Incazelo ngeNdlovu   ( Elephant)

INdlovu

Nina abakaHlohloloza ngeNdlovu enonhlanya, iNdlovu  emnyama yasoNdini , ethe imuka babeyixokozelela! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe kwabhej’iNdulinde ! Kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! #ISilo uCetshwayo leso ! ISilo sakithi oNdini. Nina beSilo akekho ongamazi uGatsheni , uGatsheni lona osesithombeni, yiNdlovu lena nina beSilo . Yisona silwane esikhulu ukwedlula zonke izilwane eziphila eNdle. UMkhoma awubalwa ngoba uphila emanzini. UGatsheni nina beSilo ungesinye sezilwane ezibizwa ngeBig Five(5). Akumandla kuGatsheni kuyabhujwa . UGatsheni akanqeni ukufica isihlahla esikhulu sizimele eNdle afike asiwise kungabindabazalutho , maqede akhale emuke azihambele engadlanga ngisho nesithelo saso, ngisho necembe laso. Bahlukahlukene oGatsheni , uGatsheni otholakala lapha kweleNgabade ubizwa ngeAfrican Bush Elephant, kukhona nezinye izinhlobo zoGatsheni ezibizwa ngoAsian Elephant , Borneo Elephant , Indian Elephant njalo njalo . *Ujulile uGatsheni nina beSilo , kuthiwa akakhohlwa futhi uyawabamba namagqubu. Kuthiwa uma kufe enye iNdlovu ezinye ziyalila njengabantu ,ziyilele,  zizile njengabo abantu , zize ziyithune ngokubeka izihlahla phezu kwesidumbu. Ezinye izilwane okuthiwa nazo ziyala -izinyoni amaGwababa. Okunye abantu abangakwazi ngoGatsheni wukuthi amabele kaGatsheni weNsikazi asesifubeni njengawo muntu , futhi mabili njengawo awomuntu . UGatsheni kuthiwa ukhulelwa izinyanga ezingama 18 , kuya kwezingama 22. Kuthiwa uGatsheni  walapha eAfrika eseMazansi uphila iminyaka engama 60 , kuya kwengama 70. UGatsheni naye uyangena ezinkulumeni zesiZulu , ezinonophalisa ulimi lwesiZulu, iZaga neZisho. Uyangena uma kuthiwa “INdlovu ayisindwa uMboko wayo” , okuchaza ukuthi “Umuntu akehlulwa ukondla izingane zakhe,noma umuntu akahlulwa izinkinga noma izinselelo zakhe.Lesi iSaga esigqugquzela abantu ukuba bengazilahli izingane zabo,noma bangalilahli ithemba . Esinye iSaga esithinta iNdlovu sithi “INdlovu idla abasondezeli” okuchaza ukuthi “abantu abaseduze nomuntu omkhulu yibona abangazithola sebesezinkingeni.

UGatsheni kwezaMakhathakhatha.

Njengoba bengike ngasho nina beSilo , uGatsheni bathi akakhohlwa. Ngakho-ke ubuchopho bakhe bungena eMibhemisweni wezingane wokuhlakanipha nokuphumelela esikoleni. Buye bugiye nobukaChaikide , uSingalwesalukazi kanye nezinye iziNduku. Ithambo le Ndlovu lingena kwezokuqinisa imoto ukuba ingawi.Lihle kulabo abanezithuthi ezifana namaBhasi , amaKhumbi, amaLoli njalo njalo . UMboko weNdlovu muhle kwezokudonsa , muhle futhi nasemabhandeni okulwa. Amafutha eNdlovu nawo ayangena kwezokudonsa , kanye nasemithini yokulwa. Amasimba eNdlovu ashunqiswa ukuxosha imimoya emibi. Ayashiswa futhi uma kuduma izulu, ehlisa ulaka lwezulu. Ayashiswa ashunqisele umuntu ophethwe umunguzile ongapheli, umuntu owopha ngamakhala. Mahle nasekudonseni , ayayakha futhi inhlanhla uma uqgume ngawo , asusa namabhadi .


Khumu!

Niphile nina beNdlovu yakoDelwase abayihlabe ngeNjongolo bayibangela amanxeba okuluphala ! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olwazi oluthe thuthu..

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo