Incazelo ngeNtumbadlozi   ( Croton Sylvaticus, Moema tswetsi )

INtumbadlozi…

Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! #Inkosi uMalandela leyo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo, cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa yiNtumbadlozi igama lawo, noma Ndumbadlozi. NgesiLungu kuthiwa yi Croton Sylvaticus okuyiBotanical name. Ka sePedi bare ke Moema tswetsi. NgesiVenda ubizwa ngoMuima Vanda okuhumusheka ngokuthi “Ima eNkantolo” .NgesiNgisi kuthiwa yiWoodland Croton.Lo muthi muhle kwezoKhuni njengoMhlambamanzi kwazise iyakhula ilingane nawo , kanti futhi uvamise ukugiya nawo uMhlambamanzi kwezokwelapha. NgesiBhunu ubizwa nge Boskoorsbessie.

Yenzani le Nduku?

Le Nduku njengoba ibizwa ngeNtumbadlozi nje iwumuthi weDlozi. Le Nduku yinhle kakhulu uma kukhona umuntu ekhaya owashona ngezikhathi zakudala , eshonela eMpini , wangalandwa . Isibonelo nje uma kukhona uKhokho owasala eSandlwana ngowe 1879 , ongazange alandwe angeniswe ekhaya, kufuneka uSokhaya wakwenu athathe ihlahla le Ntumbadlozi alifake eBhakedeni elimhlophe qwaba elinamanzi aphikelele khona eSandlwana afike achele ngalo lelo hlahla, ngawo lawo manzi , amlande ngendlela afana neyokulanda umuntu ngoMlahlankosi . umehluko nje kuba wukuthi kufuneka azethule ukuba ungubani ozalwa ngubani ngaphambi kokuba aqale ukuchela, alusho uLibo lwakubo kuze kufike kulowo osuke elandwa. Nangesikhathi uma ithimba ebelikade liyomlanda selingena ekhaya kufuneka uSokhaya asho ukuthi sesiyangena manje ekhaya futhi alichele ikhaya. *Lo muthi uyangena naseNdukwini emhlophe edliwa uma kade kuyogezwa aManzamnyama ehlathini. Lena yiNduku edlelwa ekhaya . ebandakanya imithi efana nayo iNtumbadlozi, uMadlozana , uVumakubangoma omhlophe , iNhlanhlemhlophe kanye neminye . Le Nduku iyaphalaza , iyagquma futhi iyageza . INtumbadlozi ibuyisa iDlozi ebelikade liphenduliwe. Umuthi omuhle lona ongena eGobongweni elimhlophe lokuhlambulula iziDalwa. Uyalilungisa iDlozi. Le Nduku iyangena eGobongweni le Nhlanhla,  isuke igiya neminye imithi efana noBhubhubhu , Nhlanhlemhlophe kanye neminye. NaMasoka ayikhonzile le Nduku , iyiNduku yeNhlanhla. Iyangena futhi kwezokukhafula , ikakhulukazi kwezokukhafula uBaba wengane ukuba anake ingane yakhe , uma engayinakile eyishaya iNdiva engayondli. Lo muthi uyayixhumanisa ingane noYise ufake uthando kubona. INtumbadlozi ayisali uma kuphalaza uMndeni , ungena kwezimhlophe . Kule Nduku kusebenza ixolo kanye nempande .


Khumu!

Niphile nina beSilo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo