Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Sebolela

Sebolela Ke Mofokeng wa Sebolela sa Kwena Motho wa mohope o mosweu Bongata bo lopa metsi Nna ke lopa hloya, mafi Ledu sa kgomo mafiela fatshe Leme la kgomo koba matlakala

Mzobe

Mzobe, Ngcolwane, Phohla, Walawala, Khinibe Hlekani Nongoza omuhle, Jojwane, Bhidi Malala Zembe libomvu, Majilane Sombude Inyoni ephuza kwezinde iziziba Ithi ngaphuza kwezimfishane inqundeke umlomo Wena owafundis’abant’uk’hleka Bengakwazi bethi amazinyo zingcili, Thangana, Welinjan... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseSandlwana (22 ku -Masingana 1879)/The Battle of Sandlwana (22 January 1879) 

Umlando ngempi yaseSandlwana (22 ku -Masingana 1879)/The Battle of Sandlwana (22 January 1879) #Kuloba uKholo Khumalo iNxazonke Impi yaseSandlwana yalwa mhla zingama 22 ku Masingana 1879 . Lempi yayiphakathi kukaZulu namaNgisi, uZulu ngaleso sikhathi wayebuswa iSilo u-Cetshwayo kaMpande . Kulempi uZulu wadla umhlanganiso . Impi yamaNgisi yayiningi ngesibalo ukudlula eyakwaZulu. Imbangela yokwanda kwempi yamaNgisi kwaba ukuthi yayimbandakanya namambuka ayehlubuke uZulu ayozimbandakanya namaNgisi. Enye imbangela kwaba ukuba khona kwesizwe saBatlokwa benkosi u-Hlubi kaMotha ukuzokwelekelela amaNgisi . Kanti nabo abamhlopje bebodwa babevele bebaningi ngoba kwakuqhamuke abamhlophe ababesuka koCanada , Austria , New Zealiland , Australia, America ,AmaNdiya nabanye. Inkosi u-Hlubi yanikela ngamabutho angama 800. Lawo mabutho aba yingxenye yebutho labohlanga elalibizwa ngokuthi i-ANNC (African Natal Native Contingent) . Leli butho labohlanga i-ANNC lalibuthwe amaNgisi ayeyizelamani o-Samuel no Robert Samuelson . LamaNgisi ayebuthe cishe zonke izinsizwa zengabade ezazingahambisani nombuso kaJininindi ka Ndaba . Ngamanye amazwi leli butho labe liyibutho lamambuka. Izinduna zalo kwakungo

Zimu

Khambule, Mncube, Mzilankatha Nyawo zinsundwana Malandelilanga Madlazitha Wena ogeza ngobisi abanye begeza ngamanzi AMaNcube aMazilankatha ansundu nangenyawo Akhonza agoduke abuyele ekhaya Ayowakha umuzi omkhulu Nina bakwaMalandela ngokulandela ilanga Nina bakwaMtheli umamtheli ulele ngaphandle komu... qhubeka ufunde »

Mzileni

Mzileni Nyawose Gama elikhulu Mbizana Wela lomfula ongawelwa Owelwa zinkonjane eziphapha phezulu Mzileni ka Mahlashana Dabile Mntungwa ka Mbulazi Nina baseNgome Bhodlankomo

Nyawose

Nyawose Mntungwa Bhodlankomo Lukhungo Wena owehla ngesilulu Upheth ikhathazo lokukhathaz’ amadoda Nzipho zinde ziyabhala ziyadendebula Ntungwelihle elincwaba Gwaza ka Mahlashana Mzileni Dabile Mntungwa ka Mbulazi Mzileni ka Mahlashana

Tshangana

                Khumalo Macozoma Mntungwa Langa Dibandlela Tshangana Matyele zandleni kuba esongqena ukuboleka into zabantu Nto zabaleka nenkomo zikashaka Mdletye ka Langa Sechaba Noyila Mntungwa kaMbulazi Nina enadla izimfe zimbili kwaphuma khambi linye Ndabe... qhubeka ufunde »

Macozoma

Khumalo Macozoma Mntungwa Langa Dibandlela Tshangana Matyele zandleni kuba esongqena ukuboleka into zabantu Nto zabaleka nenkomo zikashaka Mdletye ka Langa Sechaba Noyila Mntungwa kaMbulazi Nina enadla izimfe zimbili kwaphuma khambi linye Ndabezitha Bantwana beNkosi Tshangana Phukwana Sijemlana Nina... qhubeka ufunde »

Nsindane

Mbhense Owabhensa eSihlanjeni Nyathi emnyama kaNomandla Nomandla Nozulu Nsindane osinda ngobethole Mbhense Owabhensela esandleni soMutha

Nyawuza

Faku Ngqungqushe Nyawuza Thahle ka Ndayeni Chitwayo Bhala Gangatha Ciya Cabe Ncidisa Msiza Tobe Ziqelekazi Hlambangobubende Santsabe Muthwa Sithula Mpondo Njanya Sibiside..

error: Akuvumelekile lokho !!