Incazelo ngoZililo\uNozililo\Huernia hystrix\Stapelia gigantea:

 

Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi ! UMudli wenguyazana eyedwa kwaNolele! UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba abeSilo basaphila kungumhla wamashumi amabili kuNdasa onyakeni ka2023 . Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uZililo igama lawo lesiZulu , wumuthi oyintelezi ongena ezindaweni eziningi. NgesiXhosa kuthiwa uNozililo noma uMalilisa. Zimbili izinhlobo zikaZililo , kukhona oluhlazana sakuba bomvana, besekuba yilona esiwejwayele oluhlaza abawubiza ngeHuernia hystrix. Lona omunye bawubiza ngeStapelia gigantea, wona okhula ube mude kancane kunalona esiwejwayele. Lona umuthi okwaziyo ukumelana neSomiso noma nokusilela kwezimvula. Ingakho umandla kangaka, uwumuthi olwayo. NgesiSwati ubizwa ngokuthi uTililo. NgesiSuthu kuthiwa uBohatsu. NgesiVenda kuthiwa uBandaulu. NgesiNgisi kuthiwa yiCarrion flower. NgesiBhunu kuthiwa iHaasoor, noma aasbolm, noma Reuseuasblom.

Wenzani uZililo?

UZililo ufaka isililo , uyasisusa futhi. Uyangena entelezini egeza umndeni ukuze kunqamuke umkhokha wokushona kwabantu ngendlela engacaci. Uyangena futhi nasentelezi egeza isidumbu noma echela isidumbu somuntu obulawe omunye umuntu ukuze lowo ombulele alandele naye, ubuye uchele nethuna . Usuke uthakwe nezinye izintelezi. Ize abamhlophe bewutshala emizini yabo kodwa kwaboHlanga uwumuthi  ongatshalwa nhlobo ekhaya ngoba watshalwa -kuyohlala kukhalwa kulelo khaya. UZililo ubuye ungene nasentelezi echela ikhaya , ibala , uxoshe konke okubi. Uyangena nasentelezini echela imfuyo ukuze ingalandelwa zilwane futhi ingadubi ikhaya. Muhle kakhulu kakhulu nasezinsini zoMeqo. Uyangena nakwiSibambelelo. Uyangena naseMabuthweni athunywayo , ukuba ayokulwa. UZililo awuyiphumi inqina kaMabuyaze. Uyangena naseZikhafulweni . Uhamba phambili emithini yokuvala umkhokha wokushona kwabantu, ubuye uphindise. Uyangena nakwezokuchupha . Kanti nabo abakhunkuli bayawusebenzisa uma begila imikhuba yabo yasebusuku.

Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande

Baphile abakaNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphatha isibhamu , zinjengezabeSuthu bakoFabane!

UZililo \uNozililo

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo