Incazelo ngeNyazangoma elimnyama   ( Prunus africana)

INyazangoma elimnyama

Nina abeSilo sakithi oSuthu uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? UMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu! #ISilo uDinuzulu leso ! ISilo sakithi oSuthu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiNyazangoma elimnyama igama layo lesiZulu. Ngokwazi  kwami zithantu izinhlobo zamaNyazangoma , kukhoma elimnyama , elimhlophe kanye nelibomvu. Wonke amaNyazangoma angena kakhulu kwezesichitho kanye nakwezamaLumbo. Ngisazowachaza nje wonke womathathu, kuyo le Ngosi. Lo muthi waziwa nge Prunus africana ngeBotanical name. Ka sePedi bare ke Mogohloro. Lo muthi ubuye waziwe nge African almond ngesiNgisi . AmaBhunu awubiza nge Rooistinkhout,noma  Afrika-amandel.

Yenzani na le Nduku?

Lolu hlobo lweNyazangoma yilona olumandla kakhulu ukwedlula wonke amaNyazangoma. Luhle kakhulu kwezokucupha ithuna , kukancane ukuba lusale lapho kuthakwa iNduku yokucupha ithuna. Lolu hlobo lweNyazangoma luhle kwiMibhulelo,kumaLumbo. Luhle ekukhipheni isichitho esinenkani. Lo muthi awusali uma kugezwa isiguli esigula ngenxa yobuthakathi, ubusokoco. Uyintelezi lo muthi .Kuwona wonke amaNyazangoma engiwaziyo kusebenza ixolo. Liyaphalaza, liyageza , liyancindwa, liyagquma futhi. Le Nduku yinhle kakhulu nakwezokwakha isithunzi , iye igijime nabo oMnyamathi laba, oMhlonishwa , oSibhaha kanye nezinye iziNduku. Le Nduku yinhle nakwezokuphindisa. Yinhle futhi nakwezokuqina , ukuzivikela ezitheni. Lo muthi muhle nasekugezeni amashwa , amabhadi , izithunzi ezimbi. Le Nduku iyangena emithini ebomvu yokuphalaza nokugquma. Iye igiye noVumakubangoma obomvu, iNtolwane , uMaphipha kanye neminye. Lo muthi uyangena nakwezokwelapha iLumbo lezintwala , kahle-hle wonke amaNyazangoma ayangena kuleyo ndawana kodwa lena yiyona nkunzi. Umuntu osebenzisa le Nduku , uyahlonishwa ezweni , athwale ngeQoma. Wakha isithunzi lo muthi .


Khumu!!

Niphile nina abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo