Kubhala u-Arnold Mayibongwe Nkala Izithakazelo zakwaMlilo: AmaThong’amahle AmaThong’amnyama avus’abafileyo AbakoGasa bayayivuma lendaba Singwazi Ilindamkhonto Mabasa/Mabaso Matshisa Tshawuke Bhakwane Ntimeni Sivumane saMatsena Sinyorinyori sahumba Abathwal’uMlilo ngeNku... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaMzimela bakanye nabantu bakwaMsane .Bakanye futhi nabantu bakwaMfeka nabakwaVundla .Bakanye futhi nabantu bakwaMakhunga kanye nabakwaDidiza .Indlalifa kaDidiza kwakunguMaphuthwana .UDidiza yena uzalwa nguMakhunga kaNxaba kaMbekane kaVundla . Umuntu owagqama kakhulu kulaba bantu balezi zi... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaNdlanzi[hhayi Ndlazi]baphuma kubantu bakwaCele .Lokho kuchaza ukuthi abakwaNdlanzi bangamNtungwa-angamaLala ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaCele .AbakwaCele babakhe emngceleni wezwe lakwaQwabe,kusukela eNonothi kwehle njalo kuye eningizimu. Ngesikhathi sombuso wenkosi uDingis... qhubeka ufunde »
Kubhala u-Ernest Iko Nxasana Abantu baNgozo kusengabantu bakwaMaseko ngoba umlando oxoxwayo uthi enye indoda yakwaMaseko yadla ingudwane leli okuthiwa yingozo. Yase isibizwa ke ngokuthiwa uNgozo. Noma ke kungacaci kahle ukuthi basala kanjani kwaZulu kwaNongoma nxashana isizwe sakwaMaseko sesizinze e... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaKhomo balulibo lunye nabakwaSibiya.Uma ubabuza ukuthi bahlangana kanjani nabakwaSibiya uthola izimpendulo ezahlukahlukene.Kodwa bona bayavuma ukuthi bayizihlobo ezingaganiselani nhlobo.Umlando othinta abesibongo sakwaKhomo uqinisa khona impela ukuthi bangabakwaSibiya. Kuthiwa uKhomo lona... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaShibe kusengabantu bakwaMkhwanazi ,ingakho ezithakazelweni zabo ozothola izithakazelo ezithi Ndonga , Sontuyi njalo njalo Uma bebuzwa ukuthi wavela kanjani lo Shiba bathi ngenxa yezimpi abantu abakwaShiba babalekela abakwaMngomezulu baya baqonda eSwazini . Sengathi isikhalo sabo es... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaXimba Mlaba baphuma kuNyawo . UNyawo wayenamadodana amaningi okwathi uma esekhotheme kwaba nombango,agcina-ke esedube ikhaya.Ngokwezigaba zabeNguni bona bangaBaMbo Nguni yize noma sebegcine kungathi sebengabeSuthu kodwa -ke lokho kwenziwa ukuthi ngesikhathi sezimpi kunengxeny... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaNcanana Mathe bangamaThonga Nguni ngokwezigaba zabenguni . Laba bantu bakwaNcanana baqhamuka enhlanezwe .Kodwa lapha sibathola sebezinze eSwazini .Ngaleso sikhathi amaSwazi ayephethwe inkosi uSobhuza wokuqala .Abantu bakwaNcanana babuye babizwe ngokuthi bangabakwaMathe , noma bangaMaphim... qhubeka ufunde »
ABANTU bakwaMbambo ba-phuma kwabakwaMthethwa, okusho ukuthi bangama-Lala-Nguni ngokwesigaba sabeNguni. Baziwa ngoMbambo owabe eyindodana kaJangaza kaJobe kaKhayi wakwaMthethwa. Le ndodana kaJangaza yayizacile, inezimbambo ezihleli obala, yingakho yagcina isibizwa ngoMbambo. Kuthiwa uMbambo lona waye... qhubeka ufunde »