Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Makhoba

AbakwaMakhoba Abantu bakwaMakhoba kusengabantu ababodwa nabakwaZungu. Ngokwezigaba zabeNguni abantu bakwaMakhoba bangaMantungwa Nguni njengabakwaZungu.  Uma kulandiswa ngomlando wabantu bakwaZungu awalibaleki amagama kaNozinja, Nozidiya kanye nelikaNgqumbazi Bonke laba bantu engibabalile babe ngabantu besifazane, bezalwa khona kwaZungu.  UNozodiya wayegane inkosi uZulu wazala inkosi uPhunga yaseBulawini kanye nenkosi uMageba yaseMakheni. UNozinja yena wazala inkosi uZulu nenkosi uQwabe bakaMalandela. UNgqumbazi wazala iSilo uCetshwayo kaMpande  * UMakhoba noZungu babengamawele b... qhubeka ufunde »

Moselekatse

AbakwaMoselekatse   Abantu bakwaMoselekatse/Moselekatsi bangaMantungwa kaMbulazi ize bekhuluma isiTswana, bengasazi isiZulu. . Lesi sibongo sakwaMoselekatse siphuma esibongeni sakwaKhumalo,,sathathelwa egameni lenkosi uMzilikazi. Phela abeTswana bathi Moselekatse waMacobane, abasho ukuthi Mzili... qhubeka ufunde »

Nxele/Msweli

Indabuko yesibongo sakwaNxele ,Seme, Msweli. Kulooba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo: Ziningi izinkulumo ngokudabuka kwesibongo sakwaNxele, noma ubani ukhuluma okuvuna yena nokuhambisana naye. Lana ngizosebenzisa umlando obhalwe phansi othi abantu bakwaNxele badabuka kwaMthethwa, nofakazelwa zigameko... qhubeka ufunde »

Mabhena

AbakwaMabhena: Mnguni kaNtu  Ndebele  Mkhalangana Mntungwa (hhayi owakwaSokhumalo) Jonono Nanasi  Mafana Mhlanga Mmusi  Manala  Nsele Magutshana Ncagu  Mbuyambe  Mabhena Mdibane Phofu  Abantu bakwaMabhena bawuzalo lukaMnguni kaNtu wasenhla nezwe. Ngakho-ke nab... qhubeka ufunde »

Ndiweni

AbakwaNdiweni Abantu bakwaNdiweni kusengabantu bakwaZwane. Isibongo sakwaNdiweni savela ngoNdiweni indodana yenkosi uZwane yaseMangweni.  Abantu bakwaNdiweni bahlobene nabantu bakwaCebekhulu, Hudla, Mafu, nabanye. Eqinisweni isibongo sakwaNdiweni asikho kwelikaMthaniya. Lesi sibongo sitholakala... qhubeka ufunde »

Sibanda

Abantu bakwaSibanda esibathola namuhla benzinze kwaBulawayo ezweni laseZimbabwe bangaBeTswana abangaBaTau. ABaTau baphuma kubeTswana abangaBaHurutse. UKhokho wabantu bakwaSibanda nguSanyana kaMoledi /Moleli kaMotebele kaMohurutse (okwaqanjwa ngaye isizwe saBaHurutse) kaMalope (Mmusi) kaMasilo wokuqa... qhubeka ufunde »

Maseko

Usazofakwa umlando wakwaMaseko

Lushaba

‎AbakwaLushaba Abantu bakwaLushaba kusengabantu bakwaNdlovu. Laba bantu bakanye nabantu nabakwaThethwayo. Ukhokho wabo nguMatsimane owayedabuke kwelaBesuthu eminyakeni yama 1500 wazinza endaweni yasOFafa ngaseXobho. Kwathi ngesikhathi senkosi uSenzangakhona abantu bakaMatsimane baphinde bafuduka b... qhubeka ufunde »

Khanyi

AbakwaKhanyi /Khanye Muna  Msuthu Mwelase Ntshumane Fusi Sodoyi Makhubalo  Fudu Abantu bakwaKhanyi imvelaphi yabo isebaSuthwini.Ngeminyaka yama 1700 laba bantu bakwaKhayi babakhe endaweni osekuseFilidi khona namuhla bakhelene nabahlobo babo oMazibuko. Isilwane esihlonishwayo kwaKhanyi yiNk... qhubeka ufunde »

Nkomo

AbakwaNkomo Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela-uDunjwa yedwa limkhandanisile!  #nguShaka lowo Nina be’Ndlovu enebatha kubelungu abamhlophe eyakithi kwaKhethomthandayo ‘‎ ake ngiphose nje itshanyana elingatheni esivivaneni  ngomlando w... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!