Khondlo, Mwelase, Nzima, Muna, Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha, Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda, S`gawuli semithi emide nemifushane, Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini, Nzimalamase ngobulandakazi, Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni, Okwathiwa ng... qhubeka ufunde »
Skhende, Jele, Ntini Ngubo yengwe. Somkhanda, wena owakhanda amadoda, Wena ka-Mathumb’ayiphanyeke, Ntongande, Mdakane, Mehl’enkomo, Ntini, Nozingelayo, Ndandali, Wena kaNgoni, Mlotshwa! Ndandayi Mehlwenkomo Malila ngomkhonto abanye belila ngezinyembezi Siguguda senyathi Wena kaKhokhozela njengeQ... qhubeka ufunde »
Goba, Mdunge, Theneza, Mageza ngobisi lwenhlunu abanye begeza ngamanzi, Jangaza Ubambo kaludliwa ngabafokazana, Ludliwa umlandokazi, Mbiko Scubu kasosiwa Siyaphekwa kudle wonke emaGoba Mkhemezela, Khethwayo, Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka Mandlovu
Zintathu izithakazelo zakwaHadebe ezitholakele lapha. Hadebe Mthimkhulu Bhungane kaNsele Nzimande Wena kaLangalibalele KaNdlubu ezamila endaweni embiNgoba zamila emthondweni. Amangelengele anzipho zinde Ngokuziqhwandela. Makhulukhulu! Hadeb’omuhle okhonz’agoduke Angaze axakwe yithambo lasemzini.... qhubeka ufunde »
Kheswa! Nozulu! Mpangazitha! Mchumane! Mnguni, Abanguni abangakanani, Ngoba nasechopheni leqhiya (leduku) bayenela! Izulu eladuma ekuseni, Kwathi ntambama laphangalala! Nina enehlis’uBuhhedlana, Amangelengel’awel’iMpofana nawel’uThukela! Nawela ngesilulu nibheke eBusuthu. UMchachambi wezulu ... qhubeka ufunde »
Makhendama!Soyingwase! Nina bakaBhebhe kaMthendeka! Nina bakaBhebh’owabhebhel’umuntu etsheni. Nina bakaSoqubele onjengegundane. Nina baseSiweni. KwaMpuku yakwaMselemusi. KwaNogwence webaya. Dlomo weNdl’ende! Sihlangu samavaka seswel’ababhemu. Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda ... qhubeka ufunde »
Nkomose Dibanto Thole Malinga Wena owalinga izintaba zaganana Nhlun’emhlophe,ingababomvu ngeyomlandakazi Mzilankatha Msenganduna namathokazi Ndlandla kubheka Jiyane Nongalo Wena ophika nelanga Didiza Msuthu wasenhla Zibaya ,Snquma
Hlongwa, Gabhise, Mtumaseni, Khawula, Mdindela ! Nina enehla ngomzungulu wasala wabola
Khuluse, Gence, Shozi, Gabhisa, Mtumasela, Langa, Mbasha, Wena owehla ngomzungulu wasala wabola, Khawula!