Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mbeje

Mbatha, Shandu kaNdaba, Sontshikaze, Manyosi, Gumbi lamagwala, UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala, Nasothini lomkhonto uyenela, Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla, Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni, Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo! Bhabha Magwaza, Nkentenkente, Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe, Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile, Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani, Ndaba koMkhulu, Ndabezitha!

Maphumulo

Maphumulo, Mashimane, Doncabe, Zikode, Dubandlela, Mgobode,Masiyane! Cwalile!!

Luthuli

Mshibe!Madlanduna!Abadl’insikazi belambile, Ngoze ngikwenze owangenza khona, Nina eningawadl’amasi ningawanikiwe, Nesab’amas’ehla ngendololwane, Nina bakaMashiza, Ndlwan’enhle! Sigencagenca mbaz’ebukhali! Malal’aqhamuke ngezansi, Zingwaz’ezidl’inyama abanye bedla izinyamazane, Mave... qhubeka ufunde »

Bhengu

Ngcolosi, Wena kaDlabazane, kaNgwane, kaNephu, kaLamula Nyawo zigezwa ngamazolo, Nina enivuka nixubhe ngalala, Shongololo Wathi uyalithinta lahwaqabala, Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze. Nyawo zeShongololo kaziphumuli. Sigamphu Ngwane, ingwani ngwadi Abayibone ngesond’ukuthi iwelile, Jali Nin... qhubeka ufunde »

Khoza

Mlothswa! Msuthu! Mkhathini, S’phan’abantwana, Ndlel’ehamb’ekhaya, eyanqamula kwaMandlakazi! Mancencence!Hlabisa odlulayo, Ngoba olele akahlatshiswa, uyidla aze ayiqede. Wena wakwaMpahl’emhlophe.ingaba bomvu isiyonakele. Ntshingwayo. Mangena, Mlilo, Wena waseSiphezi ! Skotana,Mabona, Nomag... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNgwenyama uSobhuza II ka Mahlokohla 

Umlando ngeNgwenyama uSobhuza II kaMahlokohla (uMlondolozi) INgwenyama uSobhuza wesibili yiyona ezala iNgwenyama ebusa manje nokuyiNgwenyama uMswazi wesithathu ebuye yaziwe ngokuthi iNgwenyama uMakhosesive . INgwenyama uSobhuza wesibili izalwa noma ngithi yayizalwa iNgwenyama uBhunu ka Mbandzeni  ,yazalwa ngowe 1899. Elinye igama lweNgwenyama uBhunu kwakunguMahlokohla. Unina weNgwenyama uSobhuza II kwakunguLomawa Nxumalo. INdlovukazi uLomawa Nxumalo kwathi ngenkathi kuzosungulwa iNhlangano uKhongolose yanikela ngemali engama 1500 pounds nokwabe kuyimali engasukumi phansi ngaleso sikhathi . Elinye igama leNgwenyama uSobhuza II kwakunguMona .  INgwenyama uBhunu nokunguyise weNgwenyama uSobhuza II yakhothama yashiya uMntwana uSobhuza II esemncane kakhulu kwase kubamba uMalunge uyise omncane weNgwenyama uSobhuza II, wabamba esizana noGogo weNgwenyama uSobhuza II iNdlovukazi uLabitsibeni Mdluli yakwaZombode wamagugu. INgwenyama uSobhuza II babeyithanda kakhulu abantu bayo futhi nayo ibathanda ,ibazisa kakhulu. Yayiganwe ngamakhosikazi angale kweKhulu . Umuzi wayo wawubizwa ngokuthi kuseLudzidzini . Le Ngwenyama yaseLudzidzini yayingenaso isikhathi sokuthengana nezimoto zikaNokusho ,amakhosikazi ayo yawathengela ibhasi elikhulu ababehamba ngalo uma beya emicimbini nakwezinye izindawo 

Cele

Cele Ndosi Nombedu Khumbuza Nkomo kayivuswa Nkomo isengwa ilele Wayisenga imile iyakhahlela Siqunga esihle esingahlalwa nyoni Siqunga esihle esizalela amasakabula Mkhokheli owakhokhela isizwe ekugqilazweni Dubandlela Vico akagezanga Ubuye nensila emfuleni Ngoba ethembe ukugeza ngobisi Magaye,Mande M... qhubeka ufunde »

INdlovukazi uMaNtantisi unina weNkosi uSigonyela 

  Nanso-ke iNdlovukazi yabeSuthu abangabaTlokwa iNdlovukazi uMaNtantisi unina weNkosi uSekonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela . INdlovukazi uMaNtatisi yabusa abaTlokwa ngesikhathi iLembe limatasa lihlanganisa izizwe , yabusa njengeMambabukhosi ibambele indodana yalo uSekonyela owabe esakhula . Uyise kaSekonyela iNkosi uMokotjo ka Montwedi ka Motorosi  yakhothama yashiya uSekonyela esemncane, ngakho-ke uMaNtantisi waphoqeka ukuba abuse njengeBamba . Le Ndlovukazi uMaNtisi yayinesibindi esiyisimanga   , amabutho ayo kuthiwa ayehleleke ngendlela eyisimanga. Akhumbuleka kahle empini eyaziwa ngokuthi “Ntwa ya Dipitsa” nokuyimpi eyabe iphakathi kwabo abaTlokwa bakaMaNtantisi nabeSuthu beNkosi uMushweshwe . Impi yenkosi uMushweshwe yatheleka eNtabazwe lapho kwakuzinze khona abaTlokwa inethemba lokuthi iyofike izidlele amahlanga, kanti qha, iyozithela kumalunda izichome  . Basukuma abaTlokwa bazilwela , zanqikilana zaze zabukana , kwephuka nezinti zemikhonto kwagcina kujikijelwana ngamabhodwe . Kuyileso sizathu le mpi ibizwa ngokuthi “Ke Ntwa yaDipitsa” nokuchaza ukuthi “Impi yaMabhodwe noma Impi yeziMbiza” . Ngesilungu le mpi ibizwa ngokuthi yiBattle of Pots.  INdlovukazi uMaNtantisi kwahamba kwahamba yagcina isinenduku yayo yamagwala,isigibela

INkosi u-Somkhele Mkhwanazi 

  Awu sukanini nanso- ke iNkosi yaBakhwanazi madoda iNkosi uSomkhele kaMayanda kaVeyana (IMboza) okwaqanjwa ngayo indawo yakwaSomkhele. INkosi uSomkhele yayinguMshana weSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande kaSenzangakhona. Unina weNkosi uSomkhele kwakunguMntwana uNtikili kaSenzangakhona . Ngakho-ke iNkosi uSomkhele yayithathwa njengoMntwana ngoba unina wayezalwa ebukhosini bakwaZulu. Kuyileso sizathu-ke iNkosi uSomkhele yabuthelwa ibuthweni laMamboza nokwabe kuyibutho elalande kakhulu aBantwana beSilo uMpande . Umuzi weNkosi uSomkhele kwakukwaNomathiya nokuyilapho kwazalelwa khona iNkosi uMtubatuba kaSomkhele (uFalaza) . INkosi uMtubatuba yiyona eyalandela uSomkhele esihlalweni sobukhosi . ISilo uMpande sona sasizalwa intombi yakwaHlabisa uSongiya indodakazi kaNgotsha Hlabisa . INkosi uVeyana yona yayibuye ibe ngenye yezinduna zeNkosi uDingiswayo , yayihola ibutho elalaziwa ngokuthi yiNingizimu . # Khumu!    

Kubheka

Khathide Masobode, Wena owasobodela udlubu nokhasi, Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda, Mbend’ebomvu enjengetolwane, Boya obuningi obungangenyathi, Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele, Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide, Som... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!