Mzobe

Mzobe, Ngcolwane,
Phohla,
Walawala,
Khinibe
Hlekani
Nongoza omuhle,
Jojwane,
Bhidi
Malala
Zembe libomvu,
Majilane
Sombude
Inyoni ephuza kwezinde iziziba

Ithi ngaphuza kwezimfishane inqundeke umlomo
Wena owafundis’abant’uk’hleka Bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
Thangana,
Welinjani
Fundisa
Lamula
Nina bakaNtinta
Nina bakaBonisa
Fundisa
Mlenze ibomvu yommbili
Nombika.
Thongola ngesithodlwana,
Nina enathenga ulaka ngethole.
Dlangamandla
Sambula nkungu kuvele ilanga:
Mnisi wemvula,
Khumbuza
Nina baseMvuleni,
Phela thina sancengwa inkosi UNodumehlezi ukuthi sinise imvula

Ngoba sasingcono


Sisengcono namanje;
SingoJokozela
Ndinisa
Nina enakhishwa ngenoni emgodini,
Nongoza omuhle
Malala nomunwe endunu

Wavuka kwachins’ilanga
Nina bakaMlamulankunzi ziyeke zibulalane
Sojoli
Qhudeni
Nina bakaNomaphela
Nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
Maqabul’intombi isal’imamatheka

Nina bakaSonyangisa

Nina baka Nongameyana

Nina baka Nodlulayihlinzwa,

Nina bakaGgam “njengamalangabi,

Nina bakaXoki

Nina baka Ndukembana

Nina bakaNcaphayi uNogwaja ovikel ikhanda kuphela

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo