Incazelo ngoGagane\ Sekelbos\ Sickle Bush\Keye:
Nina bakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni , ngeyawo Ndlela ka Sompisi , ngeyawo Dambuza ka Ntombela !UMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela !
Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Ngethemba basephila abeSilo.
UGagane:
UGagane wumuthi odume ngameva awo ahlabayo , ahlaba kabuhlungu , okuhlanyisayo , ahlaba kulume lapho asuke ehlabe khona . Imvamisa uma ehlabile ashiya amaxodlwana ngaphakathi onyaweni , okubangela obukhulu ubuhlungu .UGagane lunezimbali ezinhle ezixube umbala obomvu nophuzi ngokuphaphathekile .Lezi zimbali ebusika zikhipha imidumba enezinhlamvu.Luvame ukumila emahlanzeni . Le midumba ithandwa kakhulu izimbuzi , futhi yenza izimbuzi zande kakhulu. NgesiLungu uGagane lubizwa ngokuthi iSickle Bush . NgesiBhunu kuthiwa iSekelbos. Kanti ngesiTswana lubizwa ngeKeye. OSosayensi bona balubiza ngeDichrostachys cinereal. NgesiNdebele sakwaMthwakazi uGagane lubizwa ngoGagu.
Kwezokwelapha
UGagane lungena ezindaweni eziningana. Ingxabu yoGagane iwumuthi mkhulu wezinyo elibuhlungu , ikhipha isibungu ezinyweni elibuhlungu . Iyakwazi ukusebenza iyodwa vo. Iye igxotshwe . bese ifakwa emanzini afudumele , kuxubhe umuntu ophethwe yizinyo . Le ngxabu iba mandla uma uyiqhathe nengxabu yeNtuma noma eyoMngungwane\uMnungumabele. Kanti futhi iyaxutshwa namaqabunga , kupheke ndawonye, bese kuxubha lona ophethwe yizinyo, liyaphola izinyo. Ingxabu yoGagane iyangena nasembizeni ephuzwa umuntu ogula ngengqondo, iyangena futhi nakuMbhemiso obhenywa umuntu umuntu ogula ngengqondo . UGagane luwumuthi omkhulu wokuqinisa uBhoko lwesisu,kanye nowenzalo, luye luthakwe neminye imithi efana noQonsi, uMdubu , uDlutshana kanye neminye. Luyangena futhi nasemithini echathela ukuqinisa uBhoko lwesisu . Insizwa edle uGagane ayikhathali eKamalweni , uBhoko luhlala luqinile futhi iyephuza ukudedela .
Khumu!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”ucoshe olunye ulwazi ngamakhambi: