Nina abakaMudli wenguyazana eyedwa kwaNolele! INgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi! UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose !
Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi , ngethemba ukuthi basaphila abeSilo. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa wuMnungumabele ngesiZulu, kubuye kuthiwe uMhlabanyoni. Lona wumuthi ongena ezindaweni eziningi . Ungena emikhuhlaneni , emfuyweni , embizeni yezinso , kwisithuthwane\ukudlikiza, kwisichitho , emabuthweni alwayo , eGobongweni loMndiki kanye nezinye izindawo eziningi .
Ukwakheka kwesihlahla soMnungumabele
Lona wumuthi okhula ube mude impela , ungalingana nendlu njengoba nibona esithombeni. Wumuthi ogabe ngameva kuzo zonke izingxenye zayo. Unameva emagatsheni , kuso isihlahla impela , unameva futhi nasemacembeni. Ameva awo ahlaba kabuhlungu , ngakho-ke kunzima kakhulu ukuba umuntu agibele kulo muthi . Kuyileso sizathu ungena kwezokubethela ikhaya, nasemabuthweni athunywayo ukuyolwa, nakwezokuphindisa.
Amagama lo muthi obizwa ngawo
NgesiZulu kuthiwa wuMnungumabele , noma uMhlabanyoni, ngesiXhosa kuthiwa uMlungumabele noma uMabele omlungu ngenxa yameva amakhulu alo muthi azungeze sonke isihlahla. La meva amise okwamabele omuntu. NgesiLungu kuthiwa iSmall knobwood noma Fever tree. Lo muthi awuwuboni umkhuhlane. Ngolimi lwesiPedi lo muthi ubizwa ngokuthi uMonokwane, noma Senokomaropa. NgesiSwati lo muthi ubizwa ngokuthi uMnungwane , noma uMtsentzse . NgesiVenda kuthiwa uMunungu , noma uMurandela. NgesiBhunu kuthiwa uKeinperdeprum. NgesiTsonga kuthiwa uMonokomabele. Kanti ngesiNdebele sakwaMthwakazi kuthiwa uMnungwane.
Okwenziwa uMnungumabele
Ngenxa yokwanda kwameva kulesi sihlahla, uMnungumabele ungena kakhulu ezintelezini zokulwa, uyangena kwezokuqinisa ikhaya,uyaphindisa, uyabethela njalo njalo . Uyangena entelezini okuqiniswa ngayo imfuyo, ezikweni le mfuyo ikakhulukazi izinkomo. Uma kuchelwa kusebenza kakhulu wona ameva uqobo kanye nempande . UMnungumabele uyangena naseMabuthweni athunywayo, aphindisayo . Impande yawo iyangena eGobongweni lo Mndiki. Lona wumuthi ongena ezindaweni eziningi impela . Muhle futhi nasemfuyweni. Impande yawo iphuziswa izinkomo ukuze zelapheke inyongo. Uyangena futhi uMnungumabele ezikweni le mfuyo njengoba besengishilo. Uma izinkomo zakho zihlusha izilwane , noma wubuphi nje ubuthakathi, gawula ipali lo Mnungumabele uzoligxumeka phakathi nendawo esibayeni, ungawasusi ameva . Liyeke nje ipali lihlale lapho , libe yisigxobo esiyogugela khona lapho . Uma uchela imfuyo yakho, ufake nawo uMnungumabele entelezini. Imfuyo esetshenzwe ngoMnungumabele ayilidubi ikhaya, ayisengwa imbulu ehlathini, ayihlushwa izilwane. Ayithakatheki kalula , ngoba akugibeleki esihlahleni soMnungumabele. Impande yoMnungumabele ayiyiboni imikhuhlane , ngikhuluma ngezinhlobo zonke nje zemikhuhlane. Eziphathisa amakhaza , eziphelekezelwa isifuba esibuhlungu, eziphathisa ngekhanda kanye nazo zonke nje. Kuye kugaywe impande yoMnungumabele ize ibe yimpuphu , leyo mpuphu ikhunywa abantu abaphethwe yizo zonke izinhlobo zemikhuhlane. Uma ukwenqena ukugaya, vele uququde impande , uyaphela umkhuhlane. Ubuhle bawo kwezemikhuhlane bufakazelwa wukuthi lo muthi abeLungu bawufaka kuHla lwemithi olubizwa ngamaFever Trees, okuhumusheka ngokuthi ‘izihlahla zemikhuhlane’. Lo powder woMnungumabele ubuye ube buhle kakhulu ekwelapheni umuntu othwetshuliwe, kodwa ebe esaphila. Ungena emibhesweni ebhenywa yilowo muntu. Uyakwazi ukusebenza uwodwa , uyabhenyiswa lowo muntu, uthimulisa kabuhlungu,athimule umuntu kuqaqeke ikhanda, ibuye ingqondo .Muhle kakhulu futhi nasekwelapheni isithuthwane , noma isifo sokudlikiza. Kusebenza yona impande , iye iqhathwe nezinye izinduku. UMnungumabele uyangena futhi kwekudonsa imali , uyangena futhi kwezophephetha intombi nakwezokubuyisa isithandwa esaduba. AmaSoka awusebenzisa kakhulu eZiphephethweni. UMnungumabele uyangena kwezokulanda izikweletu. Kuningi okwenziwa wuMhlabanyoni, awuyiboni futhi neNyoni. Uyangena futhi nasentelezini echela iziNduku , zokungcweka eMgangeleni. Uyangena nakwezokwelapha isichitho ikakhulukazi esezinduna, uqhathwa neNhlokoshiyane{elimile endleleni} , uMaphipha ikhubalo,uNtonganazibomvana neminye, kuphuze umuntu ohlushwa isichitho sezinduna,abuye ageze ngayo le mithi,agqume ngayo,aphalaze futhi . Lo muthi welapha nezinyo elibuhlungu , uyangena futhi nasembizeni ephuzwa umuntu olunywe yinyoka, omunye ufakwa nasenxebeni. Uyazelapha futhi nezilonda ezivele zizimilele kumuntu, namanxeba nawo uyawelapha
Ake ngime lapho nina bakaKhawuleza nkume kaNdaba , uyoyifica imizi emaphethelweni , ngeyawo Dambuza ka Ntombela , ngeyawo Ndlela ka Sompisi !
#Khumu!
Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV “uthole olunye ulwazi ngamakhambi