Incazelo ngoMdubu\uMdubu wehlathi \Combretum woodii Dummer
Nina bakaSingquma khuluma bakuz”umoya abasezitheni nabasemakhaya! USela lintongande lawoBaleka , lithabath”umshiza lawetshatha, liyawugalela ngawo emaNkenganeni!
Enhla nasezansi ngiyabingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Sisaphila thina eNdinaneni.
*UMdubu umuthi omila ezindaweni eziseduze nomfula .Zimbili izinhlobo zalo muthi. Kukhona uMdubu otshalwayo ekhaya, otshalwa kakhulu ngabamhlophe. Bese kuba khona uMdubu wehlathi, okuyiwona engixoxa ngawo lapha. Le mithi icishe ifane , kodwa uma uyibukisisa uzothola ukuthi ayifani ncamashi. Owehlathi onexolo elibushelelezi. Sakhula kuthiwa uswazi noma induku yalesi sihlahla akushaywa ngayo imfuyo , kuthiwa uma imfuyo ike yashaywa ngenduku yalesi sihlahla iyaphunza, noma ivaleke inzalo,ingamithi nhlobo . Ngamanye amazwi uMdubu akwenziwa ngawo izinduku, ngoba awuyishayi imfuyo . Izingxabu zalesi sihlahla ziwumuthi omuhle kabi wenzalo . Kubantu besilisa , nakubantu besifazane. Izingxabu zoMdubu ziyangena futhi nasezimbizeni zoMvusankunzi . Lo muthi uqhathwa kakhulu noDlutshana\uDlutshani. Uyakwazi futhi nokusebenza uwodwa vo , ungaqhathiwe. Ungena ezimbizeni eziphuzwayo , kanti ubuye uchathe futhi . Le mithi uMdubu noDlutshana inolaka kakhulu, ngakho-ke kufuneka umuntu aqaphele uma ezoyithaka endukwini yokuchatha. Kuye kube ngcono kakhulu uma umuntu ezoyiphuza. Izingxabu zoMdubu ziyagxotshwa , bese ziphekwa ngobisi , ziphuzwe wumuntu wesilisa ongakwazi ukushiya imbewu kowesimame. Ungazipheka ngomhluzi wenyama enganonile uma ikhona. Lona wumuthi wenzalo, wumuthi owuMvusankunzi . Ezimbezeni uye uqhathwe noDlutshana , uQonsi , uNdabingehlele , aMangwe amnyama, uGqubu lwempala kanye neminye . UMdubu ucima nezilonda esinyeni nasesibelwethweni sowesifazane. Muhle nasekugeqeni iqolo.
Ake ngime lapho . Nina beSilo kuyenzeka ngezinye izinkathi izithombe engizifakayo zigeje, kodwa le mithi engibhala ngayo itholakala eMakhemisi esintu. Bayayazi-ke abantu abadayisa eMakhemisi. Ngeke bakudayisele into okungeyona. Kanti bangakuncelisa futhi nangolunye ulwazi, mina engingakuncelisanga ngalo.
Niphile nina bakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani! UMgwadlaza nqola ziyakwethuka-ziyawushona eNkonjeni!
#Khumu!
Thokoza khehla kunjani Mina ngibonga kakhulu ngemfundiso yomuthi engiyithola Lana eminingi ngiyabonga
Wena weSilo