UManzamhlophe:
Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UGawu bazawuliluba bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade kuwumhla wamashumi amabili kuNdasa onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila nina beNgwazi, cha thina eMantungweni sisaphila. Nina beMbube lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uManzamhlophe igama lawo . Anginalo igama lawo lesiNgisi. Lo muthi uwuBulawu obumhlophe beDlozi . Ungena emithini yokuhlambulula iDlozi . Kusebenza impande yawo. Lo muthi wenza umuntu athandwe yiDlozi . Lisondele eduze kwakhe limethwale ngeQoma. Livule izinhlanhla , abe nogazi athandeke kubo bonke abantu. Lona wumuthi omuhle kakhulu kodwa abantu abangawunakile. Uqhathwa neminye mithi emhlophe oVumakubangoma , Nhlanhlemhlophe ,kanye neminye .IDlozi liba lihle kakhulu emuntwini ophalaze ngalomuthi , liyamthanda limuphe nezinto kuvuleke nezindlela. UManzamhlophe uyaphalaza , uyagquma uyageza futhi. Uyangena nasemithini edliwa uma kugezwa aManzamnyama. Uma kugezwa aManzamnyama kuye kuqalwe ngokuyogeza ehlathini . Kugeza wonke uMndeni. UMndeni usuke uhamba nenyanga esuke iqashwe yiwona uMndeni ophehlwa eManzini amnyama. Kuye kugezelwe ehlathini , esidulwini , kubuye kuphalazelwe khona futhi esidulini. Kuye kuqalwe ngemithi efana neMpila , uMviyo , uQeduhlobo, uMantingwe{uManzamnyama} , uMnqandane kanye neminye imithi . Emveni kwalokho kube sekuphindelwa-ke ekhaya kuyodliwa imithi emhlophe -ke manje. Idliwa okweviki , kuhlatshwe neMbuzi emhlophe. Kuleyo mithi emhlophe yeDlozi kusuke kukhona noManzamhlophe wona lona osesithombeni . Inkunzi malanga lena ekwaziyo ukubuyisa iDlozi eseliphenduliwe liphendulwa abathakathi. Eminye imithi emhlophe edliwa uma kugezwa aManzamnyama uVumakubangoma , uMadlozana, uMtholo njalo njalo. Muhle kakhulu lo muthi nina beSilo uyatshalwa nasekhaya ukake umuzi. Uletha okuhle ekhaya, uphebeza konke okubi , imimoya emibi , izithunzi kanye nokunye. Akukho bukhunkuli obusondelayo lapho kutshalwe khona lo muthi . Umuthi ongenayo imikhuba lona , awukhungwa , awuhlatshelwa awenziwa lutho . Uyatshalwa nje.
Khumu!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi
nina bendlu yabo gogo bethonga mina ngibuza nge book eliphethe lezi zindada litholakala kuphi ngiyalidinga ngibonge nisazo phendula