Umlando ngeqhawe lakwaMpungose , uBaleni ka Silwane.

Umlando ngeqhawe lakwaMpungose , uBaleni ka Silwane.

 

UBaleni ka Silwane wakwaMpungose wabe engelinye lamaqhawe eSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona ka Jama. Wayebuthwe yisona iSilo uMpande , simbuthela ebuthweni loDloko , ngo 1858. Izinsizwa zebutho loDloko zazizalwe ngo1838 , kusabusa iSilo uDingane ka Senzangakhona. Uyise ka Baleni uSilwane ka Ndlovu, uMbelebele, naye wabe eyiqhawe elikhulu. Waba ngomunye wezinsizwa ezayibamba kwathula umoya eMaqonqo mhlaka 29 Masingana 1840, mhla kubambene ngezihluthu uMntwana uMpande neSilo uDingane . USilwane walwa ngasohlangothini lukaMntwana uMpande okuwuhlangothi olwadla umhlanganiso. Impi kaMntwana yayiholwa nguNongalaza ka Nondela Mnyandu , eyeSilo uDingane yona yayiholwa nguNdlela ka Sompisi Ntuli nesekela lakhe uDambuza ka Sobadli Ntombela, uNzobo. USilwane waqala ukugqama kusabusa inkosi uSenzangakhona, yena noSandanezwe ka Mbango Mpanza baba yingxenye yethimba elaphikelela kwaMthethwa , liyolanda uMntwana uShaka ukuba azothabatha ubukhosi bakwaZulu.

Ukubuthwa kukaBaleni

UBaleni wabuthelwa ebuthweni loDloko njengoba besengishilo. Kodwa ngaphambi kokuba abuthwe yena noNtangayakhe babehlala kwaNdabakawombe ,eMahlabathini, esigodlweni seSilo uMpande esasiqashwe yibutho iNdaba ka Wombe. Iningi lezinsizwa zebutho leNdaba ka Wombe lalizalwa izinsizwa zoMbelebele, owawubuye waziwe ngamaWombe , owawubuthwe inkosi uSenzangakhona. NoSilwane uyise ka Baleni wayenguMbelebele. KwaNdabakawombe oBaleni noNtangayakhe babekleza izinkomo , okuwukusengela emlonyeni ubisi lwenkomo.  Yena noNtangayakhe babebizwa ngokuthi bayiNyathi, okungamaBhungu ebutho loDloko. Kahle -hle uDloko yinyoka eyaziwa kakhulu ngeleNdlondlo. Okuthiwa uma ike yacasuka ihubha abantu , kungabe kusadlula muntu kuleyo ndawo . Ishaye nezinja, izinkomo yonke nje imfuyo. Lokho ikwenza uma ike yalinyazwa wumuntu , inenxeba .  Ngemuva kokukleza izinkomo kwaNdabakawombe , uBaleni noNtangayakhe beNyathi babuthelwa ebuthweni loGqikazi , bagcina sebehlala khona esigodlweni sakwaGqikazi kwazise ibutho loGqikazi yilona elaliqapha isigodlo sakwaGqikazi.  Induna enkulu yakwaGqikazi ngaleso sikhathi kwakunguMadwala ka Soshingose Mthembu, kanti inkosikazi yakwaGqikazi kwakuyiNdlovukazi uNgqumbazi ka Mbondi ka Tshana Zungu, unina weSilo uCetshwayo . Kuhambe kwahamba uBaleni wagcina ekhushuliwe waba ngenye yezinduna zebutho loDloko, wagcina futhi ekhushuliwe waba yisekela lenduna enkulu , okwabe kunguMntwana uNdungundungu ka Nokhokhela Zulu. ISilo uMpande kuthiwa sasimkhonze kakhulu uBaleni , sagcina sesimqoke waba yiNceku yaso , wagcina esehlala kwaNodwengu. Nguyena owayephathela iSilo uMpande ukudla , nguyena owayekhela iSilo uMpande neNdlovukazi uLangazana ka Gubeshe Sibiya amanzi okuphuza , nawokugeza .


Ezinye iziNceku zeSilo uMpande

UVumandaba ka Ntethi Biyela,

UMfinyeli ka Nguzalele Xulu,

UPhakathwayo ka Sogodi Khanyile ,

UMzwakali ka Sichazana Mthimkhulu,

UMzilikazi ka Ngqengelele Buthelezi ,

UMagamudele ka Klwana Buthelezi

USijulana ka Mcikwana Buthelezi

UNomnombela ka Mfaba Dunge

UMvunyelwa Dladla

UDazukile ka Dlakadla Sibiya kanye nabanye

Ngenkathi iNgonyama uMpande idunguzela kuthiwa uBaleni wawa evuka nayo, ezama ukuyitholela izinyanga ezazingayelapha. Kuthiwa ngoBaleni noSinkwasomuntu ka Manyosi Mbatha abaphikelela oNdini omumnyama eNdlayangubo, esigodlweni sikaMntwana  uCetshwayo , ukuyokwethula umbiko wokudunguzela kweNgonyama uMpande. UBaleni kuthiwa wadlala indima enkulu nasekutshalweni kweNgonyama uMpande . Wayelokhu eqhubeke njalo ngokuqinisekisa ukuthi abantu bayathola okuya ngasethunjini. Akukho muntu owabulawa ngesizathu sokwendlalela inkosi mhla kutshalwa iSilo uMpande , kwazise kuthiwa iSilo uMpande sayalela uNdunankulu waso uMasiphula ka Mamba Ntshangase ukuba ahlabe inkabi endala , isikhumba sayo kusongwe ngaso umzimba waso. Kuthiwa sanqaba ukwendlelwa umuntu , njengoba kwakwenziwa endulo.  Kuthiwa iNgonyama uMpande yatshalwa ngamadoda amahlanu , okwakungoNtinto ka Mavama Xulu, uMandula ka Nomansala Ndwandwe , uMvubu ka Gwazindlu Xulu , uKwabithi ka Thiwana Sibiya kanye noMphezeni ka Gala ka Nodade Biyela . Ake ngime lapho nina bakaMsimude owavela ngesiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase !

*Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ufunde ngamakhambi akwaNtu*

UMaskandi uKhuzani Mpungose

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo