Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwana lwakithi kwaBulawoyo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka gaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba usaphila uZulu omuhle kakhulu. Cha, thina sisaphila kwaKhumalo. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uNukani oyiKhambi igama lawo lesiZulu. Lena kwaSoshangane le Nduku ibizwa nge Mthathathuri . Bathathu oNukani engibaziyo , kukhona nomunye uNukani onuka kakhulu kunalona , wona ubizwa ngoNukani waMampondo,ngoLimi lokwebolekwa ubizwa nge Tagetes minuta , noma ngeKhakibos.
Owesithathu uNukani ubizwa ngeStinkwood, sengachaza ngawo.Bonke oNukani badila kakhuliu neSichihto. UNukani waMampondo unephunga elingabekezeleleki, kodwa okiuhamba kuhambeke liguquke libe lihle, ikakhulukazi uma seyomile iNduku. uNukani waMampondo kwakhiwa ngawo ama- Essential Oils, okuwuOyela onamakha amnandi okwenziwa ngawo iZiqholo phecelezi Perfumes. UNukani ubuye waziwe ngelikaShibhambhemu.
Wenzani-ke uShibhambhemu?
Nina beSilo le Nduku ayivamisile ukusala emithini yokukhipha izichitho kwazise vele kwakhiwa ngayo isichitho. Le Nduku iyachatha , iyagquma iyageza. Iye ithakwe nezinye izinduku ezifana noMvuthuza, oShaladilezinyoka, oNukani ikhubalo kanye neminye imithi. Le Nduku ibuye ibe yinhle nasekukhipheni amathunzi amnyama. IMpande yale Nduku iyangena emithini yokuvusa iNduku, iyangena futhi nasemithini yezifo ezishobingisa igazi. ISiphungo esibilisiwe samacembe ale Nduku sihle kakhulu ekubuleleni izikelemu esiswini, sihle nje nasekwelapheni isisu esijuqayo . UNukani muhle nasekwelapheni isichitho sezintwala zeNgulube , uye uthakwe nezinye iziNduku . kuchathwe , kugezwe , kugqunywe umuntu oshaywe ngezintwala zeNgulube. UNukani uyangena nakwezocupha nokukhipha isilwane.
Khumu!
Niphile nina abeNdundumo yakithi eMgungundlovu. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi…..