Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Hegebe

Iziduko zamaHegebe UNgubendala UGaleka UNgobe UNdala UMduduma UZulu liyazongoma UHolomisa UMntungaye UMntuzibulala

Hlangebi

Iziduko zamaHlangebi Nobetha Mdlovu Yokhwe Mfaz’obelenye Madiba Zondwa

Helushe

Izithakazelo zamaHelushe Sweni Marge Madevu Malamb’ayendle okudl’igusha athi ziziduli zethafa

Haji

Izithakazelo zamaMpondo akwaHaji Jola Qengeba Mphankomo Mthwakazi Mfaz’obele nye phesheya komfula

Hlalele

Hlalele Abantu bakwaHlalele bangabaTswana abangabaTaung . Phela abaTswana nabo nahlukaniswe izigatshana njengabaNguni. Laba bantu babaTaung baxhumene kakhulu nabantu bakwaSibanda eZimbabwe . AbakwaSibanda bayingxenye yabaTau abathunjwa yinkosi uMzilikazi kubaTaung ngesikhathi abaTau bebuswa yinkosi ... qhubeka ufunde »

Hlanguza

Hlanguza Magoda, Vezi Mzila Mahlobo Qashi Wena kaSodidi Wena kaMqedangala kwezika Nonda Nina enigula ningazibiki ndawo Abanye bezibika ebantwini Nina bakwaNkomo aziphuzi ubusika nehlobo, Nina bakwaNhlun’emhlophe Ingaba bomvu eyomlandokazi Nina baka Nxanxashi umlomo kawudli uswele abadlayo Inga... qhubeka ufunde »

Hadebe

Zintathu izithakazelo zakwaHadebe ezitholakele lapha. Hadebe Mthimkhulu Bhungane kaNsele Nzimande Wena kaLangalibalele KaNdlubu ezamila endaweni embiNgoba zamila emthondweni. Amangelengele anzipho zinde Ngokuziqhwandela. Makhulukhulu! Hadeb’omuhle okhonz’agoduke Angaze axakwe yithambo lasemzini.... qhubeka ufunde »

Hlongwa

Khuluse, Gence, Shozi, Gabhisa, Mtumasela, Langa, Mbasha, Wena owehla ngomzungulu wasala wabola, Khawula!

error: Akuvumelekile lokho !!