Incazelo ngoMviyo (uMtulwa,Wild medlar) Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo.Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye zifofa uMdlebe.USela lintongande lawoBaleka elithabathe umshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni.Ngethemba zisaphila iziNgabade.Esithombeni nina beSilo uMviyo obuye waziwe ngoMtulwa.Siyazazi izithelo zawo ezibizwa ngokuthi amaViyo noma amaTulwa ngoba ziyadliwa ekwaluseni. Wenzani uMviyo UMviyo muhle kakhulu ekulweni kodwa awunakiwe.Kuye kusetshenziswe izimpande kule nduku.Ziyalwa kakhulu izimpande zoMviyo.Muhle uMviyo ekugezeni aManzamnyama.Muhle uMviyo ekulweni namaphupho amabi.Muhle nakuMabutho athunywa ukuyolwa.UMviyo uyangena kwezophalaza,kwezokugquma,kwiZikhafulo,kwezokukhotha,kanye nakwezokugeza.Unamandla kakhulu ekulweni.Muhle nasemithini emhlophe yenhlanhla kwazise vele ungena njengenduku ezokulwa nakho konke okubi.Muhle uma uzowuqhatha nezinduku ezifana noQhume,uVumakubangoma omhlophe,iNhlanhlemhlophe,uVelabahleke kanye neminye imithi.Muhle nasezindukwini zamaSoka.Unamandla kakhulu uMviyo nakwezokucija uBhoko lweSisu.Unamandla impela nakuleyo ndawo.Ubuye ube yintelezi uMviyo.Uyangena kwezokuchela izinduku zoMngangela,kwezaMabhande,kwezokuqina njalo njalo.Muhle nakumaGobongo ikakhulukazi eloMndiki neloMndawe.Endulo uMviyo kwakuqiniswa ngawo impi uma izophuma iyohlasela.UMviyo ubuye uphuziswe imfuyo ukuze ikhuluphale.UMviyo ongeminye yemithi enamandla ekubulaleni amagciwane angaphakathi ushise nezilonda ezingaphakathi nezingaphandle ingakho unamandla kwezokucija uBhoko lweSisu.Impuphu yezimpande zoMviyo
read moreIncazelo ngeMfeyenkawu (uhlobo lwePhakama) Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza nagnge umlomo uyangiwa kithi kwaZulu.UNowelamuva wawoShaka,uMdayi sabela kweliphesheya.UZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.ISilo sakithi kwaNodwengu leso iSilo uMpande ka Senzangakhona.Nanti iPhakama elibizwa ngokuthi iMfeyenkawu.Uma kukhulunywa nagamaPhakama kusuke kushiwo izihlahlana ezimila phezu kwezihlahla ezinkulu.KwezaMakhathakhatha umsebenzi wePhakama wukuphakamisa eminye imithi,noma ukuyiphama amandla.IPhakama liyaliphakamisa nedlozi. Yenzani iMfeyenkawu IMfeyenkawu yinhle kakhulu eMagobongweni,ikakhulukazi kweloMndiki neloMndawe.IMfe yenkawu iyangena futhi nakwezenhlanhla,izinduku ezimhlophe,ikhuphula amandla ezinye izinduku.AmaSoka ayikhonze kabi iMfe yenkawu,akhuphula ngayo amandla eNduku yawo emhlophe yokuphalazela ubusoka.Kanti futhi iMfeyenkawu ibuye ibe yintelezi, ingena kwezokuchela ekhaya ,ukuxosha imimoya emibi.Abanye bayayitshala ekhaya ukuze ivimbe abasokoco ukuba bengangeni ekhaya. Iyakhiwa ehlathini, bese ibekwa nje endaweni ephakeme ikakhulukazi phezu kwesihlahla.Noma yenzelwe isigxobo esinezimbaxa ngaphezulu ukuze ihlale kahle.Abanye bayibeka esibayeni ukuze ivikele izinkomo ezilwaneni zabasokoco.IMfeyenkawu iyangena naseZikhafulweni,iyangena futhi nasembizeni ephuzwa insizwa enenkinga yokungabatholi abantwana. ye iqhathwe noDlutshani,uMdubu kanye neminye imithi. Khumu! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole ulwazi oluthe
read moreAbakwaDlamini-Malandela. Isibongo sakwaDlamini singesinye sezibongo ezinkulu kakhulu kuleli leNgabade , kanye nakuyo yonke iAfrika esemazansi. Lesi sibongo siyatholakala lapha kwelakwaZulu, siyatholakala eSwazini (okuyilapho sinobukhosi baso obukhulu khona), siyatholalaka naseNingizimu yezwe laseZ... qhubeka ufunde »
Nina bakaNdaba omuhle kakhulu,uNdaba ngiyameba ngimuke naye ,ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe🙌🏾 Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lesi sihlahla enisibona esithombeni kuthiwa iMoringa Tree. Asinalo igama lesiZulu. Lesi isihlahla esinconywa kakhulu ngoDokotela basemhlabeni jikelele. Basithwele ngeQoma, bathi yisona esihamba phambili ekudambiseni amandla esifo sikaShukela phecelezi i-Diabetes ,ikakhulukazi lena ebizwa ngePre-Diabetes. Lona wumuthi owande lena kwelaseNdiya, nokuyilapho waqala khona. Uyatshalwa lomuthi, kepha uyazikhetha izindawo. Kwezinye izindawo uyakhula kahle , uthele nezithelo, kwezinye ufa usemncane. Lapha eNingizimu Afrika utholaka eLimpopo. Kusebenza amacembe kulomuthi. Bayawomisa, bagaye impuphu enombala oluhlaza ebizwa ngokuthi i-Moringa Powder. Le mpuphu iyatholakala nasezitolo ezinkulu. Le mpuphu isetshenziswa ukudambisa amandla esifo sikaShukela, inekeza amandla amaSotsha omzimba,phecelezi ‘it boost immune system.’ Idliwa nePhalishi elithambile , elingenawo ushukela. Noma ithelwe nje iNgilazini yamanzi, kugoqozwe, bese kuyaphuzwa. Noma ngithelwe eNgilazini yobisi, kuphuze lona okhathazwa isifo sikaShukela. Le mpuphu inhle kakhulu koBaba abangayitholi inzalo, abanenkinga yokuthamba kweNduku,noma ukuwa kwayo. Iqinisa
read more