwabakwaNyawo!!
UMgabadeli wazala uMshokaphathwa(uMuntukaphathwa
UMshokaphathwa wazala uDlambula nabanye.
UDlambula wazala uNhlongaluvalo noSilevana.
USilevana wazala uMvubalo. Owazala uSambane.
USambane wazala uMtshakela
UMtshakela wazala uMbabane
Izithakazelo zakwaNyawo!
Nyawo, Dumakude,
Mlaba, Njono
Mthandi’wabantu bengakuthandi,
Wena owadumezizweni..