Isende lenja \Cucumis africanus\uMathangazana\Monyaka\African Cucumis\African cucumber
Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!
Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade. Ngethemba isaphila. Cha , thina sisaphila kwaKhumalo .Isende lenja umuthi cishe esiwaziyo sonke . Isimila esimila kuzo zonke nje izindawo , ezindaweni ezakhele abantu , kanye nasendle, NgesiXhosa kuthiwa uMathangazana, ngesiPedi iSende lenja libizwa ngoMonyaka , kanti ngesiLungu kuthiwa yiAfrican Cucumis. Lona wumuthi omuhle kakhulu ekuvuseni induku , unguMvusankunzi . Uyakwazi ukusebenza uwodwa vo. Kusebenza kakhulu isithelo kulo muthi . Siyachatha. Ungasithaka nezinye izinduku uma uthanda . Kodwa uma sisetshenziswa kudingeka ukuba umuntu aqaphele kakhulu ngoba uma kuke kwangena inhlamvu umuntu angafa nokufa. Lo muthi ufana ncamashi neNtuma , nayo iyingozi uma kuke kwangena inhlamvu . Ngakho-ke kudingeka ukuba umuntu aqaphele uma ezosebenzisa lezi zithelo ngenxa yobungozi ezinabo . Kudingeka umuntu aqikelele impela ukuba imbewu ayedluli uma ecwenga, noma esefa umuthi . Isithelo seSende lenja siye sixovwe ngamanzi afudumele bese sicwengwa umhluzi ngeNdwangu yeLineni ecolisekile kuchathwe ngaso insizwa enenkinga yobuthuntu beMbazo ,noma yokungazali. Isikali akufuneki sedlule elungeni lesibili lomunwe oyinkomba , ngoba ubuye ube nobungozi kakhulu lo muthi uma usetshenziswe ngokweqile , noma usetshenziswe budlabha. ISende lenja libuye libe lihle kakhulu ekwelapheni umuntu onenkinga yokuvuvuka kwamankwahla. Lona wumuthi omuhle kakhulu , odinga ubunono lapho usetshenziswa , ufana neNtuma. Insizwa echathe ngalo muthi iba bukhali kabi embhedeni, iyephuza ukumdedela uMlingani wayo uma becimbiza eKamelweni , kanti nenduku nayo iqinisa okokhuni. Kugcina kukhale yena uNkosikazi , ngenxa yokukhathala , I lokhu ila insizwa ngoMshiza. ISende lenja lihle kakhulu nasekwelapheni iDilobhu, kanye nazo zonke nje izifo zocansi.Liyangena futhi nasentelezini egeza umuntu wesilisa uma ezongena uMfelokazi . Leyo nduku ibageza bobabili ,uMfelokazi kanye nalowo Mlisa osuke ezongena uMfelokazi, Abayi ocansini bengageziwe ngoba kuthiwa uMfelokazi uzosuka athelele uMlingani wakhe omusha ngeBhadi , okungaholela ekushoneni kwakhe naye. ISende lenja liyangena naseNdukwini yokuphalazisa izinja. Ake ngime lapho nina beZulu eliphezulu . Baphile abakaNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!
Khumu!!

mina ngathola ngofudu emsebenzin ngcela ukwaz ukuba lisebenza kanjn or uma ulidayisa lingaba malini