Mbonambi

AbakwaMbonambi !

……………………………………

Abantu bakwaMbonambi batholakala phakathi kwesizwe sakwaMthethwa kanye noLwandle. Bagcwele kuyo yonke le ndawo ebizwa ngokuthi manje kukwaMbonambi. Ukudabuka kwabantu bakwaMbonambi kuyefana nokwabantu bakwaMthethwa. Noma isizwe sakwaMbonambi sisincane , kodwa sinazo izigigabana zaso.


Kuthiwa laba bantu babeyizinyanga zensimbi njengabantu bakwaNzama kanye nabakwaShezi. Benza imikhonto , amakhuba nokunye okuningi, kodwa okukhulu ngabantu bakwaMbonambi ukuthi babuye bathola okwehlukile kunabanye ababeyizinyanga zensimbi. Bona bathola ukuncibilikiswa kwethusi. Kuthiwa balithola kuMaputukezi ababakhelane nawo, noma ayedlula ngasezweni labo elibhekise eMuzambikwe.

Kunesiwombe esibalulekile esenzeka kubantu bakwaMbonambi ngesikhathi kubusa iLembe. Kuthiwa kwabo kokuqala neLembe kwakuyiLembe elalifuna usizo kubona. Nempela laluthola lolo sizo. Kodwa kodwa okwesibili akubanga kuhle, ngoba uShaka wathumela kuSigotha owayebusa ngaleso sikhathi. Kuthiwa uShaka wacela izinkomo, efuna ukuba bakhombise ukuthi bakhonzile yini kuye. Kuthiwa inkosi yakwaMbonambi yayisa kuShaka izinkomanzi ezizacile. Wathukuthela wagana unwabu okaSenzangakhona. Wakhuza umhlolo uShaka wathi ngilinina yini ukuba nginikwe izinkomanzi ezizacile.

Wafuna ukuba abantu bakwaMbonambi bayojeziswa. Kodwa uNqoboka owayeyinkosi yakwaSokhulu isizwe esakhelene nab akwaMbonambi, ngenxa yokuthi yayingumngani omkhulu kaShaka wezwa ukuthi intukuthelo kaShaka ingakanani. Wahamba wayobaxwayisa abantu bakwaMbonambi ngolaka lukaShaka. Wathatha indodana kaSigotha uMkhosana wayomfihla. USigotha nabnye babulawa nguShaka, kodwa uMkhosana wasinda ngenxa kaNqoboka. Abanye abantu bakwaMbonambi ababehlakazekile babuya ngoba sekukhothame iLembe. Abantu bakwaMbonambi basakhe khona endaweni yabo kuze kube manje..

Uzalo lwabakwaMbonambi..

UNgawonde

USifiba

UNgonyama

UGwala

UMananga

UNomagama

UNgiba

USigotha

UMkhosana*

USilomo

UManqamu

UMtholeni. (obusayo)


……………………………………………….


Izithakazelo zakwa-Mbonambi !

Mabhodla,
Mbuyazi,
Ngiba kaMananga,
Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany’ilanga,
Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,
Ndunakazi!

………………………………………

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo