Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Latha

UMlando wabantu bakwaDlamini [oLatha]   -Kubhala uDlamini Latha Elias Mziwenhlanhla :-     AbakwaDlamini babizwa ngokuthi ngaBeNguni baseMbo. Abantu bakwaDlamini bahlakazeke izwe lonke lakwaZulu ,kuze kuyoshaya kwelakwaXhosa ,naseZimbabwe imbala .Angisakhulumi ngelakwaNgwane ngoba ubukhosi baseSwazini busezandleni zabantu bakwaDlamini [AMalangeni ]Ngendlela abasabalele ngayo abantu bakwaDlamini umuntu uze acabange ukuthi laba bantu kabahlobene nakancane, kanti kakunjalo. Ngempela abanye baze bawele kulesilingo sokuthi bathathane. Kodwa inye into abayiqhakambisa kakhulu abantu ba... qhubeka ufunde »

UHarriette Emily Dlwedlwe Colonso (uMngane weSilo uDinuzulu) 

  Awu sukanini madoda nanso-ke indodakazi kaMfundisi uJohn William Coleso uHarriette Emily Coleso owabe engumngane omkhulu weSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu kaCetshwayo . Empeleni wonke nje umndeni wakwaColeso wawuyikhonze kabi iNdlunkulu yakwaZulu ikakhulukazi ngesikhathi seziNgonyama oCetshwayo noDinuzulu. UMfundisi uJohn William Colenso uyena okwaqanjwa ngaye idolobha laseKholeso . UHarriette Colenso wayezalelwe kwelaMangisi nokuyilapho umndeni wakhe wawuqhamuke khona . Wayezalwe ngowe 1847 ,washona ngowe 1932 nokuchaza ukuthi washona eseneminyaka engama 85 . Le ntokazi yakwaColenso yawa ivuka neSilo uDinizulu ngenkathi amaNgisi akubo esihlukumeza ,esibopha esivalela ejele singone lutho . Yiyona lentokazi kanye neNdlovukazi yaseNyokeni uNomvimbi Msweli abaqoqa imali yolukhulula iNgonyama uMamonga ngenkathi iboshiwe . Ayigcinanga lapho yaqhubeka yaloba nezincwazi izilobela umbuso waMaNgisi eNgilandi ku21 Dowinings Street ikhalaza ngokuhlukunyezwa kweNgonyama uMamonga woSuthu . Le ntokazi uHarriette yayisondelene kakhulu neNdlunkulu yakwaZulu ,isondelene futhi noNdunankulu uMankulumana owake waboshwa neSilo uMamonga.   INgonyama uMamonga nayo yabe iyikhonze kakhulu le ntokazi yamaNgisi kangangokuthi yaze yetha noMntwana uPhikisile Harriette

INkosi uMtubatuba yaBakhwanazi 

  Nanso-ke iNkosi u-Mtubatuba yaBaKhwanazi . Ibutho layo kwakuwuFalaza ,kanti elikayise u-Somkhele kwakungaMamboza/uThulwane . NgokweZazimlando kuthiwa ayikho inkosi eyabusa kahle abantu bayo njengeNkosi u-Mtubatuba . Kuthiwa yayidume ngokwephana,inogazi kubantu bayo futhi icebe kakhulu inezinkomo ezibulala inyoka,uchibidolo uqobo . Kanti kwake kwaba khona isikhathi lapho inkosi u-Mtubatuba yafuna ukuthenga khona isitimela kodwa abelungu badlala ngayo ,bamane beyishonisa lena nalena . Kuthiwa kwakuthi nxa isigebengu sonile esikhundleni sokuthi isijezise yona yayivele isixoshise ngomhlambi wezithole nenkunzi yazo bese ithi esigebengwini ‘Nazi izinkomo ungaphinde futhi wone’ . Kuthiwa kwathi ngenkathi kuzokwakhiwa kabusha isikole sokuqala kwaZulu.     Inkosi u-Mtubatuba ka Somkhele (esesithombeni)     Amazimtoti asasishe sangqongqa kwacelwa abantu ukuba baqoqe imali yokwakha leso sikole. Kwakukhishwa u25p umuntu emunye kodwa yona inkosi u-Mtubatuba yavele yadedela ikhulu lezinkomo . Isikole Amanzimtoti manje sibizwa ngokuthi yiAdams College .Inkosi u-Mtubatuba yabusela emzini kayise wakwaNomathiya nokwathi ngokuhamba kwesikhathi waguqulwa igama wabizwa ngokuthi kukwaNkomokayixoshwa ngesizathu sokuthi kwakuthi uma inkomo

Umlando ngoMntwana uBhokwe kaZibhebhu Zulu 

Nansi isithombe soMntwana u-Bhokwe kaZibhebhu kaMaphitha Zulu . Nguyena owalandela inkosi u-Zibhebhu esihlalweni sobukhosi . Empeleni indlalifa yoMntwana u-Zibhebhu kwakunguMntwana u-Msenteli owayezalwa yiNkosikazi u-Cikose Biyela okaMvundlana owamuzalela udadewabo u-Nomvula ongazange athole abantwana.Imind eni yavumelana ngokuthi u-Cikose owabe engudadewabo omncane kaNomvula ayogana u-Mntwana u-Zibhebhu ukuze amzalele indlalifa. Lelo kwakuyisiko lasebuNguni. Emgcagcweni kaCikose u-Cikose wagcagca ephethe umkhonto kaMntwana u-Zibhebhu wobukhosi nokwakusho khona ukuthi uzozala indlalifa. U-Cikose wakhulelwa wazala u-Msenteli . Wabuye wazala nentombazane u-Nomangxenge owashona eqala ukuthomba . Ngakho-ke nguMntwana u-Msenteli okwakumele alandele uyise esihlalweni sobukhosi kodwa amaNgisi amchitha abe eseqoka u-Mntwana u-Bhokwe ongazange abonwe nanguYise kwazise wayenezinyanga eziyi 18 ngenkathi iKhomishane yamaNgisi eyayiholwa nguCharles Saunders imuqoka ukuba abe yindlalifa yakwaMandlakazi. Inhloso yamaNgisi kwabe kuwukuqhubeka nokudala izinxushunxushu , ngoba ayazi kahle ukuthi uMntwana u-Msenteli wayesondelene neNdlunkulu yakwaZulu ngoba ilobolo loNina ingxenye yalo enkulu yayikhishwe yiSilo uMpande . Ngakho-ke vele ayengeke aze amamukele njenkosi yakwaMandlakazi . UMntwana u-Bhokwe wayezalwa yinkosikazi u-Geja kaMatshana Sithole

Incazelo ngeKlwa 

     

Madlala

Hlokohloko, Sishi Khabalidaka,Mpumuza Sozabe Nodlomo Dlobeni Nina enadla inhlunu niyililela Somagodla owagodla ingwe nengonyama Mabiya ngothuli amahlahla ehlezi

Nzuza

Mahlobo, Mshazi Debelimdaka, Bomvula. Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama Nozishada kaMaqhoboza Owaqhoboza izinkomo zamadoda UMajiya kaDiniZulu kaMsuthu Mudli

Dlamini Malandela

Dlamini Malandela Nyanya Mfolozi eMnyama iNkethabaweli AbakoNyanya abayiphuzi ngoba yafika neNkosi yakubo Abanebhaxa abayiweli Babuyela kubo bayofuna isithole esimdaka Abazowela ngaso Soshenge Wena wakwaSomabika ngokubikela aMaShenge Ukuthi kuyadliwa kwaMandlakazi Manzayiwayo!

Izibongo zeNkosi uSenzangakhona ka Jama

IMbongi ::uTholudaba wakwaNdlovu >>>> UMjokwane kaNdaba Usalakutshelwa usalakunyenyezelwa Ubhid’elimathetha ngezinyembezi LinjengelikaPhiko waseBulawini Inyath’ehamba Isengama amazibuko Injengomzingeli kumaMfekwane Ozothebe zinhle uMjokwane Ezidliwa ngamancasakazi Udle umfazi... qhubeka ufunde »

Chili

Mthuyi, Mnguni! Qwabe kaNozidiya, Khuzwayo! Mlamlankunzi Ungaziyeka zibulalane Mthatathu kaGumede, Nin’ eniguvuzela umuntu ngehemu lakhe. Isigogo esisind’ abatshathi. Donga olulal’ amankentshane Nina bas’ Ongoye. Mbuse, Malinda Lushaba Ntseka Wena owashaya insimbi ngomlenze. Mgcwalisi wethus... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!