Ndiweni

AbakwaNdiweni
Abantu bakwaNdiweni kusengabantu bakwaZwane. Isibongo sakwaNdiweni savela ngoNdiweni indodana yenkosi uZwane yaseMangweni. 
Abantu bakwaNdiweni bahlobene nabantu bakwaCebekhulu, Hudla, Mafu, nabanye. Eqinisweni isibongo sakwaNdiweni asikho kwelikaMthaniya. Lesi sibongo sitholakala esifundazweni ezifaka nesaseMpumalanga, North West, ubuningi baso busezweni lwakwaMthwakazi, kwelikaMzilikazi kaMashobana. 
Ngesikhathi seLembe neNkanyamba (inkosi uMzilikazi) isizwe sakwaNdiweni sasiholwa nguKhondwane kaNdlovu kaKheswa Ndiweni. UKhondwane kaNdlovu owagcina esedume kakhulu ngelikaGundanekumitha nokuligama elalikhonzwe kwakhu abakwaMalandela. Wabuye aziwe ngelika Mkhaliphi ngenxa yobuchule bakhe.  
UGundanekumitha kaNdlovu ( uGundanekumitha kwabakaMashobana) 
Le nsizwa yakwaNdiweni yabamba elikhulu iqhaza ekwakhiweni kwesizwe seSilo uMzilikazi esaziwa manje ngokuthi isizwe sabeThwakazi esinabantu abalinganiselwa kuma 8 million. Leli qhawe laseMangweni lazilwa cishe zonke izimpi ezaliwa isizwe saBethwakazi,lizilwa ngokukhulu ukuzikhandla. Kulezo zimpi singabala eyaseMpama, eyaseVegkop, eyaseMosega nezinye. EyaseMpama yaliwa noMalandela ngaphansi kobuholi beSilo uDingane. Liyavela igama likaGundanekumitha ezibongweni zikaVezi uma kuthiwa 
‘Wamudla uGundanekumitha kwabakaMashobana’ 
Igama elithi u’kudla’ lichaza ukunqoba. 
UMTHWAKAZI UHLUKANISWA AMAQEMBU AMABILI. 
‎Ngenkathi sekuhanjwa kuphikelelwe enhla inkosi uMzilikazi isizwe sayo yasehlukanisa amathimba amabili. Elinye laholwa uGundanekumitha, kwathi elinye laholwa iNkanyamba uqobo.
Isazathu sokufulathela INtilasifali. 
Kwathi ngemuva kokunqotshwa kwesizwe seNgonyama uMzilikazi sinqotshwa ngamabhunu ngonyaka ka 1837 kuLwezi uGundanekumitha owasekhushulelwe ekubeni uNdunankulu wezwe lonke uyena owakhethwa yiNkanyamba yasOjingeni ukuba ahole ithimba elalimbandakanya oMdlunkulu, izingane, kanye nenye ingxenye yemfuyo yeSilo uMzilikazi. Lelo thimba laliphikelele ngasezintabeni zaMathopho buqamama nedolobha lwakwaBulawayo eZimbabwe ,lisuka ngaseTswenyane eMosega lapho kwakuzinze khona uMthwakazi. Inhloso kwakungukuthi kuyohlanganwa khona ezintabeni zaMathopho,kodwa ngeshwa ithimba elabe liholwa yiNgonyama lagcina ledukile ohambeni lwalo. Ohambweni lwakhe uGundanekumitha walihola kahle ithimba lakhe futhi uhambo lwabo lwaba impumelelo enkulu. Wafika kahle wafika wakha umuzi wakwaGibixhegu. Lowo muzi wawakhelwe endaweni eyaziwa manje kuseSigodini samaNgwane buqamama nedolobha lakwaBulawayo. Ngesikhathi efika kuleya ndawo uGundanekumitha wayekade eyithole ilawulwa amaSwazi kaNyamazane owayekade eluqhamukise kwelaseSwazini,  emdibi munye noZwandaba Jele .UZwangendaba yena wayesebaleke wabheka enhla nezwe laseZimbabwe ngoba wayesizwile ukuthi impi eyayiholwa uGundanekumitha isicishe inyathele uthuvi babantwana ngoba yayisiwele nomfula uNgulukudela, sekungasensuku zatshwala ukuthi itheleke kwelabeLozi. Phela uZwangendaba wayebe nesandla ekubulaweni kukaMashobana uyise wenkosi uMzilikazi. Ngakho-ke wayazi kahle ukuthi impi yeNkanyamba yayizomhlasela noma kanjani.
Ithimba lesibili laholwa umfoka Mashobana uqobo. Lelo thimba lalimbandakanya izithenjwa zombuso kaMthwakazi ezifana noMaqhekeni Sithole, Mbiko kaMadlenya Masuku. Somhlolo Mathema, nabanye. Lelo thimba alizange lube luhle uhambo ngoba lagcina ledukile, lazethuka selingceleni wezwe likaLewanyika nelamaNambiya, lena koZambia, koMosia oa tunya. 
Ukuduka kwalo kwadonsa iminyaka emibili lingaziwa, uNdunankulu uGundanekumitha (evumelane noMwaka Nxumalo  iNdlovukazi) waze wabeka uMntwana uNkulumana kaMzilikazi esikhundleni sikaYise ‎ngoba becabanga ukuthi inkosi kade yakhothama. Esebekiwe -ke uMntwana uNkulumana kwaba khona ezinye izinduna. Ezazingahambisani nokubekwa kwakhe. Lezo zinduna uMkhithika Thebe, Mncumbatha Khumalo, Gwabalanda Mathe nezinye. Zona-ke zaqoka induna uMkhithika ukuba ahole ahole ithimba elaliqokwe ukuba liyofuna inkosi uMzilikazi.Nempela yatholakala inkosi isaphila. Kuthiwa yathi uma izwa ukuthi uGundanekumitha wabeka uNkulumana yathukuthela yathelwa ngamanzi.Yathi uma ifika yashisa umuzi wakwaGibixhegu. Zonke izinduna ezazithinteka ekubekweni kukaNkulumana kuthiwa zabulawa entabeni eyagcina yaziwa ngokuthi iNtabazinduna. NoGundanekumitha naye kuthiwa wafela lapho. Kodwa kukhona omunye umlando othi akabulawanga uGundanekumitha, wafa ngokudla ushevu ngoba esebona ukuthi kakade akayikusinda. 
Liyavela igama likaGundanekumitha ezibongweni zeSilo uMzilikazi uma kuthiwa 
 ‘Ubuvamba benziwe nguGundanekumitha kwabakaMashobana, wasikaza iwundlu ngophaphe lwendlondlo, indlondlo isabhula amaphiko. Injumbane yadla uselwa lwenxwala, yabhansela ngabasondezeli kwaNtabazinduna’ 
Ubuvamba igama lesinguni esiqinile elichaza ubudedengu. Iwundlu kushiwo uNkulumana. Uphaphe kushiwo ubukhosi. Kanti indlondlo kushiwo yona inkosi uMzilikazi.
UGundanekimitha wazala uMabuyana induna yebutho yaseZisongweni/ eZinaleni . IButho leZizisongo lalibuthwe inkosi uMzilikazi ngenhloso yokuthi liyoqapha umngcele wezwe likaMthwakazi nelikaKhama wamaNgwato (enye ingxenye yabeTswana) .    Ibutho leZisongo lalende kakhulu izinsizwa zabeSuthu abangamaBirwa. ‎ Ingakho laqokwa ukuyoqapha umngcele wasebuNgwato ngoba isiSuthu nesiTswana kuyefana. 
UMabuyana wazala uThunzi owahola iZisongo ngemva kukayise.UThunzi. UThunzi wafa ebulawa uMakhobolondo wakwaBulawayo (iSilo uLobhengula) ngoba esolwa ngokugodla umbiko owawuqhamuke nezinhloli zikaMthwakazi owawuthi uNkulumana  umfowabo Lobhengula usaphila, wakhile endaweni yasePhugeni(Phokeng North West). Ngemuva kokufa kwakhe iZisongo zaholwa umfowabo kaThunzi uFaku kaMabuyane. Kuze kube namuhla lobo buholi basasekuyo indlu kaFaku. Kwathi ngemuva kokufa kukaFaku iZinala /IZisongo zaholwa indodana yakhe uNyangazonke owazala uNyangazonke (Vuyani) ubusayo njengamanje. 
Enye yamadodakazi kaMabuyana uMpoliyana yagana iSilo sakwaBulawayo inkosi uLobhengula, kwazalwa uMntwana uNjube (inkosana) eyagcina ithunyelwe eKapa ngenhloso yokuqeda nya ubukhosi bukaMthwakazi. ‎Enye yamadodana kaMabuyana uMtshede yaba ngomunye wezinsiwa ezathunywa inkosi uLobhengula kuKhwini Vitholi eNgilandi, kulelo thimba kwalukhona noBabanyana Masuku. 
UMlesthe Ndiweni 
UMletshe wayeyinduna yomuzi wasOjingeni owawakhelwe endaweni yaseNorth West endaweni ebizwa ngokuthi kuseSesifikile. Kwathi ngasikhathi isizwe sesizinze kwaMthwakazi uJinga lwakhelwa endaweni yaseBhazha buqamama nendawo yaseFumugwe eMathopho.  Ngesikhathi uZwangendaba ibutho likaMbiko kaMadlenya linqoba amabhunu kaPoitgeitier ngonyaka 1845 uJinga lwalwakhelwe khona endaweni yaseMathopho.   Kwathi ngokuhamba kwesikhathi inkosi yaluthutha yayolumisa esifundeni saseBubi. Nakhona eBubi lwagcina luthuthiwe ngesikhathi izwe selibuswa ngamaNgisi  lwayomiswa endaweni yaseNkayi esigodini saseNkalakatha.  UMletshe wazala uNkomo owazala uNkalakatha okwaqanjwa ngaye isigodi. 
Enye indlu ebalulekike kwaNdiweni ekaThambo Ndiweni owabe eyinduna yebutho leNhlambabaloyi. Leli butho lalibuthwe iSilo uMzilikazi uqobo saqoka uThambo ukiba abe yinduna yalo. UThambo wazala uMhlambezi owazala uMkhulunyelwa owazala uKhayisa isitha esikhulu sikaMgabe. UKhayisa wazala inkosi uNhlanhlayamangwe. Nasiya isizwe senkosi uNhlanhla laphaya endaweni yaseNtabazinduna
Ake ngime lapho nina bakaSongobese wamakhanda inkomo yanganene! Izothengana nayiphi na enenekazi? Izothengana noMbangambi woVuna eMashobeni! 
NguDingiswayo lowo‎
Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo