Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Tunzi

Ndaba Bhadela Mntungwa Nonunu Tshibase Mntungwa ka Mbulazi Ndabezitha Nongila Nomangcangca! Iintomb’ezintle namadod’azo Abant’abakrelekrele Nina baNoyanda ka Ndaba Osesithombeni nguZozibini Tunzi ophethe iNdondo kaNobuhle waseMhlabeni wonke jikelele ( Miss World)

Ndaba Bhadela

Laba bantu bakwaNdaba Bhadela batholakala kwaXhosa . Indabuko yabo ikubantu baseMantungweni oMabaso noKhumalo. Laba bantu bakwaNdaba Bhadela abahlobene nabakwaNdaba abatholakala KwaZulu. Eqinisweni isibongo sakwaNdaba sihlukene kaningana , kukhona oNdaba abangoMthiyane , kukhona oNdaba Ligode , kukh... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi uNomvimbi Mzimela(uNina weSilo uDinuzulu) 

INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu) INdlovukazi uNomvimbi (okaMsweli) Mzimela yayinguNina weSilo uDinuzulu kaCesthwayo iSilo saseMkhontweni . Kusuke kushiwo yona ezibongweni zeSilo uDinuzulu uma kuthiwa ‘Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile’. Uyise weNdlovukazi uNomvimbi kwakunguMsweli Mzimela owakhothamela empini yaseNdondakusuka nokuyimpi eyabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande . Wayelwe ngasohlangothini lukaMntwana uMbuyazwe nokunguyena uwehlulwa kuleyo mpi , ehlulwa ngumfowabo uMntwana uCetshwayo . Kwathi ngemuva kokudla umhlanganiso kwempi kaJininindi (uMntwana uCetshwayo) uNomvimbi wathathwa kanye  namanye amantombazane kuleyo mpi ethathwa yimpi kaJininindi kwayiwa esigodlweni saseMangweni. Kulapho uMntwana uCetshwayo wahlobonga naye khona kwazalwa uDinuzulu. Ngamanye amazwi uDinuzulu wazalwa ngenkathi uMntwana uCetshwayo engakabi yiNgonyama . Ngokomthetho wasebuNguni uMntwana ozalwe uyise engakabi yiNgonyama akabi yiNgonyama . UDinuzulu naye wazalwa ngenkathi uJininindi engakabi yiNgonyama .Ngakho-ke ngokomthetho wasebuNguni uDinuzulu kwakungamele abe yiNgonyama . Kodwa-ke ngesizathu sokuthi uyise wakhothama ngowezi 1884 kusenguDinuzulu yedwa ingane yomfana kwazise uManzolwandle wazalwa ngemuva kokukhothama kweSilo uCetshwayo . ISilo uDinuzulu saqala ukubusa sineminyaka eyi 16 ubudala

Sibanda

Sibanda (Sebata) Esathi ngokweswela amabala Sayobikwa eNkkosini INkkosi yathi le yiNgonyama Ayayekwe ingenabala Sibanda esadla safohloza Sathi okusele sagxoba gxoba phansi UMhlathi ongehlulwa thambo Maqhoba Vodloza Dawu Duna(Tau tuna)  Mdawini Laba bantu bakwaSibanda bande kakhulu eZimbabwe kwaBula... qhubeka ufunde »

Mafukela

Ndinisa Mafukela Mzomba Msibekeli Wena owasibekela inkosi ngothuli Amazomba ayakhethana maseyebandla Kwasukama uDludlu kwahlala uNkalakatha Intuthwane encane ngokubhala amadoda IBheje elibovu lakoThuliswayo Mlaba Mbhobho ka Bikwayo Mazalankosi azala uDlambula azala uLubelo Ndlela zinomswani njengeze... qhubeka ufunde »

Ndinisa

Ndinisa Mafukela Mzomba Msibekeli Wena owasibekela inkosi ngothuli Amazomba ayakhethana maseyebandla Kwasukama uDludlu kwahlala uNkalakatha Intuthwane encane ngokubhala amadoda IBheje elibovu lakoThuliswayo Mlaba Mbhobho ka Bikwayo Mazalankosi azala uDlambula azala uLubelo Ndlela zinomswani njengeze... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNkosi uBhambatha Zondi 

Inkosi uBhambatha kaMancinza ka Jangeni ka Magenge ka Nomashumi ka Nondaba yakwaZondi  yabe ibusa abakwaZondi eMsinga ngowe 1905 . Inkosi uBhambatha yaqhopha umlando ngenkathi kuliwa impi yaMakhanda nokuyimpi eyalwa ngowe 1906. Le mpi yabe iphakathi kwengxenye kaZulu eyabe ingahambisani nokukhokhwa kwentela kaKhandampondo. Le mpi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha noma yimpi kaKhandampondo . Le ngxenye kaZulu yalwa namaNgisi ngendlela esingayichaza ngokuthi yayiwubushokobezi ngoba yayilwa ilwe ibulale amaNgisi bese ihlehla iyobhaca ehlathini laseNkandla. Le mpi kaBhambatha yaqanjwa ngaye uBhambatha ngoba wayengomunye ababehamba phambili ekuholeni le mpi ka Bhambatha noma impi yaMakhanda  . Omunye owahamba phambili yinkosi uSigananda kaZwekufa Shezi . Le nsizwa yayingukaNina weLembe futhi yayikhule nalo ,yayilibone ngawenyama. Ngakho-ke yayinolwazi oluthe thuthu kwenzempi . Ngowe 1906 nokungunyaka kwalwa ngayo impi kaBhambatha inkosi uSigananda yayisineminyaka engama 99 . Le mpi kaBhambatha yalwa ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uDinuzulu. INgonyama uDinuzulu yayingazi lutho ngempi yaMakhanda futhi yayingahlangene nayo ize yagcina ivalelwe yona noNdunankulu wayo

Ngonyama

  Ndlovu Gatsheni Boyabenyathi Buyasonga buyasombuluka Ntshozini MaBhaca amahle Mthiyane ngokuthiya amadoda emazibukweni Nina bakwaDemezane iNtombazane Nina bakaMpongo kaZingelwayo Ndlovu zidl’ekhaya ngokweswela abelusi

Sibeko

Maziya Mcusi Gembe Mkhabela Wena owakhabela amakhosi amaningi Wena owadla isigungu wangayibikela inkosi Wabikela uMshengu wakwaShabalala Wathi izinyawo zenkosi zonakele! Kanti zoniwe insinde yakwaLidakana Wena wakwaMshoshoba imfe engadliwa zinyoni Wena kaMaliwa owaliwa ngabezizwe Mcusi omhlophe izan... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNkosi uLangalibalele Hadebe

  Inkosi uLangalibalele kuthiwa yazalwa emini libalele , ingakho yethiwa igama elithi inguLangalibalele. Unina weNkosi uLangalibalele kwakunguNtambose indodakazi yenkosi uMashoba kaMgabhi Mazibuko. Elinye igama leNkosi uLangalibalele kwakunguMthethwa. Inkosi uMashoba  yazala iNkosi uPhuthini n... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!