UFoshela /uQhwashu/Ikhambi lakwaNgcobo/Felicia erigeroides

UFoshela /uQhwashu/Ikhambi lakwaNgcobo/Felicia erigeroides

Nina baka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu,uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Lo muthi engiwubona esithombeni ubizwa ngokuthi uFoshela ngesiZulu, noma yiKhambi lakwaNgcobo. Ubuye ubizwe ngokuthi uQhwashu, ngenxa yokuthi unamakha anuka kamnandi . NgesiLungu soSosayensi  kuthiwa iFelicia erigeroides . Lona wumuthi owande lena eThekwini , KwaDukuza, nakoNdwendwe . Wumuthi wobuhle lona . Wumuthi wogazi nenhlanhla lona . Wumuthi okhonzwe kakhulu ngamaSoka, izinsizwa ezeshelayo.  AmaSoka awuthaka eNdukwini yawo eMhlophe . okuyiNduku yokwakha ugazi nokwakha iNhlanhla. Lo muthi ubuye ungene emithini ethakwa uma kwakhiwa iSikhahlamezi. ISikhahlamezi yingxube yemithi ethakwa yenziwe iNduku egcotshwa ezandleni nasebusweni. Igcotshwa izinsizwa . Uma insizwa egcobe iSikhahlamezi ike yaxhawula intombi , noma yayithinta, leyo Ntombi ivele ilangazelele ukuya ocansini naleyo nsizwa khona lapho , kangangokuthi ize iyilandele nokuyilandela . Kuleyo mithi kusuke kuthakwe wona uFoshela , uDumbasimbu , uVelangemoyeni , uMusa , uNginakile kanye neminye imithi.

AmaSoka awukhonze kakhulu uFoshela , aphalaza ngawo , ayagquma abuye ageze nangawo. Wumuthi omuhle  kakhulu kakhulu lona ekwakheni ukuthandeka .AmaSoka awuqhatha nale mithi elandelayo


Imithi eqhathwa noFoshela

-UBuvimbo

-INhlanhlemhlophe

-UMusa

-UVumakubangoma omhlophe

-UQhume\uMfazothethayo

-UMtholo/UMafunazayithole

-UDumbasibumbu

-UNgibonisele

-UNginakile

-UVelabahleke kanye neminye imithi emihle yeNhlanhla

Kule mithi ukhetha embalwa uyoyithaka eNdukwini yakho , awuyibhubhudleli yonke

Ake ngime lapho nina beNhlehlayovane ka Ndaba ehlehle futhi ngoBulawayo yazithatha zonke izinhlangu zoMbelebele. Niphile nje nina beMbube!

*Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ucoshe olunye futhi ulwazi ngamakhambi

 

UFoshela

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo