Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngeSiqophamithi (Woodpecker)

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo, cha sisaphila thina kwaKhumalo. ISiqophamithi\Woodpecker. Nina beMbube enamandla le nyoni eniyibonayo kuthiwa yiSiqophamithi ngesiZulu, ngesiNgisi kuthiwa yiWoodpecker. Le nyoni yaziwa ngokubhoboza iziqu zezihlahla ngenhloso yokwakha isidleke sayo ngaphakathi , noma ngokuzifunela ukudla nje ikakhu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhwangu (Erythrophleum lasianthum )

Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini , inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMkhwangu igama layo , iningi ngapha koMkhanyakude. NgesiNgis... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMavulakuvaliwe!!

Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana , abasezithenji nabasemakhaya ! UShaka ngiyesaba ukuthi uShaka , uShaka kwakuyinkosi yaseMashobeni! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuzo zonke izindawo lapho inkanise khona, ngethemba isaphila.... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMahamba ngeNdlwana.

Nina abaka Hlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Enhla nasezansi ngiyibingelele yonke iNgabade , ngethemba nisaphila. Cha , thina sisaphila kwaSokh... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeBhucu(INgcelwane, Bulbine latifolia )

Nina abakaNdaba kazimudli -zimbukani? Zimbona ngoba ekhafulwe yiNdlovu! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe kwabhej’iNdulinde! Kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela ! #ISilo uCetshwayo leso! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi . Ngethemba isaphila yonke iNgabade , c... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtshungu( Momordica balsamina )

Nina abakaMkhumbi gudluka sibone aMagumgedlela! UCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! UZitho zimbombo zimbombonono zifana nezika Dadewabo uSililo! #ISilo sasoSuthu leso iSilo uDinuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wesithuph... qhubeka ufunde »

Incazelo ngePhamba (Chlorophytum comosum )

Nina abakaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wesine kuNcwa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoShisizwe ( Portulaca amilis )

Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqed’umuzi ngokunkenkeza! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda!#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlonhlo wehlathi( Euphorbia grandidens )

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa ezulwini , uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!ISilo uMpande leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu,kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Cha , thina sisaphi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNgqungqulu( Bateleur Eagle)

Nina abakaMkhangula jozi phansi kweTshana, ulikhangule ngoFalaza, uFalaza wathukuthela! UZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDdewabo uSililo! #ISilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina bakaMamonga woSuthu. Cha, thina sisaphi... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!