Incazelo ngeSihaqa saseZimbabwe (Cassia abbreviata )

 

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethema basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa iSihaqa igama lawo .Lo muthi uyatholakala laphayana eFaradeyi , lona umuthi omuhle kakhulu ekwehliseni inhlungwane (acid) kanye noshukela emzimbeni. Kusebenza ixolo kulo muthi , alibabi alibabi libuya ngokuzolala . Lo muthi utholakala ezweni laseZimbabwe , aBelaphi beNdabuko baseFaradeyi bawuthola ezinsizweni zaseZimbabwe. Lo muthi ubizwa ngeSihaqa ngoLimi lwesiNdebele sakwaMthwakazi. Lesi iSihaqa esingafani nesaseNingizimu Afrika. ISihaqa saseNingizimu Afrika sibizwa nge Tulbaghia violacea ngesiSosayensi phecelezi Botanical name, kanti esaseZimbabwe sona sibizwa nge  Cassia abbreviata . Kanti futhi esaseZimbabwe sikhula sibe yisihlahla impela esiba nexolo, kanti esaseNingizimu Afrika sona sikhula singafiki ngisho nasemadolweni omuntu . ISihaqa saseZimbabwe sibizwa ngokuthi u Muremberembe ngoLimi lwesiShona, noma Muvheneka. Kase Tswana bare ke Molepelepe, kapa Monêpênêpê . NgoLimi lwesiBhunu sibizwa nge Sjambokpeul, noma Peulboom. NgesiVenda kuthiwa uMuboma,noma  uMulambivhu. NgesiNgisi kuthiwa i Long-tail cassia, noma Sjambok pod,noma  Wild senna

Senzani-ke iSihaqa?

Kusebenza ixolo kulo muthi . Liye lifakwe emanzini afudumele bese lilungela ukuba yiMbiza ephuzwayo eyehlisa inhlungwane , kanye noshukela . Le Mbiza iphinde ihlakaze yonke inyongo ngaphakathi esiswini , ihlakaze naleyo eseyenabele ezibindini nasemaphashini. Ixolo lale Nduku liyangena naseziMbizeni zikaMalaleveva . IMbiza yexolo lale Nduku yinhle nasekwephani ikhanda elibangelwa ukwanda kwenyongo. Ixolo laleNduku liyangena naseziMbizeni zoMhluma , kanye nakwezezifo ezishobingisa igazi


Khumu!

Niphile nina abakaNdaba omuhle kakhulu! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo