Nina beSilo ake sibheke izilwane zaseNdle ezidla ezinye izilwane , phecelezi ama-Carnivores. Sizoqala ngalezi ezibizwa ngama-Kati \oMangove baseNdle, phecelezi Wild Cats. Lezi zilwane zibandakanya amaBhubesi , iziNgwe, iziNgulule, ama-Thayiga njalo njalo. Iningi zazo ziyakwazi nokukhwela emthini. Angikaze ngibone iNgulule ikhwela emthini.

IBhubesi\Lion:
IBhubesi libizwa ngeLion ngesiLungu. AmaBhubesi azinhlobonhlobo okuthiwa zingale kuka 15 , izinhlobo ezitholakala lapha ekhaya eNingizimu Afrika zibizwa ngeCape Lion kanye neTransvaal Lion. Ezinye izinhlobo iAsiatic Lion, European Lion, Barbary Lion, Congo Lion , Panthera leo fossilis , Southwest African Lion , Panthera leo leo kanye nezinye izinhlobo. IBhubesi laziwa njengeNkosi yaseNdle phecelezi King of the Jungle. Ize amaBhubesi enamandla kakhulu kodwa agabe kakhulu ngobuhlakani bawo bohlanganyela lapho ehlasela ezinye izilwane , ikakhulukazi ezinkulu. AmaBhubesi avamise ukuzingela ewumhlambi , kodwa izinkunzi ziyazingela zihamba zodwa. IBhubesi libuye libizwe ngeMbube, noma ngeNgonyama. Kanti inkonyane noma ichwane leBhubesi lona kuthiwa yiWundlu.

INgwe\Leopard:
Ingwe ibizwa ngeLeopard ngesiLungu. Lesi isilwane esihle kakhulu , esigabe ngamabala aso amahle. OKhokho bethu babehloba ngaso endulo, bevunula ngaso. Isilwane esinamandla lesi , futhi esinesibindi uma sihlasela. Kepha iNgwe ibuye ibalekele ezinye izilwane ezifana neziMpisi , ziyephuce inyama yesilwane esuke izibambele sona. INgwe ibuye ibizwe ngeSilo. Ingwe sengathi izinhlobo ezimbili , ngoba kukhona nalena ebizwa ngeTiger ngesiLungu, okuthiwa imvelaphi yawo iPhesheya kwezilwandle.

ITiger
Lesi silwane enisibona esithombeni kuthiwa yiTiger . Lesi isilwane esasikade singekho eAfrika ngaphambilini. Kuthiwa imvelaphi yalesi silwane iPhesheya kwezilwandle. Kuthiwa lena Phesheya kwezilwandle kunezinhlobo eziningana zeTiger, ezinye zalezo nhlobo azikwazi ukumelana nesimo sezulu saseAfrika. Lesi silwane siyakwazi ukumelana nokushisa , kanye nokubanda .

INgulule\iHlosi\Cheetah
Lesi silwane enisibona esithombeni kuthiwa yiNgulule ngesiZulu , noma yiHlosi. Sibizwa ngeCheetah ngesiLungu. Lesi isilwane esihle kakhulu njengoba nibona nina beSilo.Endulo oKhokho bethu babevunula ngaso. Akujubane kulesi silwane wumhlola. Kodwa siyigwala kabi. Asikwazi ukumelana nesilwane esizilwelayo. Uma kwenzeka isilwane esisuke sihujwa yiNgulule siphenduka sizilwela, nayo iNgulule iyabaleka. Ngake ngabuka enye yamaVidiyo laphana kuYou Tube -iNtenesha eyayikade ijahwa yiNgulule iphenduka izilwela , kwagcina sekuyiNgulule ehujwayo. IziNgulule zijwayele ukuzingela ngazimbili , kuyenzeka ibe yinye ,noma zibe ntathu.

INcukwane \Cooper Cheetah
Nina beSilo lolu olunye uhlobo lweNgulule olubizwa ngeNcukwane ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa iCooper Cheetah. Ize lungejwayelekile nje , kodwa olwakhona lapha eAfrika. Nakulona futhi akujubane, nobuvaka buyinala . KuseyiNgulule , kwehluke umbala.

INtubi\Golden Cheetah :
Nina beSilo naso lesi silwane enisibona esithombeni kuseyiNgulule njengoba nibona nje ukwakheka kwaso kuyakhombisa ukuthi yiwona impela iNgulule. Lolu hlobo lubizwa ngeNtubi ngesiZulu, kuthiwa luningi lena eMpumalanga yeZwekazi laseAfrika, koKenya nakoUganda . Akujubane kuyabhujwa.

INdabushe \Felis caral
Leli Kati laseNdle libizwa ngeFelis caral ngesiLungu, ngesiZulu libizwa ngeNdabushe. Lesi silwane esizingela kakhulu ebusuku , kuyenzeka kodwa sizingele nasemini. Isilwane esidla ezinye izilwane ezifana noNogwaja, amaGundane kanye nezinyoni. Sigabe kakhulu ngokujuma kwazise asinaso isivinini , siyakwazi nokugxumela inyoni siyibambe , sishaye eseNtwala. Lesi silwane siyatholakala nalapha eNingizimu Afrika.

IMpungushe\IKhanka\uJakalasi\Black Backed Jackal
Nina beSilo lesilwane enisibona esithombeni sibizwa ngeMpungushe ngesiZulu, noma ngeKhanka. Kubuye kuthiwe uJakalasi okuligama elisuselwa kwelesiLungu elithi Jackal.IMpunguse isemndenini wezinja zaseNdle phecelezi Wild dogs okuwumndeni obandakanya amaNkentshane, iziMpisi, imiPheme, kanye nezinye izilwane. Lesi isilwane siyinkinga kuBafuyi, sidla iziMbuzi namaZinyane. Sidla noNogwaja . Uma sijahwa izinja sivamise ukubaleka siyozithukusa emgodini weSambane. NgesiLungu sibizwa ngeBlack Backed Jackal. UJakalasi muhle kakhulu ekuhogeleni. Kukhona nompunga , obizwa ngeWhite Backed Jackal.

UMpheme\Cape Fox\iQili
Nina beSilo naso lesi silwane emndeni wezinja zaseNdle, sibizwa ngokuthi uMpheme ngesiZulu. Ngingasho futhi ngithi uMpheme uwela koJakalasi . Lesi silwane abantu bakudala babesihasha ngokuthi “siliQili elazikhotha emhlane” ngenxa yokwenza kwaso uma sijahwa yizinja,sidlalisela izinja umsila ,siwudlalise kamnandi izinja zilibale wukubuka ukudlala kumsila kanti sona ngalowo mzuzu sisuke sicela empunzini sihamba impela siqonde ngqo emgodini weSambane siyozithukusa khona . NoJakalasi nawo uyawenza lowo mkhuba wokudlalisela izinja umsila. Lesi silwane uMpheme siyangena emithini yoPhunyuka. Abanye baze balengise nomsila waso ngasesibukweni semoto ukuze baphunyuke emaPhoyiseni nasezitheni. UMpheme ubizwa ngeCape Fox ngesiLungu. Ziningi iznhlobo zamaFox .
Ngibingelele
Uma uwutshala egcekeni awunabo yini ubungozi, uma ungenabo ubungozi…uwutshala, uwusebenzise kanjani
mhlampe nanezindawo okumele uwutshala kuzo egcekeni.
Ngiyabonga