Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini!! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni , yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INzima ewukwena koMkhumbane , khona kwena kungafakwa lunyawo!! #ISilo sakithi eMg... qhubeka ufunde »
Nina abeZulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela!##ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande... qhubeka ufunde »
Nina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela izingobe emashobeni, uSongobese wamakhanda inkomo yanganene iyakuthengana nayiphi na eNenekazi ? Iyakuthengana noMbangambi woVuma eMashobeni. UQonsi UQonsi wumuthi omuhle ekuloleni imbazo ebuthuntu kowesilisa. Lo muthi umandla kakhulu kangangokuthi us... qhubeka ufunde »
Nina abakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela! ISikhukhulane sika Ndaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla eziNkwazini zoThukeka! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama !!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ... qhubeka ufunde »
Nina abakaMkhumbi gudluka sibone aMgumgedlela ! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani-lokhu sasiyokwenza amaGudu okubhema!UNongqayiza bayakuthibela , uthitshelwe nguMalimade , uthitshelwe ngabamhlophe abeLungu! UMgwazi kaqaqi uqaqelwa zinyoni!!#ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeSibabuli (Sulphur powder) Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethemthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili. INtulo ebande ngodonda kwaBhekuzulu.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana. USihlangu simagqama sinamanxeba.ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokombane . Enhla ... qhubeka ufunde »
Nina aboVemvane luka Phunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini , lunjengoVumakubangoma! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! INdiha lebabayo enjengeSibhah... qhubeka ufunde »
Nina abeSilo sakithi KwaDukuza uHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya!UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi!! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijeyeze abasinini bengoma! Inkomo eyakhala eMthonjaneni iZizwe zonke zayizwa ukulila!! #ISilo uShaka leso , iSilo ... qhubeka ufunde »
Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo, uMashikizela ashiye iMpi yakhe, iNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe !! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila ab... qhubeka ufunde »