INkosi uSekonyela Molefe yabe iyiNkosi yabaSuthu abawuhlobo lwabaTlokwa. AbaTlokwa baphuma kubaKgatla , abaKgatla bona bephuma kubaHurutse . Inkosi uSekonyela yazalwa ngowe 1804 izalelwa lapho osekuyiNtabazwe khona (Harismith) . Uyise weNkosi kwakuyiNkosi uMokotjo , unina weNkosi uSekonyela kwakunguMaNthantisi wayeqhamuke kubeSuthu abawuhlobo lwaBasia. Phela abaSuthu bahlukaniswe izigatshana eziningi. Igama langempela le Ndlovukazi uMaNtshantisi kwakunguMonyalue . Le Ndlovukazi kwathi ngemuva kokuthola kwayo ingane yokuqala ogama layo kwakunguNthantisi yashintshwa igama yabizwa ngelika MaNthantisi nokuyigama elagcina selichume kakhulu . Empeleni ukuthi MaNthantisi kuchaza ukuthi Mama ka MaNthantisi ngesiZulu. ONthantisi wayeyintombazana, nguyena owelanywa nguSekonyela owaba yiNkosana yoMndeni. UYise kaSekonyela inkosi uMokotjo yakhothama ngowe 1813 uSekonyela esemncane kakhulu kwaphoqa ukuba abanjelwe ngu Nina uMaNthantisi . Akucaci kahle ukuthi inkosi uMokotjo yakhothama kanjani , kukhona umlando othi yabulwa ngaBafokeng bakaSebendwane . Kodwa abanye bathi qha , iNkosi uMokotjo yadungezela . UMaNthantisi kuthiwa wayenguSibidi gidi weqhawekazi . Kuthiwa wayephuma nempi yakhe uma iyohlasela . Ayihole aphinde ayididiyele. Kwakwahamba kwahamba
