Incazelo ngoManzamhlophe:

UManzamhlophe:

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UGawu bazawuliluba bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade kuwumhla wamashumi amabili kuNdasa onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila nina beNgwazi, cha thina eMantungweni sisaphila. Nina beMbube lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uManzamhlophe igama lawo . Anginalo igama lawo lesiNgisi. Lo muthi uwuBulawu obumhlophe beDlozi . Ungena emithini yokuhlambulula iDlozi . Kusebenza impande yawo. Lo muthi wenza umuntu  athandwe yiDlozi . Lisondele eduze kwakhe limethwale ngeQoma. Livule izinhlanhla , abe nogazi athandeke kubo bonke abantu. Lona wumuthi omuhle kakhulu kodwa abantu abangawunakile. Uqhathwa neminye mithi emhlophe oVumakubangoma , Nhlanhlemhlophe ,kanye neminye .IDlozi liba lihle kakhulu emuntwini ophalaze ngalomuthi , liyamthanda limuphe nezinto kuvuleke nezindlela. UManzamhlophe uyaphalaza , uyagquma uyageza futhi. Uyangena nasemithini edliwa uma kugezwa aManzamnyama. Uma kugezwa aManzamnyama kuye kuqalwe ngokuyogeza ehlathini . Kugeza wonke uMndeni. UMndeni usuke uhamba nenyanga esuke iqashwe yiwona uMndeni ophehlwa eManzini amnyama. Kuye kugezelwe ehlathini , esidulwini , kubuye kuphalazelwe khona futhi esidulini. Kuye kuqalwe ngemithi efana neMpila , uMviyo , uQeduhlobo, uMantingwe{uManzamnyama} , uMnqandane kanye neminye imithi . Emveni kwalokho kube sekuphindelwa-ke ekhaya kuyodliwa imithi emhlophe -ke manje. Idliwa okweviki , kuhlatshwe neMbuzi emhlophe. Kuleyo mithi emhlophe yeDlozi kusuke kukhona noManzamhlophe wona lona osesithombeni . Inkunzi malanga lena ekwaziyo ukubuyisa iDlozi eseliphenduliwe liphendulwa abathakathi. Eminye imithi emhlophe edliwa uma kugezwa aManzamnyama uVumakubangoma , uMadlozana, uMtholo njalo njalo. Muhle kakhulu lo muthi nina beSilo uyatshalwa nasekhaya ukake umuzi. Uletha okuhle ekhaya, uphebeza konke okubi , imimoya emibi , izithunzi kanye nokunye. Akukho bukhunkuli obusondelayo lapho kutshalwe khona lo muthi . Umuthi ongenayo imikhuba lona  , awukhungwa , awuhlatshelwa awenziwa lutho . Uyatshalwa nje.

Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi

UManzamhlophe

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo