Incazelo ngeNgqengendlela ( Equisetum arvense, Horsetail)

UNgqengendlela

Nina abakaSihlangu simagqabha sinamanxeba ! UVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! #ISilo sakithi eNaleni leso iSilo uMdlokombane ka Bhusha ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade . Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uNgqengendlela , uBulawu obukhulu beDlozi lobu , ziwukhonzile iZangoma noThwasa . Ubuye waziwe ngokuthi wuShobalehashi ngexa yokumisa kwawo okweShoba leHhashi. Lo muthi ubizwa nge Equisetum arvense ngoLimi loSosayensi, ngesiNgisi kuthiwa yiHorsetail okuhumusheka ngokuthi uMsila weHhashi , lo muthi usetshenziswa uMhlaba wonke jikelele, abeLungu kanye naboHlanga belapha ngawo izinso ezigulayo.

Wenzani uNgqengendlela ?

Nina beSilo le Nduku isetshenziswa yibona bonke abantu eMhlabeni jikelele. Lapha kweleNgabade ikhonzwe kakhulu yiZangoma noThwasa . YiNduku enhle kakhulu ewuBulawu futhi eyakha obuhle uBulomo. Izingxabu zale Nduku ziwuBulawu obungena eGobongweni elimhlophe leDlozi, zenza iDlozi limthande umuntu osuke ephalaze ngazo, lisondele futhi liwacacise amaphupho.Le Nduku iye igiye kakhulu nemithi efana noNgibonisele , oNhlanhlemhlophe ,uNginakile oMusa , iNingizimu , uVumakubangoma omhlophe kanye neminye imithi. Izingxabu zale Nduku zidala okukhulu okuthandeka ingakho le Nduku ibuye ithandwe amaSoka. Zibuye zibe wumuthi wezinso , umuntu osuke ephalaze ngazo ziyamshobingisa akhiphe konke okungcolile ngaphakathi esinyeni, ziyamhlanza nezinso kwazise vele le Nduku iwumuthi wokuklina izinso. Kangangokuthi lena Phesheya kwezilwandle sebaze bakhanda neTiye elibizwa ngokuthi yiHorsetail Tea , okuyiTiye elakhandelwa izinkinga zeZinso. Leli Tiye lenziwe ngamacembe kanye nezingxabu zale Nduku uShobalehashi. Le Nduku iyayigeza nenhliziyo yomuntu osuke ephalaze ngayo , imenza alangazelele ukudla abe ne Apetite .Yinhle nakubantu abanenkinga yenhliziyo kanye nabanenkinga yesifo soFuba (TB) .Kahle -hle ishisa zonke izilonda ngaphakathi , lapho esuke idlule khona . Iklina neSinye iqede izifo ezishobingisa igazi ezafana noBhelehaziya. Le Nduku kubuye kuphekwe sonke isithombo sayo kuphuze abantu abahlushwa izifo ezifana noTB, ukungasebenzi kahle kweZinso,ukopha (Bleeding) , inkinga  yeNhliziyo , iHayihayi(BP) , ukwanda kweNhlungwane(acid) njalo njalo. *Le Nduku ibuye ibe yinhle kwiMibhemiso yokubhula , iye igiye nemithi efana noMoyazwe, uNgibonisele , uMkhondweni , uBuchopho beNqe , noma owebeMpisi kanye nezinye iziNduku. ISithombo sonke sale Nduku sigqumela siphinde sigezele ukuthandeka , uGazi . Le Nduku ithandwa nangamaSoka . Le Nduku yenza insizwa ithandeke ibe yiSilomo kubantu kanye nasezintombini. Iyangena naseziKhafulweni.AmaSoka akhafula ngayo izintombi kuhlangane uCu emini iZwe libuka. ISithombo sale Nduku sibuye sigaywe bese impuphu yaso inanyekwa eManxebeni nasezilondeni zishe qhu.


Khumu!

Niphile nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu …..

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo