Nina abakaNowela muva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxixweni amaXhegu ayosala emizileni! #ISilo uMpande leso! Nina abeSilo ake ngibingelele enhla nasezansi,ngethemba basaphila abeMbube eshoba liyisilikithi. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo ake sibheke inyoni... qhubeka ufunde »
Nina abaka Hlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemkhaya! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyibingelele yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kung... qhubeka ufunde »
Nina abakaMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase, uNowela muva wawoShaka! #ISilo uMpande leso . Le Nsizwa endala eniyibona esithombeni uMntwana uMthonga ka Mpande. Oka Ndaba wabuthelwa ebuthweni loMbonambi ebuthwa kanye noMnewabo uMntwana uNdabuko . UMntwana uNdabuko wayelamana neS... qhubeka ufunde »
Nina abakaMamonga woSuthu uZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo! UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! #ISilo uDinuzulu leso , iSilo sasoSuthu! Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMbambangwe igama lawo, uqinile , awuvamisile u... qhubeka ufunde »
Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini ! USinqgila nganhloko kuzond’intamo! #Inkosi uSenzangakhona leyo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu kuzo zonke izindawo lapho bekhona. Cha , thina sisaphila eMantungweni k... qhubeka ufunde »
Nina abakaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe kwabhej’iNdulinde ,kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nin... qhubeka ufunde »
Umlando ngoNongalaza ka Nondela Mnyandu Nina abeMamba eyath’ukuvuka yangen’ehlathini ,ihlathi lineMbube .Yamaphul’uBusubengwe ka Nongalaza.UNgalo zinjengezeNgonyama .IMbube eshoba liyisilikithi.ISilo uCetshwayo leso’. Lezi zihasho iSilo sasoNdini sazithola eMpini yaseNdondakusuka mhla zi... qhubeka ufunde »
,Nina abakaGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo, cha, thina sisaphila kwaSOKHUMALO. Nina ... qhubeka ufunde »
Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla weshumi kuNcwaba(Ogasti) onyakeni ka 2023, ngethemba basaphila abeSilo, c... qhubeka ufunde »