Guma

Guma
Ngogwana,
Suthisamagxegwana,
Zandla zibomvu ngokuphatha ilanga.
Suthisamaphiva namasongololo,
Siyaye sibasa endleleni singosi lutho
Juba elakhale mate kwazekwasa upotoloza engalele.
Somomose,
Mpinda kaNomopha,
Mngezane,
Mangena ngesitha ekhaya.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo