Incazelo ngoMgxamu\Weeping boer bean\Schotia brachypetala \Molope
Nina bakaSimayedwa njengelanga lon alimi lodwa eZulwini, uKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni , ngeyawoNdlela ka Sompisi, ngeyawo Dambuza ka Ntombela !
Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , kuzo zonke izindawo lapho inkanise khona. Cha thina eMantungweni siyaphila. Nanso-ke isithombe somuthi uMgxamu.
Yini uMgxamu?
UMgxamu wumuthi okuthiwa waqala khona lapha kweleNgabade , kwaZulu. Uthela izithelo ezibizwa ngokuthi yiHluze, noma yiNhluthe-kuyileso sizathu ubuye waziwe ngeleHluze. Ukhula ube mude , okungalinganiselwa kuMamitha angayiShumi , kuya kwayiShumi nanhlanu. Lona wumuthi othandwa kakhulu ngaMacimbi, athanda amacembe awo. Ezinye izihlahla ezithandwa ngaMacimbi , uMphafa , uMganu , uMsenge kanye nezinye . UMgxamu wona yiwona othandwa kakhulu ngaMacimbi , ikakhulazi lolu hlobo olubizwa ngoSithebe, okuyilona hlobo oludliwa kakhulu ngabantu , lena eLimpompo balubiza ngokuthi ‘aMasontsha’. Luyadayiswa nasezitolo ezinkulu , oDokotela bathi kubalulekile ukuba abantu baludle ngoba lunoMsoco obizwa ngokuthi ‘iCaterpillar’ , kanti nalo lolu hlobo lwaMacimbi babuye lubuye lubizwe ngalo lelo gama . Lo muthi ngesiTswana kuthiwa uMolope, noma Nwavilombe. Kanti ngesiSuthu kuthiwa uMolope.
Ekwelapheni.
Ixolo loMgxamu liyangena entelezini egeza oThwasa uma bezoqala ukudla aMagobongo. Liyangena futhi naseNdukwini ephalazela ukuxosha amaphupho amabi. Liyangena futhi naseGobongweni loMndiki, kuthiwa lihluza iDlozi elihle kwelibi. Ixolo loMgxamu libuye lingene nasembizeni yabantu abadala , echathela ubuhlungu besisu . Liyangena nazezintelezini zokuchela ekhaya , lixosha imimoya emibi.
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV’ ucoshe olunye ulwazi ngamakhambi