Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoDlutshana\uDlutshani\Afroaster hispida

Incazelo ngoDlutshana\uDlutshani\Afroaster hispida Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi, kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olwesemehlweni amadoda! Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uDlutshana ngesiZulu, okusho ukuthi “udlubu oluncane”. Iningi lethu siwazi ngokuthi uDlutshani . Ngolimi loSosayensi kuthiwa yi-Afroaster hispida . Lona wumuthi ob... qhubeka ufunde »

Dlamini{Indlu yaseMakhuzeni}

Umlando ngabakwaDlamini{Indlu yaseMakhuzeni}   Abantu bakwaDlamini bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni . Njengokuchaza kwethu ngokwedlule ngenkathi sichaza indlu yenkosi uNyanya, isibongo sakwaDlamini sikhulu kakhulu kangokuthi abantu bakwaDlamini baze baphikane bathi abahlobene,ngenxa ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeqhawe lakwaMpungose , uBaleni ka Silwane.

Umlando ngeqhawe lakwaMpungose , uBaleni ka Silwane.   UBaleni ka Silwane wakwaMpungose wabe engelinye lamaqhawe eSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona ka Jama. Wayebuthwe yisona iSilo uMpande , simbuthela ebuthweni loDloko , ngo 1858. Izinsizwa zebutho loDloko zazizalwe ngo1838 ,... qhubeka ufunde »

UFoshela /uQhwashu/Ikhambi lakwaNgcobo/Felicia erigeroides

UFoshela /uQhwashu/Ikhambi lakwaNgcobo/Felicia erigeroides Nina baka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu,uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Lo muthi engiwubona esithombeni ubizwa ngokuthi uFoshela ngesiZulu, noma yiKhambi lakwaNgcobo. Ubuye ubizwe ngokuthi uQhwashu, ngenxa yokuthi unamakha anuka kamnandi . NgesiLungu soSosayensi  kuthiwa iFelicia erigeroides . Lona wumuthi owande lena eThekwini , KwaDukuza, nakoNdwendwe . Wumuthi wobuhle lona . Wumuthi wogazi nenhlanhla lona . Wumuthi okhonzwe kakhulu ngamaSoka, izinsizwa ezeshelayo.  AmaSoka awuthaka eNdukwini yawo eMhlophe . okuyiNduku yokwakha ugazi nokwakha iNhlanhla. Lo muthi ubuye ungene emithini ethakwa uma kwakhiwa iSikhahlamezi. ISikhahlamezi yingxube yemithi ethakwa yenziwe iNduku egcotshwa ezandleni nasebusweni. Igcotshwa izinsizwa . Uma insizwa egcobe iSikhahlamezi ike yaxhawula intombi , noma yayithinta, leyo Ntombi ivele ilangazelele ukuya ocansini naleyo nsizwa khona lapho , kangangokuthi ize iyilandele nokuyilandela . Kuleyo mithi kusuke kuthakwe wona uFoshela , uDumbasimbu , uVelangemoyeni ,

read more

Incazelo ngoQeduhlobo (ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi)

UQeduhlobo/ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi   Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi. UMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele. UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeSilo. Lesi sithelo enisibona esesithombeni isithelo somuthi okuthiwa uQeduhlobo . UQeduhlobo ubuye waziwe ngokuthi ISizukulwane noma uMuzi owawulapha wayangaphi. Le sithelo sikaQeduhlobo siwumuthi wokuphindisa . Siyingozi kakhulu ekuphindiseni , sishaya sibhuqe wonke umndeni walowo muntu osuke egangile , enze ububi. Sishaya nesizukulwane , ingakho lo muthi ubuye ubizwe ngeSizukulwane. Sizebenza kakhulu uma kugezwa amanzamnyama. Amanzanyama yisimo lapho umthakathi evuka khona ebusuku kweSikabhadakazi aphehle umndeni othile okhambeni olunamanzi amnyama . Kulawo manzi amnyama kusuke kukhona imithi efana noDungamuzi, uManxiweni kanye neminye esetshenziswa ngabathakathi uma benza ukungcola kwabo . Uma umthakathi ephehla amanzi amnyama uye akhulume , abiza amagama amalungu alowo mndeni asuke ewuphehla. Isikhathi esiningi lowo mthakathi usuke eyisihlobo sakhona kulowo mndeni asuke ewuthakatha, ngoba uyakwazi ngisho nokuphendula nedlozi lakulowo mndeni asuke ewuphehla,

read more

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yaseMaqadini{kwaNgcobo}

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yamaQadi Inkosi uDube ka Silwane yabaseMaqadini yabusa ngesikhathi sokubusa kweziNgonyama oShaka noDingane. AmaQadi ayindlu yakwaNgcobo , baphuma kuNgothoma ka Dingile ka Ngcobo ka Vumizitha {esimazi kakhulu ngelikaVumezitha}. Uma uMnumzane eganwe yisithembu , inkos... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMganu/uBaganiselwa/ uNoganisela\Marula/Sclerocarya birrea

UMganu /Marula/Sclerocarya birrea Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda🙌🏾 Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMganu ngesiZulu, udume kakhulu ngeleMarula. Ubuye waziwe ngoBaganiselwa. Umuthi waseAfrika lona owenza izinto eziningi. Izithelo zawo ezibizwa ngaMaganu kwenziwa ngazo uTshwala besiLungu . Lo muthi ngokolimi loSodayensi ubizwa ngokuthi i”Sclerocarya birrea. NgesiSuthu kuthiwa i-Morula . NgesiTsonga ubizwa ngeKanyi ,kanti ngesiVenda kuthiwa u’Mufula’. Zimbili izinhlobo zoMganu,futhi zombili zikhula zibe zinde impela kangangokuthi zingafinyelela kumaMitha angamashumi amabili(20). UMganu wokuqala uthela izithelo ezingaphezudlwana kwamaThunduluka. Lezi zithelo ziba luhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula  umbala kancane ucishe ube Phuzi . Lezi zithelo ziyadliwa,zimuncwana uma uzidla . Yizona kanye okwenziwa ngazo uTshwala besiLungu(igama ngizoligodla). Kanti nabantu abansundu benza ngazo uTshwala, ababubiza ngokuthi “wuTshwala bamaganu. UMganu wesibili uthela izithelo ezinombala oluhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala ube bomvu. Lezi zithelo zincane kakhulu uma uziqathanisa nezoMganu wokuqala. Lolu hlobo

read more

Incazelo ngeDelele (iGusha/Okra )

IDelele/iGusha /iOkra. Nina bakaTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela, babuphuzwa imihlambi yezinyamazane Le sitshalo enisibona esithombeni sibizwa ngokuthi “iGusha” ngesiSwati . NgesiNdebele sakwaMthwakazi kuthiwa “iDelele”. NgesiLungu sibizwa ngeOkra. Lesi sitshalo asinalo igama lesiZulu lesiZulu, kwazise abantu bakwaZulu abasikhonzile,kanti abanye abasazi nokusazi. Siyadliwa lesi sitshalo , sidliwa njengeSishebo,sidliwa ngePapa. Uma upheaka iDelele akufanele ulibhubhudlele uSawoti uma ngoba lokho kuwukuliqeda amandla. USawoti ufakwa kancane.  Zimbili izinhlobo zeDelele/iGusha. Kukhona inhlobo etshalwayo . Bese kuba khona inhlobo emila endle, leyo nhlobo abantu bakwaMthwakazi bayibiza ngokuthi “iDelele lamahlamvu” . Ukunambitheka kwalezi zinhlobo kuyefana ,kanti nemisebenzi nayo iyefana. IDelele/iGusha liba lula kabi uma selivuthiwe,futhi kuba lukhuni ukulisheba ngePapa esitsheni ngenxa yobulula balo,kangangokuthi abanye baze bakhethe ukuliphuza. Bayalincoma oDokotela , bathi lilawula uShukela neAsidi kumuntu. Phecelezi” it stabilize blood sugar and acid in a human’s body” . Kanti lihle kakhulu uma uwumuntu onenkinga yokungayi ngaPhandle(ukuyozikhulula). Phecelezi “constipation problems”. Bathi livula yonke imigudu evalekile ngaphakathi, lenze nendle ibe

read more

Incazelo ngesilwane iMfene️ 

Incazelo ngesilwane iMfene Nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe.INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.UMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba ukuthi basaphila kumagumbi amane omhlaba. IMfene IMfene yisilwane esitholakala ehlathini ikakhulukazi ezindaweni ezinezintaba. Kuthiwa ziningi izinhlobo zeziMfene,kukhona iMonkey esiyazi ngekeNkawu, kukhona iChimpanzee, kukhona iYellow Baboon,kukhona iGuinea Baboon, kukhona,kukhona iChacma Baboon,iOlive Baboon, kukhona iKinda Baboon kanye nezinye izinhlobo eziningi.Lena etholakala lapha eNiningizimu Afrika kuthiwa iChacma Baboon,iyatholakala kulo lonke eleAfrika esemazansi. Kunenkolelo ethi abantu abansundu bathakatha ngayo iMfene, leyo nkolelo ithi bayayifuya emakhaya beyifuyela ukuyithuma ukuba iyogila ubusokoco emizini yabantu.IMfene iyisilwane esihlakaniphile futhi esingakhohlwa, asingamlabali umuntu owake wacisha wasenza isilo sengubo ngaphambilini. Phela ziyaxaka iziMfene emasimini, zintshontsha ummbila.IMfene yenduna kuthiwa iKhonde, eyensikazi noma eyesifazane kuthiwa uMathananazana. Abantu bakwaZulu bayihloniphisa ngokuyibiza ngeMbuzimawa.Uma emndeni kukhona umuntu omdala onegama elithinta iMfene, abaKoti bakulowo muzi abalokothi balithinte igama leMfene uma bexoxa ngayo. Bathinta elokuyihlonipha,elithi iMbuzimawa. Ekwelapheni Ubuchopho beMfene bungena emibhemisweni ebhenyiswa ingane enenkinga yokukhohlwa

Lalela izithakazelo zamaMbatha👂🏾👇🏾

Lalela izithakazelo zamaMbatha👂🏾👇🏾

read more

error: Akuvumelekile lokho !!