Mzobe, Ngcolwane,
Phohla,
Walawala,
Khinibe
Hlekani
Nongoza omuhle,
Jojwane,
Bhidi
Malala
Zembe libomvu,
Majilane
Sombude
Inyoni ephuza kwezinde iziziba
Ithi ngaphuza kwezimfishane inqundeke umlomo
Wena owafundis’abant’uk’hleka Bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
Thangana,
Welinjani
Fundisa
Lamula
Nina bakaNtinta
Nina bakaBonisa
Fundisa
Mlenze ibomvu yommbili
Nombika.
Thongola ngesithodlwana,
Nina enathenga ulaka ngethole.
Dlangamandla
Sambula nkungu kuvele ilanga:
Mnisi wemvula,
Khumbuza
Nina baseMvuleni,
Phela thina sancengwa inkosi UNodumehlezi ukuthi sinise imvula
Ngoba sasingcono
Sisengcono namanje;
SingoJokozela
Ndinisa
Nina enakhishwa ngenoni emgodini,
Nongoza omuhle
Malala nomunwe endunu
Wavuka kwachins’ilanga
Nina bakaMlamulankunzi ziyeke zibulalane
Sojoli
Qhudeni
Nina bakaNomaphela
Nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
Maqabul’intombi isal’imamatheka
Nina bakaSonyangisa
Nina baka Nongameyana
Nina baka Nodlulayihlinzwa,
Nina bakaGgam “njengamalangabi,
Nina bakaXoki
Nina baka Ndukembana
Nina bakaNcaphayi uNogwaja ovikel ikhanda kuphela
Ngyabonga bengaz lutho ngesbongo sami woow thanks