Umlando ngoMntwana uShingana ka Mpande ka Senzangakhona:

Umlando ngoMntwana uShinganaka Mpande ka Senzangakhona:

UMntwana uShingana wayezalwa yiSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona . Kuthiwa wazalwa ngenkathi uYise uMntwana uMpande ewela uThukela ngo 1839,ephikela emaBhunwini ka Andries Pretorious , uNgalankulu.  Kwakungenkathi uMntwana uMpande exabane neSilo uDingane ka Senzangakhona , okuyisona esasibusa ngaleso sikhathi . Ingxabano yabo yalandelwa yimpi yaseMaqonqo ngo Masingana ka 1840, mhlaka 29 .  Impi yaseMaqonqo yabe iphakathi kwabalandeli bakaMntwana uMpande , nabalandeli beSilo uDingane {uZulu}. NguMntwana uMpande owadla umhlanganiso kuleyo mpi, kwaba wukuhlala kwakhe esihlalweni soBukhosi bakwaZulu. UMntwana uShingana wazalelwa eSigodlweni sakwaMfemfe , eGcotsheni. Unina kwabe kuyiNkosikazi uMaShobede. UMntwana uShingana wabuthelwa ebuthweni uDloko, ngo1858 , okuyibutho okwakukhona kulo noMntwana uDabulamanzi ka Mpande . Izinsizwa zebutho loDloko zazizalwe kusukela ngonyaka 1838, kuya onyakeni ka 1839. Abanye aBantwana ababesebuthweni loDloko uMntwana uSikhotha, uMntwana uTolo, kanye noMntwana uDabulesinye . Kuhambe kwahamba uMntwana uShingana wagcina eseyiNduna yalo ibutho loDloko, nguyena owalihola eSandlwana mhlaka 22 Masingana 1879, mhla uZulu ezidlela amahlanga emaNgisini . Ngaleso sikhathi kwasekubusa iSilo sasoNdini, iSilo uCetshwayo ka Mpande , esinguMnewabo ka Mntwana uShingana. ISilo uCetshwayo sona sasibuthelwe ebuthweni uThulwana ngo1854, sibuthwa yisona iSilo uMpande, uYise. Ibutho uThulwana lalibuye laziwe ngaMamboza ‘amboza inkomo ngezintuli.’ UThulwana lwaluzalwe kusukela ngonyaka ka 1834 , kuya onyakeni ka 1835. KwaMfemfe kulapho uMntwana uMpande asukela khona mhla ewela uThukela.

UMntwana Shingana wabamba elikhulu iqhaza embusweni kaZulu ngenkathi kuhlala iSilo sasoSuthu esihlalweni sobukhosi bukaZulu. Nguyena noMntwana uNdabuko kanye noNina waso {iSilo sasoSuthu}iNdlovukazi uNomvimbi Mzimela  abaselekela kakhulu ekubuseni kwaso kwazise iSilo sasoSuthu sabusa sineminyaka eyi 16 nje kuphela . ISilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo ka Mpande ka Senzangakhona. UMntwana uShingana wahola impi yakwaHlophekhulu ngoNhlangulana 1888, okuyimpi eyalwa ngosuku olulodwa nempi yakwaCeza yona eyayiholwa yiSilo uDinuzulu, izibongo zakhe uMntwana uShingana zigxile kuyona impi yakwaHlophekhulu.  KwaCeza nakwaHlophekhulu{ngasoNdini lapho kwakwakhe khona uMntwana uShingana} uZulu wabambana ngezihluthu namaNgisi ayelekelelwa amaMbuka. KwaHlophekhulu impi kaMntwana uShingana yagcina iwayekile amaNgisi yaphikelela kwaNdunu yayolekela impi yeSilo uDinuzulu eyayiyohlasela uMntwana uZibhebhu ka Maphitha Zulu, owayenkanise eGqumeni kwaNdunu, kwaNongoma. USuthu lwafike lwawudla umhlanganiso kwaNdunu. UMntwana uShingana wayekhona futhi nasempini yaseTshaneni mhlaka 5 Nhlangulana 1884. Ngemuva kwempi yakwaNdunu amaNgisi abopha iSilo uDinuzulu kanye noYise baso  aBantwana oNdabuko noMntwana oShingana , ayobagquma eSiqhingini sase St Helena eKapa, baze badedelwa mhlaka 6 Masingana 1898, okusho ukuthi bagqunywa khona  ishumi leminyaka. Umuzi ka Mntwana uShingana wawubizwa ngokuthi kusoNkweni , wawumise ngaseMakhosini. Kuthiwa uMntwana uShingana wayecele ukuba atshalwe khona , kodwa lokho kwagcina kungenzekanga ngoba wagcina etshalwe emanxiweni akwaMfemfe ngoNdasa 1911. Isazathu sokutshalwa kukaMntwana uShingana emanxiweni akwaMfemfe kwaba wukuthi kwasekuxhobelene imizi eminingi lapho kwakwakhiwe khona uNkwe.

Izibongo zikaMntwana uShingana ka Mpande

UNonkwenkwezi weZul’eliphezulu!


UBhac’emzileni

zibuya uNkwe.

UBhac’emzileni kwaHlophekhulu.

UMabele phendukan’umfaba;

UBhoq’omnyama kaMpande.

INgonyama edl’ivungama kaMenzi.

INyandezulu kaMenzi.

eqoph’umqala

yashiy’isibili.

 

INsingiz’ebang’izulu

Ukuphendula kwaHlophekhulu.

UMabel’aphenduk’

UMqangabhodwe.

 

Eqoph’umqala yashiy’isibili,

INsingizi ebang’izul’ukuphendula.

KwaHlophekhulu.

 

Ulibinda wena weSilo !!!

 

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV’’ , ufunde ngamakhambi esintu , nangomlando kaZulu.

UMntwana uShingana ka Mpande

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo