Incazelo ngoDlutshana\uDlutshani\Afroaster hispida

Incazelo ngoDlutshana\uDlutshani\Afroaster hispida

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi, kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olwesemehlweni amadoda!

Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uDlutshana ngesiZulu, okusho ukuthi “udlubu oluncane”. Iningi lethu siwazi ngokuthi uDlutshani . Ngolimi loSosayensi kuthiwa yi-Afroaster hispida . Lona wumuthi obaluleke kakhulu kubona bobili ubulili, wumuthi ovuselela imizwa nemithambo yemifula yegazi. Wumuthi ovuselela imizwa yocansi lona . Wenza umuntu walulangazelele futhi alukhuthalele ucansi . Muhle kakhulu kwabesilisa abangayitholi inzalo , abangakwazi ukushiya imbewu kowesifazane . Le nduku imandla kakhulu  kangangokuthi iyakwazi ukusebenza iyodwa vo , kusebenza izingxabo . Zimandla kakhulu uma uzipheke nobisi lwenkomo noma olwembuzi . Bese lowo onenkinga yokungakwazi ukushiya imbewu kowesimame aphuze ingilazi eyodwa ngosuku, kathathu ngeviki. Isibonelo , angayiphuza ngoMsombuluko , aphinde aphuze futhi ngoLwesithathu , aphinde uphuze futhi nangoLwesihlanu . Ukufudumala nokubanda komuthi akubalulekile kangako. UDlutshana uyathakwa neminye imithi , kwenziwe imbiza yoMvusankunzi . Uqhathwa nemithi efana nezingxabo zeSende lenja, izingxabo zoQonsi , izingxabo zoMdubu kanye neminye imithi . Izingxabo  zikaDlutshana zinhle kakhulu nakulabo abanenkinga yezilonda emaphashini, nakulabo abanenkinga yemithambo kuwo wonke nje umzimba jikelele, Zinhle kakhulu nasenganeni encane enenkinga yokushona kokhakhayi, Kanti umqotho wazo uyasiza kakhulu ezinhlungwini zezinyoka. Esikhathini esiningi lomuthi uDlutshana uqhathwa kakhulu noMdubu, esisazobuye sixoxe ngawo . Ake ngime lapho nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya , abasezitheni nabasemakhaya!

Eminye imithi eyiMivusankunzi

-UMdubu


-UMoringa Powder{loma wumuthi oqinisa amasosha omzimba , nawo muhle kakhulu uma udliwa ngobisi}

-ISende lenja

-IShongwe

-INtolwane

-UMaphipha ikhubalo

-INkunzana

-ICena{Liyachatha}

-UMgugudu

-UMganu

-UMvongothi

-UQonsi

-IKlolo

-UNdabingehlele

-UShisizwe kanye neminye imithi emingi

*Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi .

Niphile nina bakaVezi uNonyanda!

UDlutshana

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo