Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMashikizela ashiye impi yakhe! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu!! … #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu..*... qhubeka ufunde »
Nina abakaMashikezela ashiye impi yakhe .Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngeMikhemezelo! #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu . Enhla nasezansi ngethemba baphila abeZulu eliphezulu. Sisaphila thina kwaSokhumalo. Nina... qhubeka ufunde »
U-Mtotobi ka Nkumba Mabaso wabe engenye yeziNduna zeSilo u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo. WayeyiNduna yomuzi waseMncwazini , iButho elaliqaphe lowo muzi lalibizwa ngokuthi uMncwazi. Abantu bakwaMabaso bayiNdlunkulu yaMaNtungwa , u-Mabaso okwaqambeka ngaye isibongo wayenguMnewabo kaKhumalo ka Mntung... qhubeka ufunde »
Nina abeSela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni!! Vezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula , izona ezosala zibalilela amanxiweni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! …..Enhla nasezansi ngiyababingelela ab... qhubeka ufunde »
Incazelo ngoMhlapho weHhashi Nina abakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama,uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane.USimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini.ISilo uMpande leso,iSilo sakithi kwaNodwengu.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSi... qhubeka ufunde »
“UMafukula owafukula kwakhwabitha iNkosi! UGwagwa liyagwagwa umbane wezulu! Wena owaciba ngomkhonto kwaphepha iNkosi yabeNtungwa “ Lezi izihasho zikaMhabahaba indodana kaZama kaBebesi wakwaMkhwanazi, namuhla waziwa kakhulu ngelikaMhabahaba ka Nkwali . UMhabahaba wayengelinye lamaqhawe kaMzilikaz... qhubeka ufunde »
Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! USingqila nganhloko kuzonde intambo nyakawumbe kuyozonda isibili!! ## Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu , ngethemba basaphila abeSilo . Cha , sisaphila thina kwaSokhumalo . ***Nina beSilo le Nduku ibizwa ngeNs... qhubeka ufunde »
Izithakazelo nomlando wakwaNyandeni Abantu bakwaNyandeni babekade bengabaNtungwa bakaMbulazi ngokobuzwe ,bengabakwaKhumalo.UNyandeni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engenye yamadodana kaMashobana,engumnewabo Mzilikazi,Nzeni,Ntshembeni nabanye.Isibongo sakwaNyandeni sakheka ngemuva kokuba kuxoshwe uNy... qhubeka ufunde »
Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USimayedwa njengeLanga lona limi lodwa emaZulwini! #ISilo uMpande leso , iSilo sakithi kwaNodwengu. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba basaphila. Sisaphila thina kwaS... qhubeka ufunde »