Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Ngubane

Mbovu, Somahhashi Nyoniyezwe Nomafu,Myaluza, Ngcukumane, Zikode elimhlophe, Matomela, Nzombane,Ngogozabantu, Nomasikisiki,nyon’esindwa isisila sayo, Ndoda kaNyamazane, KaSodlelezi esadl’amabele amhlophe sawashiya nenkehlane, Ngcingcw’ephuza kwezid’iziziba, Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ungabuya nodaka, Vathu oluphezulu ngoba oluphansi olwabafokazane, Nina baseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi, Nomaphikwane!

Nzimakwe

Phehlukwayo Chenge Mbumba Nyawo zimhlophe Joba

UNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga

Awu sukanini madoda nango-ke u-Mankulumana kaSomphunga Ndwandwe uPrime Minister (uNdunankulu) wakwaZulu ngesikhathi seNgonyama u-Mamonga woSuthu.   Kulesi sithombe simbona ekakwe izinduna zaseMkhontweni. Leli qhawe lalibuthelwe ebuthweni uMbonambi onduku zibomvu igazi. Labuthwa ngesikhathi seNg... qhubeka ufunde »

Maphanga

Mnguni, Qwabe, Gumede, Mnguni kaYeyeye, Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo, Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba Abathi “dluya kubeyethwe”, Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni, Sidikida lolodaba, Phakathwayo! Wena kaMalandela, Ngokulandel’ izinkomo zamadoda, Amaz... qhubeka ufunde »

Khambule

Mzilankatha Inkatha kayingeni endlini Yangena kubola izinkaba zabantwana Mlotshwa Nina bakaMaweni Msuthu Mncube onsundu nezinyawo zakhe Nina baseSilutshana Malangatsha

Myeni

Mdolomba Mzukase, Mnguni wasenhla Wena waseNingizimu Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa  Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane Mdlomba kaDuma  Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala  Ngwenya kaMalambe... qhubeka ufunde »

UNgoza ka Ludaba Majozi 

  Nango-ke u-Ngoza Majozi owabe eyinduna yePhumalimi u-Somtswewu kaSonzica Majozi . Waqala ukuba induna kaSomtswewu kusukela ngemuva kwempi yaseNdondakusuka. ENdondakusuka wayelwe ngasohlangothini loMntwana u-Mbuyazwe nokwathi ngemuva kokunqotshwa kwakhe wazimbandakanya namaPhumalimi. Ibutho likaNgoza kwakuyiHlaba . Babili oNgoza emlandwini wakwaZulu,kukhona uNgoza kaMkhubuleli waseBathenjini kanye noNgoza kaLudaba wakwaMajozi. Uyise uLudaba wayenguMalume kaNyathi Mabaso ,ingakho ezibongweni zikaNyathi Mabaso kukhona umugqa othi ‘INyathi emnyama kaLudaba’.. ESandlwana lensizwa yalwa ngasohlangothini lwaMaNgisi . Abanye abalwa ngasohlangothini lwamaNgisi inkosi uGabangaye Mchunu ,inkosi uNdabayakhe Zuma namanye amakhosi.

Isibhamu sohlobo lweSigwagwagwa esenziwa amaNgisi 

Nanso-ke iSigwagwagwa uhlobo lwesibhamu olwenziwa amaNgisi ngowe 1888 ,lwasetshenziswa okokuqala ngqa empini yamaNgisi noMthwakazi ngowe 1893. (IMaxim Gun 37mm(ebuye yaziwe ngeSigwagwagwa )     ISigwagwagwa ngesiZulu saphesheya sibizwa ngokuthi yiMaxim Gun (37mm). UMthwakazi isizwe esakhiwa iqhawe lakwaKhumalo uMzilikazi kaMashobana kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa . Lesi sizwe namuhla sitholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe . Sinomhlaba ongama 48 000 000 acres kanti abantu bona bangama 7 million . Ngesikhathi amaNgisi akha lolu hlobo lwesibhamu uMthwakazi wawubuswa indodana yeSilo uMzilikazi iSilo uLobhengula Khumalo. Kuyamangaza ukuthi iSilo uLobhengula sasiwazonda amaNgisi singafuni nokubona lapho ehambe khona ,kodwa uyise uMzilikazi yena wayewakhonze kakhulu. ISilo uMzilikazi sawathanda ngesizathu sokuthi sasikhonze kakhulu uMfundisi uRobert Moffart owayenguMngisi eluqhamukise eScotland . Amabhunu sasiwanyanyisa okwendle! ISilo uLobhengula sona amabhunu sasiwakhonze kakhulu kangangokuthi yiwona asifundisa ukusebenzisa induku yamagwala. ISigwagwagwa sadala umunyu esizweni saBathwakazi mhla ibambene phezulu empini eyalwa izikhawu ezine ngowe 1893. Isikhawu sokuqala salwa enqabeni yamaNgisi i-Fort Victoria nosekuyiMasvingo khona namuhla. Impi

Nhleko

Mgilitsha! Nyanganduna! Masomane! Ngubo yengwe neyengonyama Mbambo zenyathi Malinga! Owalinga izinkomo zenkosi Mancwanga! Nyawo zimhlophe.

Sibisi

Izithakazelo nomlando wakwaSibisi Abantu bakwaSibisi imvelaphi yabo ikubeSuthu abaziwa ngokuthi bangaMakgwakgwa , aMakgwakgwa wona aphuma kubeSuthu abaziwa ngokuthi ngaBahlakwana [ Bahlakwana] . Ukhokho walaba bantu bakwaSibisi nguMahlatsi indodana kaKherehlwa kaMashiane kaMolapo . ABahlakwana nabo ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!