Msomi

AbakwaMsomi!!!(Noma ngithi abantu baseMasomini) nabakwaMeyiwa
……………………………………………………………………

Abantu baseMasomini kuthiwa babengabantu noma ngithi bangumsuka wabantu bakwaQwabe. Kuthiwa enye yamadoda akwaQwabe yawela uThukela ngaphambi kokuba kuwele abakwaKhuzwayo nabakwaMakhanya. Igama laleyo ndoda kwakunguMbhedu owayaziwa ngokuthi nguNomndayi.

Phela isibongo sakwaMakhanya sivele kubantu bakwaKhuzwayo ababotha umkhanya.


Kuthiwa laba bantu babakhe ngasemsukeni womfula iNonoti, endaweni okuthiwa kuseSidumbini. Inkosi yalaba bantu kwathi ngelinye ilanga ifuna ukubeka inkosana noma indlalifa eyobusa uma yona isikhotheme, yase yenza umncintiswano. Bathi yabulala inkomo yase iyikhipha izitho njengokwejwayelekile. Ikwenza konke lokhu kayitsheli muntu isu layo ngisho nezinduna zayo. Kwathi izitho sezibekiwe, yase ibiza amadodana omabili akhankasele ubukhosana. Yabe isiwacela ukuba athathe isitho ngasinye ngasinye asithandayo. Bathi enye indodana eyayigovu, ifuna ukuthatha inyama eningi, yathatha umlenze. Uyise wathi kule ndodana wena uthathe umlenze, lesi yisitho eseyeka kakhulu kunezinye izitho. Lokhu kufakazela ukuba ubukhosi kawubufanele,ngokuthatha kwakho lesi sitho. Ngakho igama lakhe lashintshwa kwathiwa nguMeyiwa, wase ezala abantu bakwaMeyiwa. Indodana yesibili, ibhekwe ngabaphansi yona yathatha ubambo. Igama layo kwakunguSingila. Uyise wathi kuSingila, uyabona wena ngoba uthathe ubambo, uthathe inyama esemqoka kuzo zonke izinyama ngoba ivikela izitho ezibucayi zibe zisemqoka empilweni yomuntu okusho ukuthi kawuhehwanga yinyama njengomfowenu kodwa uthathe ubambo olungenanyama ngoba ucabanga ukuthi lusemqoka, ngokuvikela isizwe esithi sintekenteke kodwa sibe sisemqoka enhliziyweni yakho. Ngakho nguwena okufanele ube yinkosi ekukhothameni kwami. Ngalokho uSingila wathatha isikhundla sikayise kwathi uMeyiwa washiya umfowabo wahamba nabantu sekungabakwaMeyiwa.

USingila wakha umuzi wakhe phansi kwezihlahla ezazizalela izinyoni ezaziwa ngamasomi. Kwase kuthiwa kuseMasomini. Ngakho bonke abantu bakaSingila kwathiwa ngabakwaMsomi.
Kuthiwa ngesikhathi sikaNomndayi laba bantu babengakaziwa ukuthi ngabaseMasomini. UNomndayi wazala amadodana amabili, oGwayi kanye noMoyeni. UGwayi wazala uNkuna owazala uMbhecwa. Abantu bakaMbhecwa manje batholakala laphaya eMkhomazi, kanti abakaKude umzukulu kaSingila bona batholaka laphaya ngaseMangangeni enhla nomfula uMlazi, kanti bayatholakala eduze kweMona ngaseLumbi.

Ukwelamana kwabo abaseMasomini!

UMbhedu (UNomndayi)

Wazala uGwayi noMoyeni.

UMoyeni wazala uSingila noMeyiwa.

USingila wazala uGoba(Vumane)
Owazala uKude.

UKude yena wazala uMahawule owazala uHhomoyi..

Kanti uGwayi yena wazala uNkuna ,

UNkuna wazala uMbhecwa owazala uMasende

Izithakazelo zakwaMsomi!!

Nomndayi, Singila,
Hlombe, Meyiwa
Nina enehla ngomzungulu wasala wabola.
Nina bakwaGcogcobala,
Amakhosi amakhulu asezilozini ezibuka umuntu engathi ziyamjamela.
Nina bakanyoni ezimnyama ezimaphik’amabomvu.


………………………………………………..

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo