Ndlanzi

Abantu bakwaNdlanzi[hhayi Ndlazi]baphuma kubantu bakwaCele .Lokho kuchaza ukuthi abakwaNdlanzi bangamNtungwa-angamaLala ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaCele .AbakwaCele babakhe emngceleni wezwe lakwaQwabe,kusukela eNonothi kwehle  njalo kuye eningizimu.

Ngesikhathi sombuso wenkosi uDingiswayo yabakwaMthethwa,abantu bakwaCele babebuswa nguDibandlela indodana kaMkhokheli UDibandlela walandelwa ngumzukulu wakhe uMagaye ngoba amadodana akhe ashona esemancane engakabusi .Lawa madodana kwabe kungoMdinsilwa noVico .Nguyena-ke uVico owazala amadodana amabili uMagaye noMande osekuphume kubo izindlu zamakhosi akwaCele asesabalele lonke izwe laseNingizimu Afrika.Inkosi uMagaye wabe engumngane omkhulu weLembe nokwathi uma selibulewe iLembe ngumnewabo iSilo saseMgunbundlovu nayoke inkosi uMagaye nayi yabe isiyabulawa ngoba nje wayengumngane wesitha seNdudumo yaseMgungundlovu  iLembe .Kanti inkosi uMande yabulawa inkosi uNqetho yabakwaQwabe .Yena -ke inkosi uMande wabulawelwa ukuthi wenqaba ukuhlangana nenkosi uNqetho ukuba kuhlaselwe iNdudumo yaseMgungundlovu[iSilo uDingane]. Emuva kokukhothama kwalamakhosi abantu bawo bahlakazeka ngakoMzimkhulu.Kungathi basakhona namanje ngale eNingizimu yoMzimkhulu enye yamadodana akwaCele okwabe kunguMningi kaSohlaza kaSongatshani akalithandanga leliyazwe.Wabuyake ehambisana nabanye bakubo bebuyela emanxiweni okhokho babo babo lena eMhlathuze kuya ngasolwandle .Wafika kuleyandawo sekwakha abantu bakwDube ababe buswa nguNzwakele kaKhushwayo nabakwaMbonambi[Mbuyazi] .Kwamphoqa ukuba akhonze ngaphansi  kobukhosi  benkosi uNzwakele.Wabe  esakha laphaya osekuyidolobha iRichards Bay khona wathi kuseMandlanzini ngoba ubuye sebeyidlanzana  futhi kungathi kuleya ndawo beyidlanzana  kwabe sekuthiwa kulabantu bakwaCele ngabakwaNdlanzi .

Inkosi uMqedi kaManqama yayakhe laphaya osekunomuzi waseBreckenham eRichards Bay .Ngaleso sikhathi abamhlophe babematasa beklama kabusha imingcele .Kuthiwa inkosi uMqedi isahlezi kahle nabantu bayo  kuleyandawo kwaqhamuka umlungu ogama lakhe kunguRichards wacela enkosi ukuhlala neNkosi uMqedi .Kanti uhlezi nje lo mlungu uyabheka nokuthe mayebona ukuthi le ndawo inomnotho wahlangana nabanye abakubo  abamhlophe .Babe sebeyasisusa  lesi sizwe basisa lapho kunesiteshi sesitimela khona eMpangeni.Ngaleso sikhathi isizwe sakwaNdlanzi sasibuswa inkosi uMaphangwa ngo-1975 lapho khona uhulumeni wobandlululo wanqumela ugwayi katiki abantu bakwaNdlanzi ukuba basuke ngankani endaweni yabo . INkosi uMaphangwa yake yenqaba ukusuka endaweni yoyisemkhulu kodwa ngenxa yobugovu kwabamhlophe  bathumela uTiny Jordaan ngowe-1976. Inkosi uMaphangwa wazalwa ziyisi-6 kuNhlaba[May] ngowe-1919. Wayenondlunkulu abayi -14 nabantwana abangama-49 .,amadodana angama-29 namadodakazi angama-20  .Nakhona babuye basuswa  khona sekwakhiwa isiteshi sesitimela.Laphaya endaweni  yabo eMandlanzini abakwaNdlanzi kwabe sekwakhiwa idolobha laqanjwa ngaye loya mlungu u-Richards kwathiwa yiseRichards Bay .Yadliwa kanjalo indawo yabantu bakwaNdlanzi idliwa ngabengwadi.Wagcina futhi lo mlungu esakhe ehhotela laphaya  eMerensee. Laba bantu bakwaNdlanzi bagcina sebefudukiselwa  nguye uhulumeni wobandlululo wabasa endaweni yaseNtambanana nenkosana yeNkosi uMqedi .Kuyo leya ndawo  kunezikole eziqanjwe ngawo amakhosi akhona njengesikole samabanga  aphezulu iMningi High School .


UKWELAMANA KWABO :

-USongatshana wazala uHlaza[Sohlaza]

-UHlaza wazala uMningi

-UMningi wazala uMqedi

-UMqedi wazala uMambuka

-UMambuka wazala uMnindwa

-UMnindwa wazala uMaphngwa

-UMaphangwa wazala uMamkhomzana[uNicholas] ozala inkosi uMchazeni

Izithakazelo zabo

Mningi
Sohlaza
Mthiyane ngokuthiya amadoda
Mqedi
Wena waseMandlanzini
Mphangwa

OMAGAYE NOMANDE BAKWACELE :

UVico wazala amadodana amabili oMagaye noMande, abalwa bebanga ubukhosi esaphila uyisemkhulu uDubandlela. UMagaye waphumelela kulowo mbango . Wawushiya umuzi kayise wayokwakha owakhe umuzi ngasemthonjeni womfula uMhlali. Umnawakhe uMande wawela uMvoti wayokwakha endaweni lapha sekukhona idolobha lakwaDukuza manje .
Besakhile ,kuyilowo enabantu bakhe, iLembe lathumela  izithunywa zalo ukuba ziyocela ukudla  kumadodana kaVico ,oMagaye noMande. Kuthiwa uMagaye waziphatha kahle izithunywa zeLembe wazihlabisa kwadliwa kwabakuhle kwanjeya:
Zedlula izithunywa zeLembe kwaMagaye ,zadlulela kwamnawakhe uMande.Zathi lapho zifika zacela ukudla .Kuthiwa esikhundleni sokuzihlabisa ,uMande waletha inja endala, ezacile , wathi mazihlabe yona ziyidle . Izithunywa zeLembe zaphindela emuva zayobikela inkosi ngalesi isigigaba . Emva kwesikhathi  iLembe lazithumela futhi izithunywa kwaMande ukuba alethe leyo nja ukuze ziyihlabe ,ziyidle. UMande wazifundela kwezakhe ukuba leyo nja eyabe isizohlatshwa kwabe kunguye uqobo . Washaya wachitha , wabaleka wayochasha emahlathini ,ILembe lamjezisa ngokuba lithathe umuzi wakhe, lazakhela owalo lawubiza ngokuthi kukwaDukuza. Abanye abalandeli bakwaMande bazinikela kumnewabo uMagaye . UMande wabulawa nguNqetho wakwaQwabe owayengumholi wabantu bakwaQwabe ayeqembuke nabo embusweni weSilo saseMgungundlovu inkosi uDingane kaSenzangakhona.UMande wabulawa ngoba engavumanga okwelekelela uNqetho ekulweni kwakhe nokuhlakaza umbuso kaMbomboshe . Emva kwalezi zehlakalo isizwe sakwaCele sahlakazeka.Abanye babaleka baze bayokwakha eMzimkhulu. 

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo