Mabhena

AbakwaMabhena:
Mnguni kaNtu 
Ndebele 
Mkhalangana
Mntungwa (hhayi owakwaSokhumalo)
Jonono
Nanasi 
Mafana
Mhlanga
Mmusi 
Manala 
Nsele
Magutshana
Ncagu 
Mbuyambe 
Mabhena
Mdibane
Phofu 
Abantu bakwaMabhena bawuzalo lukaMnguni kaNtu wasenhla nezwe. Ngakho-ke nabo bangabaNguni njengamaZulu,amaXhosa, kanye namaSwazi.  Laba bantu bakwaNdebele bakanye nabakwaMahlangu,Sikhosana, Ndzundza, Kekana nabanye.
Isibongo sakwaMabhena savela ngoMabhena indodana kaMbuyambe.
‎Ngesikhathi senkosi uMalandela Zulu abantu isizwe sakwaNdebele sasikade sizinze endaweni yaseJononoskop eduzane naseMnambithi, siholwa inkosi uJonono kaMntungwa okwaqanjwa ngayo leyo ndawo. Amadlinza enkosi uJonono kanye nelenkosi uNanasi asendaweni yaseJononoskop. 
Ngesikhathi senkosi uMafana isizwe sakwaNdebele safuduka sabhekisa amabombo enyakatho,sayozinza endaweni eyaziwa manje ngokuthi kuseRandfontein. Kukhona nendawo ebizwa ngokuthi kuseMohlakeng eyeqanjwa ngegama lomuzi wenkosi uMmusi owawubizwa ngokuthi kuseMhlangeni, owaqanjwa ngoba ikhumbula uyise wayo uMhlanga. ‎Kodwa nakhona eMohlakeng baphinda bafuduka abantu bakwaNdebele bayokwakha endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaNdebele, phezu komfula iNdubazi. Inkosi uMmusi yazala amadodana amaningi esingabala kuwo oSikhosana, uNdzundza, uManala, uMthombeni(ukhokho wabakwaKekana)  uSibasa, uMhwaduba ,Mpafuli nabanye. 
Inkosi uMmusi kuthiwa yakhula yaze yadonswa ngesikhumba, yavaleka namehlo. Phakathi kwamadoda ayo nguSikhosana owayemdala kodwa engeyena owasendlunkulu. USikhosana wayebuye aziwe ngelikaMasombuka, ukusombuka kusho ukuqala.UManala noNdzundza yibona ababezalwa endlunkulu, kunguManala omdala. Kuthiwa inkosi uMmusi yayikhonze kakhulu indodada encane uNdzundza. Kuthiwa langa limbe yamthuma (uManala)ukuba aye endle ayozingela iMbuduma(iNkonkoni) ngoba yayikhanuke inyama yeMbuduma. Lokho inkosi uMmusi yakwenza ngenhloso yoku‎sala ibeka uNdzundza esihlalweni sobukhosi. Nempela washona khona ehlathini uManala wayozingela iMbuduma. Wathi uma ebuya wafica umnawakhe esebekwe njengenkosi,wathukuthela wafa waphaka impi okuthiwa yaze yakhuzwa isalukazi sakawaMsiza.  Kuze kube namuhla abantu bakwaMabhena bazibiza ngayo iMbuduma futhi bayihlonipha kakhulu.
Umuntu owagqama kakhulu kwaMabhena uMaphungo Mabhena owayehola ibutho loMnqumo ngaphansi kweGaba likaMaqhekeni Sithole. Umuzi waseGabeni singawufanisa nomuzi woMbelebele kwaZulu ngoba nawo wawuhlala amabutho ahlukahlukene esingabala kuwo iNduba kaLotshe Mtshali, iNqama kaSomhlolo Mathema (Mkhwanazi) uMnqumo kaMaphungo namanye amaningi. 
Elinye iqhawe elagqama kakhulu kwaMabhena uSihuluhulu iqhawe elayibamba ishisa eGadade . Ngeshwa lasala khona eGadade. 
Bese kuba uMvaleleni Mahlangu owayebuthe ibutho leZimpangele elalibuthelwe khona kwaNdebele futhi lande izinsizwa zakhona kwaNdebele. Ibutho leZimpangele lagcina libalekile kwaMthwakazi laphindela kwaNdebele libalekela ulaka lwenkosi uMzilikazi ngoba kuze kubekwe uMntwana uNkulumana nje yilola leli butho elalibike umbiko okwakungewona eNduneni uGundanekumitha Ndiweni lathi inkosi kade yakhothama 
Ake ngime lapho nina beNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu.

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo