Incazelo ngoHlazafukwe

UHlanzafukwe

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba isaphila yonke iNgabade . Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uHlanzafukwe, isetshenziswa kakhulu izinsizwa , ingena kwezoMvusankuzi. Le Nduku nina beSilo iwela eMndenini wezihlahla ezibizwa ngama-Fern Plants , okuwuyizihlahla ezibandakanya,amaJaji kanye  neSigqiki soMkhovu. Le Nduku ibuye yaziwe ngeNkomankoma, noma ngeSikhomakhoma.Kodwa hhayi iNkomankoma ebuye ibizwe ngamaJaji. Kusebenza impande kule Nduku, ingena ezimbizeni zemizwa yocansi ezinsizweni. Kanti iyakwazi nokugiya iyodwa , uvele ubilise nje impande noma izimpande zale Nduku wenze iMbiza ephuzwayo . Le Mbiza ishisa izilonda ngaphakathi ivule futhi nemithambo evalekile. Le Nduku imila endaweni eyande kakhulu amanzi, iyatshalwa nasekhaya. Uma itshalwe ekhaya kuye kudingeke ukuba ichelelwe kakhulu kwazise iyisihlahla esizwana kakhulu namanzi.

Yini enye eyenziwa yileNduku?

Nina beSilo le Nduku ibuye ibe yintelezi, nakhona ezintelezini kusasebenza yona ingxabu. Ingxabu yale Nduku yinhle kakhulu ekumiseni icala. Iye ithakwe nezinye iziNduku ezifana noCalakalithethwa, iNtuma, uMayime kanye nezinye iziNduku. Kwezamacala le Nduku iyageza, iyagquma , iyaphalaza , iyakhothwa ezinsizini , iyaphalaza futhi. Le Nduku iyangena kwezokubopha intombi , iyenze ihlale ibona wena nje emehlweni ayo, ikakhulukazi uma yeshelwa.Uma ihlela noma  ifuna ukuyolala nenye indoda ivele ishaywe wuvalo izizwe sengathi uyayibona, uyibhekile. Le Nduku iyangena nakwezokuchela ikhaya , ixosha imimoya emibi, izikhova kanye nazo zinke izinto zabakhunkuli. Le Nduku iyangena futhi nakwezokwakha iSithunzi, iyagquma , iyageza iyaphalaza. Le Nduku iyatshalwa nasekhaya, iyalivikela ikhaya njengaso iSigqiki soMkhovu, ilivikela kubo bonke ubukhunkuli, ilenza lihlonipheke futhi , lingadeleleki. Ilenza libe neSithunzi.

Khumu!


Niphile nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafika ngamudla kanti ngizifaka iLoyi eSiswini. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi..

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo