Abantu bakwaNdlanzi[hhayi Ndlazi]baphuma kubantu bakwaCele .Lokho kuchaza ukuthi abakwaNdlanzi bangamNtungwa-angamaLala ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaCele .AbakwaCele babakhe emngceleni wezwe lakwaQwabe,kusukela eNonothi kwehle njalo kuye eningizimu.
Ngesikhathi sombuso wenkosi uDingiswayo yabakwaMthethwa,abantu bakwaCele babebuswa nguDibandlela indodana kaMkhokheli UDibandlela walandelwa ngumzukulu wakhe uMagaye ngoba amadodana akhe ashona esemancane engakabusi .Lawa madodana kwabe kungoMdinsilwa noVico .Nguyena-ke uVico owazala amadodana amabili uMagaye noMande osekuphume kubo izindlu zamakhosi akwaCele asesabalele lonke izwe laseNingizimu Afrika.Inkosi uMagaye wabe engumngane omkhulu weLembe nokwathi uma selibulewe iLembe ngumnewabo iSilo saseMgunbundlovu nayoke inkosi uMagaye nayi yabe isiyabulawa ngoba nje wayengumngane wesitha seNdudumo yaseMgungundlovu iLembe .Kanti inkosi uMande yabulawa inkosi uNqetho yabakwaQwabe .Yena -ke inkosi uMande wabulawelwa ukuthi wenqaba ukuhlangana nenkosi uNqetho ukuba kuhlaselwe iNdudumo yaseMgungundlovu[iSilo uDingane]. Emuva kokukhothama kwalamakhosi abantu bawo bahlakazeka ngakoMzimkhulu.Kungathi basakhona namanje ngale eNingizimu yoMzimkhulu enye yamadodana akwaCele okwabe kunguMningi kaSohlaza kaSongatshani akalithandanga leliyazwe.Wabuyake ehambisana nabanye bakubo bebuyela emanxiweni okhokho babo babo lena eMhlathuze kuya ngasolwandle .Wafika kuleyandawo sekwakha abantu bakwDube ababe buswa nguNzwakele kaKhushwayo nabakwaMbonambi[Mbuyazi] .Kwamphoqa ukuba akhonze ngaphansi kobukhosi benkosi uNzwakele.Wabe esakha laphaya osekuyidolobha iRichards Bay khona wathi kuseMandlanzini ngoba ubuye sebeyidlanzana futhi kungathi kuleya ndawo beyidlanzana kwabe sekuthiwa kulabantu bakwaCele ngabakwaNdlanzi .
Inkosi uMqedi kaManqama yayakhe laphaya osekunomuzi waseBreckenham eRichards Bay .Ngaleso sikhathi abamhlophe babematasa beklama kabusha imingcele .Kuthiwa inkosi uMqedi isahlezi kahle nabantu bayo kuleyandawo kwaqhamuka umlungu ogama lakhe kunguRichards wacela enkosi ukuhlala neNkosi uMqedi .Kanti uhlezi nje lo mlungu uyabheka nokuthe mayebona ukuthi le ndawo inomnotho wahlangana nabanye abakubo abamhlophe .Babe sebeyasisusa lesi sizwe basisa lapho kunesiteshi sesitimela khona eMpangeni.Ngaleso sikhathi isizwe sakwaNdlanzi sasibuswa inkosi uMaphangwa ngo-1975 lapho khona uhulumeni wobandlululo wanqumela ugwayi katiki abantu bakwaNdlanzi ukuba basuke ngankani endaweni yabo . INkosi uMaphangwa yake yenqaba ukusuka endaweni yoyisemkhulu kodwa ngenxa yobugovu kwabamhlophe bathumela uTiny Jordaan ngowe-1976. Inkosi uMaphangwa wazalwa ziyisi-6 kuNhlaba[May] ngowe-1919. Wayenondlunkulu abayi -14 nabantwana abangama-49 .,amadodana angama-29 namadodakazi angama-20 .Nakhona babuye basuswa khona sekwakhiwa isiteshi sesitimela.Laphaya endaweni yabo eMandlanzini abakwaNdlanzi kwabe sekwakhiwa idolobha laqanjwa ngaye loya mlungu u-Richards kwathiwa yiseRichards Bay .Yadliwa kanjalo indawo yabantu bakwaNdlanzi idliwa ngabengwadi.Wagcina futhi lo mlungu esakhe ehhotela laphaya eMerensee. Laba bantu bakwaNdlanzi bagcina sebefudukiselwa nguye uhulumeni wobandlululo wabasa endaweni yaseNtambanana nenkosana yeNkosi uMqedi .Kuyo leya ndawo kunezikole eziqanjwe ngawo amakhosi akhona njengesikole samabanga aphezulu iMningi High School .
UKWELAMANA KWABO :
-USongatshana wazala uHlaza[Sohlaza]
-UHlaza wazala uMningi
-UMningi wazala uMqedi
-UMqedi wazala uMambuka
-UMambuka wazala uMnindwa
-UMnindwa wazala uMaphngwa
-UMaphangwa wazala uMamkhomzana[uNicholas] ozala inkosi uMchazeni
Izithakazelo zabo
Mningi
Sohlaza
Mthiyane ngokuthiya amadoda
Mqedi
Wena waseMandlanzini
Mphangwa
OMAGAYE NOMANDE BAKWACELE :