Incazelo ngoBukhwebezane (Lantana rugosa)

UBukhwezane(Lantana rugosa)..

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo sakithi KwaDukuza leso, iSilo uShaka ka Senzangakhona. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uBukhwebezane ngesiZulu. Umbala oPhepuli njengoba ubizwa ngombala oBukhwebezane nje kususelwa ezithelweni zalo muthi , ezinombala oPhepuli. Umbala oPhepuli akuwona umbala oNsomi nina beSilo. Umbala oNsomi ufana nenyoni iSomi. Nina beSilo lo muthi ubuye waziwe kakhulu ngoTshwalabezinyoni noma ngoTshwalabentaka kwazise izithelo zawo zithandwa izinyoni. Kodwa akubona uTshwalabezinyoni lobu esibejwayele noma esibaziyo. *Anowuyeka lo mkhutshana wenu wokuvele niphikise nje singekho nesidingo. Lo muthi ngesiNdebele sakwaMhlanga ubizwa ngeSekwebetane. Ka se Sotho bare ke Mabele-mabutsoa-pele,kapa  Molutoane. AmaBhunu awubiza nge Voëlbrandewyn, noma Wildesalie.AmaNgisi awubiza Bird’s Brandy noma Bird’s Beer. OSosayensi bawubiza nge Lantana rugosa.

Benzani-ke uBukhwebezane?

Nina beSilo kule Nduku kusebenza amacembe kanye nezithelo . Amacembe ale Nduku exutshwe nezithelo aye agxotshwe ebese ethelwa amanzana amancane, bese  kuconsiselwa umhluzi wawo ehlweni noma emehlweni abuhlungu. Kuthiwa isithelo sale Nduku sifana noKhalothi, uma usidla siyawalola amehlo, siwenza abe bukhali abone into ekude. Sihle kakhulu kubantu asebebadala . Amacembe ale Nduku abuye asize kwiZilonda ezingaphakathi kumuntu . Aye agxotshwe bese ethelwa amanzi afudumele, enziwe isiphungo siyoshisa izilonda emaphashini , ezibindini, esinyeni kanye nakuyona yonke indawo ngisho nasezinsweni. Lesi siphungo senza umuntu aphefumule kahle , sihle emaphashini. Sihle nasesinyeni , sihlanza isinye kumuntu wesifazane siqede nephunga elingelihle eliqhamuka empahleni kaDade kwazise amacembe ale Nduku anuka kamnandi. Siyamshobingisa uDade lesi siphungo, sikhipha yonke into engcolile esinyeni sivuselele nemizwa simenze athokozele uCansi. Lesi Siphungo sehlisa inhlungwane(acid) kumuntu, sehlise namandla oMdlavuza. Siqede nezinyama ezikhula eSibelethweni eziholela ekutheni umuntu wesifazane aphathwe uMdlavuza weSibeletho.Lesi siphungo sihle ekwehliseni amandla ezifo ezingaMahlalakhona. Lesi siphungo nasekugayeni ukudla esiswini. Lesi siphungo nakubantu abasheshe bakhohlwe , sihle ezinganeni ezingena iskole kanye nakubantu abadala . Izimpande zaleNduku ziyangena kuMhlabelo oyiMbiza, ophuzwa ngabantu abalimele. ISiphungo samacembe oBukhwebezane sihle kakhulu kuma-Ulcer .

Khumu !

Niphile nina abeZulu eliphezulu. Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo