Nina bakaMkhwamude wangisika isilevu, uNsungulo olude lwangithunga impumulo ISikholokotho. Lona wumuthi oletha izinhlanhla kubantu uma utshalwe egcekeni lekhaya. Uvimba izinyoka ukuba zingangeni ekhaya. Ubuye ungene nasembizeni yezikelemu. Kanti futhi uwumuthi omkhulu wokwelapha nezindlebe, kukhanyelwa umhluzi wamacembe awo ezindlebeni ezibuhlungu. Zimbili izinhlobo zalomuthi iSikholokotho, kukhona iSikholokotho sangaphandle kanye nesangaphakathi . Esangaphakathi sitshalwa ethinini ,bese sifakwa ngaphakathi endlini, nasemakamelweni imbala. Siletha izinhlanhla ngaphakathi endlini, sidonsa nomoya we-oxygen nokwenza ukuthi abantu abangaphakathi endlini baphefumule kahle, siwusizo kakhulu kwabaphila nesifo sokuxinana phecelezi Asthma. Sixosha yonke imimoya emibi ,esingaphakathi endlini. Bese kuba khona iSikholokotho sangaphandle. Esitshalwa egcekeni ekhaya, sivimba imimoya emibi ukuba engangeni ekhaya. Iphunga laso lizondwa izinyoka kakhulu. Inyoka ayisondeli lapho kutshalwe khona lo muthi. Uma ike yalihogela ivele ijike ibuyele emuva ingabe isangena ekhaya . Kuyileso sizathu lo muthi waziwa ngokuthi yi-Snake Plant ngesiLungu. Sibuye saziwe ngeMother in Law’s tongue, noma nge Sanseviera . Zombili izinhlobo zeSikholokotho ziyazihlosha izinyoka ekhaya, ziyelapha futhi nezindlebe
read more